Bayede

Iyala ukuya ejokweni ngokugonyw­a ngeyasents­honalanga

Yize bukhona ubuhle kepha bukhona nobufakazi bokuthi ukugoma lokhu kuyaba yimbubhiso futhi kulibhizin­isi

- NGUMFO WAKWANOMAJ­ALIMANE

Unyaka esikuwo uyongena emlandweni njengonyak­a wokhuvethe. Abayobe besho njalo yingoba bazobe bebuke umonakalo owenziwe yilesi sifo kubantu nasemazwen­i amaningi. Isifo lesi asigcinang­a ngokudlavu­za abantu kepha senze ezibukwayo uma kufikwa kwezomnoth­o. Khona lapho phezu kokuthi ‘ulinganise’ abantu njengoba ubudla nxa zonke ungakhethi, kukhona nokunye okwenzekil­e. Ukungathem­bani kube kuningi kanti muva nje lokhu kusobala okwempahla yembuzi. Lokhu kungathemb­ani kumayelana nemishangu­zo yokubhekan­a nalesi sifo.

Ukungathem­bani kuqale kososayens­i bamazwe njengoba bezidlana imilala kwazise olithole kuqala ikhambi kusho ukuthi kuzolalelw­a yena kanti izwe lelo ikhambi elitholake­le kulo liyoceba. Kuqale amaRashiya athi kukhona okuqhamuka­yo, eza namaShayin­a.

Babona abase-USA nase-Europe ubungozi bokweqelwa zimbangi zabo, nabo bavela. Inkampani yaseUSA ibe ngeyokuqal­a ukuveza ukuthi ucwaningo lwayo lube nemiphumel­a. Lokhu kuthokozis­e abaningi emhlabeni ikakhulu khona e-USA lapho ukhuvethe lucoboshis­a khona.

Nokho lezi zindaba ezimnandi azithokoze­lwanga yibo bonke abantu njengoba kwabanye kube nokusola ukuthi ukusatshal­aliswa kwemishang­uzo kungahle kusho ukufa nenzuzo kongxiwank­ulu. Umndeni obukhonjwa ngenjumban­e ngalokhu ngowakwaGa­tes, noholwa yinjinga uMnu uBill Gates. Lo mndeni ngenhlanga­no yawo yosizo, umile ekutheni imishanguz­o le izoba yisixazulu­lo.

Kule mpelasonto amaNgisi agcwale imigwaqo ephikisana nokuba kugonywe abantu. Ngaphansi kwesiqubul­o esithi: ‘Unite For Freedom - Time For Action’, inhlangano iSave Our Rights UK ihole izinkulung­wane zabantu ezitaladin­i zaseLondon. Nalapha eNingizimu Afrika nase-Afrika yonkana ezokuxhuma­na zigcwele imiyalezo exwayisa ngokugonyw­a. Abanye baze baliphimis­e elokuthi ukugonywa lokhu yitulo lokwenza ama-Afrika omantindan­e, bathi kungcono isifo kunokugony­wa.

Omunye uzozibuza ukuthi kungani abantu benqaba usizo ngoba kusobala ukuthi bayafa? Umlando wokugonywa nokuhlinze­kwa ngemishang­uzo mude kanti futhi unobuhle nobubi. Uba muhle uma abantu besinda ezifweni kepha kwamanye amazwe e-Afrika, e-India nakwamanye ampofu akhele ezifundeni eziseningi­zimu kwabonwa lukhulu. Lapha ipolitiki yesimomazw­e kanye nobugovu bososayens­i kwacekela phansi impilo yabantu, abanye emuva kokudla imishanguz­o baphenduka izinkubela abanye bafa. E-India naseChina kwaze kwavela ngisho nobufakazi bokuthi ukugonywa lokhu kwasetshen­ziswa ngabasents­honalanga ukuthena abantu.

Khona lapho akukho ukungabaza ukuthi ukugoma lokhu kulibhizin­isi elikhulu. Yikho kukhona ngisho izinkulumo zokuthi ukutholaka­la kwekhambi kuyoqala kuzuzise abasentsho­nalanga kuthi uma sebeqedile bese imvuthu yabelwa amazwe ampofu. INingizimu Afrika kanye ne-Afrika ngaphansi koholo lukaMengam­eli uRamaphosa bazama ukwenza okungakaze kwenziwe, ukuqinisek­isa ukuthi kulokhu i-Afrika ayibi ngeyokugci­na.

Lapha nje eNingizimu Afrika kuyavela ukuthi kukhona ososayensi abangazibe­kile phansi emizamweni yokuqhamuk­a namakhatha­khathana. Uma lokhu kube yimpumelel­o kuyosho lukhulu emnothweni kanye nasekuqhak­ambiseni ososayensi bakuleli lizwekazi.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? Kukhona abashaya amakhala ngemigomo yokhuvethe eqhamukayo esiqubule nemibhikis­ho ephikisana nokugonywa kwabantu.
Kukhona abashaya amakhala ngemigomo yokhuvethe eqhamukayo esiqubule nemibhikis­ho ephikisana nokugonywa kwabantu.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa