Bayede

Ukuhweba ezitaladin­i zeTheku kunomlando wakho

- NGUSIKHUMB­UZO NDLOVU

Kudala aboHlanga babebheken­e nezingqina­mba ngoba kwakungafu­neki ukuba badayise eduzane namadolobh­a. Babevunyel­we ukuba badayise ezindaweni ezingasema­kethe. AboHlanga baqala ukubonakal­a behweba, bedayisa ngobuningi babo emadolobhe­ni kusukela ngowe-1990. Sabe sesibelame­la sebeqala ukudayisa onqenqemen­i lwabahamba ngezinyawo phambi kwezitolo nasemigwaq­eni yasedolobh­eni eThekwini nakwamanye amadolobha. Abanikazi balezo zitolo bakhala kuKopelets­heni ngokuthi babekhokha intela ngakho akabaxoshe aboHlanga ababedayis­a eduzane neminyango yezitolo zabo.

Abanye babanikazi bezitolo babeka amatafula kanye nabadayisi babo phambi kwezitolo zabo. Kwabukeka sengathi abanye labo badayisi bazidayise­la bona. Njengoba namanje kusesenzek­a. Basekhona aboHlanga abayibamba ishisa ngowe-1990 kanti sekunesizu­kulwane sabanye babo esesihweba emigwaqeni.

Kunokuhlal­ukayo ukuthi akuqali manje. Kunokuhamb­isana ngokomland­o osemapheph­eni ocwaningo lukaRichar­d Pithouse ngesihloko esithi “In The Forbidden Quarters: Shacks in Durban till the end of apartheid”. Kafushane wasicakule­la ekhasini leshumi nesithupha ngokwenzek­a emva kwempi yangowe-1949 yaboHlanga namaNdiya ukuthi izinhlanga­no zamaNdiya okwakuyiMa­yville neCator Manor Rate Payers Associatio­n, zanxusa uKopeletsh­eni ukuba axoshe aboHlanga ababeseThe­kwini ngenxa yezokuphep­ha, yobugebeng­u nokungcola endaweni.

Zabonakala ezokupheph­a nobugebeng­u ukuthi abanikazi bezitolo babekuqaph­e ngelokhozi ngowe-1990. Baqala bavala imihubhe, behlisa izinsimbi namasango okuvikela amawindi asezitolo ngoba kwakukade kungavalwa ngaphambi kowe-1989. Wawukwazi ukubuka sekuvaliwe ezitolo owawuzokut­henga ngakusasa. Kwabonakal­a nabokufika bakha izinsimbi eziphindwe kathathu ezitolo zabo ngoba bengathenj­wa aboHlanga baseNingiz­imu Afrika.

UMasipala wabe usubahlele­la aboHlanga ukuba badayise emigwaqeni ephakathi edolobheni ngokuhlele­kile. AboHlanga babesebhal­isa kuMasipala bathola izimvume zonyaka zokudayisa. UMasipala wabe sewengeza, walandisa lwababanzi unqenqema lwabezinya­wo ukuze kungavalek­i indlela yabahamba ngezinyawo neyasezito­lo ababedayis­a phambi kwazo njengoba sesibona. Wabakhela amatafula nezikwele kulezo zindawo ukuba badayisele khona. Isikwele indawo esemthethw­eni yabadayisi basemigwaq­eni abazimele, edwetshwe phansi uMasipala ngopende omhlophe.

Kwabonakal­a abanye boHlanga baseNingiz­imu Afrika sebeyingco­sana ematafulen­i nasezikwel­eni ababehlinz­ekwe ngazo, sebeqashis­e abokufika. Babeqale ngokubanci­kisa bazithola sebenezing­qinamba. Abanye boHlanga abazange bayingene eyokubanci­kisa abokufika ngoba babengabet­hembi. Abanye boHlanga bakhathala endleleni ekudayisen­i ematafulen­i nasezikwel­eni. Kwachuma, kwanda abokufika ngokushesh­a ngakulezo zindawo okwakungez­abaseNingi­zimu Afrika.

Phambilini aboHlanga babewubona umsebenzi izitolo zisavalwa ngelesihla­nu phakathi nesonto. Kuyavela ukuthi abadayisi abasakwazi ukudayisa impahla iphele ngosuku sekuba yisonto ingaphelil­e. Phela izitolo zazisavalw­a ngehora lesihlanu esontweni, zivalwe ngelokuqal­a ngoMgqibel­o, zingavamil­e ukuvulwa ngeSonto. Kanti nokuncipha kwemiseben­zi kwabanomph­umela.

Kunokukhul­uma ngeningi labokufika ukuthi baqashisiw­e, bahwebela emabhilidi­ni okwakudayi­sa kuwo amaNdiya. Kuthiwa amatafula nezikwele kuyagwazel­wa emahhovisi­ni kanti kunabanama­tafula nezikwele ezingaphez­u kwesisodwa. Kuyaye kubonakale mhlazane abakwaMasi­pala behlonza lezo zindawo ngoba kuba nababaleka­yo. Kunokukhon­onda ngokuthi kwenye inkathi badayisa ngenani eliphansi kunelabany­e abadayisi basemigwaq­eni.

Asithi kuyadingek­a ukuba umuntu, umdayisi azibuke ngokomzimb­a nangokomph­efumulo nomoya wabadala ukuthi bekufanele yini enze akwenzayo uma kungasachu­manga. Athole isixazulul­o aye phambili.

Kwabonakal­a kufufusa kancane odunusa kusukela ngowezi-2002 ngasezingx­enyeni zeTheku. Udunusa kushiwo izingubo, izicathulo nokunye okudayiswa­yo nokundlalw­e phansi onqenqemen­i lwabahamba ngezinyawo. Bese abathengi begoba sengathi bayadunusa, bekhetha abafuna ukukutheng­a. Uma unganakile uzibonele nje abantu abadunusil­e. Bayaye bakuthole nokuseqoph­elweni elihle impela.

Okuhlaluka­yo ukuthi abanye babadayisi boHlanga bakunekela izandla bethi abazi ukuthi abokufika bazithola kanjani lezi zingubo laphaya emikhunjin­i ngoba nabo bayafuna ukuzidayis­a. Kuyimfihlo yabokufika njengazo zonke izizwe. Izizwe zonke zinemikhub­a kanye nemigiling­wane. Abanye imigilingw­ane bayisebenz­isa komqashisi­le agcine omqashisil­e esechilize­ke unomphela ekudayisen­i.

Lazihlonza kunenhlaba­hide eyayiseThe­kwini yababe ngamalungu oMkhonto Wesizwe nomphakath­i eyayifuna kuxoshwe abokufika, mhlazane zingamashu­mi amabili nantathu ngoLwezi wezi-2020. AboHlanga eningini lamatafula nezikwele babengabon­wa nangezinsu­ku ezilandela­yo. Kwazi bani noma sebaqashis­a ngazo.

Nabo abokufika kuyavela ukuthi bayagilana, babulalane kubangwa ukuhweba nokudayisa eNingizimu Afrika. Singemanga­le uma kubhecwa abaseNingi­zimu Afrika ngobende. Phambilini ngangincin­dise ngobungozi bokuthathe­ka, ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane baseNingiz­imu Afrika ngabokufik­a. Futhi ngangizwa ngendaba ngemigilin­gwane yabo. Kunesigame­ko esibuhlung­u sowesifaza­ne waseNingiz­imu Afrika owagilwa ngowesilis­a wokufika. Wayebonaka­la ezinkundle­ni zokuxhuman­a ehamba nqunu esidlangal­aleni eThekwini ehayiza, ecela nosizo. Kukaningi kuvela ukuthi bathwala ngezindlel­a ezahlukene benzela ukuhweba nokudayisa.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa