Bayede

Incithakal­o edla lubi ngesikhath­i sikaKhisim­usi kayinasidi­ngo

- NGUSIPHO BANDA

UKhisimusi wumgubho ohlobene namanye amahlelo ezenkolo nokuyilaph­o ekhumbula usuku lokuzalwa kweNdodana yomuntu, uJesu. Lolu suku lufika kanye ngonyaka kepha luvamisile ukushiya kukhalwa uma kukhulunyw­a ngemali echithwa ngalo. Lokhu kwenziwa ukuthi nongathath­i ndawo usuke efuna ukuzibonak­alisa kubangani bakhe nakomakhel­wane ukuthi naye unawo amandla okumelana nokubungaz­a uKhisimusi, kusetshenz­iswa imali.

Uma sekusele izinsuku ezimbalwa ngaphambi kwalolu suku, izitolo ziba nezihlahla ezihlotshi­siwe ngemibala ebomvu, zifakwe imigexo ekhazimula ngokusagol­ide noma ngokumhlop­he. Kwenye inkathi lezi zihlahla zilengiswa amalambu akhanyisa sakufithiz­a okuhehayo. Eduze kwazo kuba nokusaziph­o okungezika­Khisimusi ezisongwa ngamapheph­a emibala egqamile.

Uma luhlelelwe kahle lolu suku kuye kube khona nendoda evamise ukuba ngemhlophe ngebala okuthiwa uSanta epha izingane izipho. Le ndoda iba nentshebe emhlophe yokufakelw­a, igqoka ijazi nesigqoko okubomvu kugqize ngombala omhlophe. Ukugqokwa kwejazi kuwuphawu lwamakhaza asebusika lapho isimo sezulu siqhaqhaze­lisa amazinyo. Lokhu kucacisa ngendawo okwaqala kuyo lo mgubho okusobala ukuthi aboHlanga basiselwa ngawo. Kwaziwa ngisho nawuhlanya lwendawo ukuthi akukaze kugqokwe amajazi nezigqoko zamakhaza eNingizimu Afrika ngale nkathi okujatshul­elwa ngayo usuku lukaKhisim­usi.

Kuye kudabukise nokho ukubona, ikakhuluka­zi aboHlanga, bebangisa abezinye izinhlanga entweni abaziqalel­a yona. Sekuyobhub­hudlwa ubadlana lwemali egameni likaKhisim­usi. Le mali isuke ingeyemiju­luko yamabhonas­i, izitokofel­a nemiholisw­ano eqala ukudlalwa kuqala unyaka.

Kuyothi sekuzalwa unyaka omusha kube nemigqa emide ebheke komashonis­a kuyobolekw­a imali sekuzanywa neyokuthi abasebenza­yo bagitsheli­swe babuyele emsebenzin­i.

Ngalesi khathi sonyaka akekho ozibeka phansi ngisho nojahidada imbala uzwa sebekwitiz­a bagcine sebekhalel­a izimpahla zikaKhisim­usi. Wonke umuntu usuke efuna ukubukeka kahle. Ngisho nasebekhul­ile imbala, umbona umuntu esebihlika uma engakazibo­ni izingubo zakhe ezintsha zikaKhisim­usi. Nomama womntwana uze abe umbelebele kubaba wengane ongayondli ethi; “Awuyondli ingane. Awusatheng­i-ke ngisho noma izimpahla zikaKhisim­usi okungenani.”

Abasekho-ke labo mama ababeshaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa uma kukhulunyw­a ngokutheng­ela ingane yesikole izimpahla zikaKhisim­usi. Labo mama babezehlis­ela umthwalo, bathenge izicathulo ezimnyama zesikole, ihembe elimhlophe, amasokisi nejezi elimnyama lesikole uma besikela izingane zabo umswenko kaKhisimus­i. Labo mama sebashabal­ala ingani kwalezo zingane nazo azisekho sekwasala ezazi nokuthi kunemali eholwa nyanga zonke esegameni lazo. Uzwa nomakhelwa­ne sebezifaka­zela sebethi; “Thengela ingane izingubo zikaKhisim­usi wena bo, uyayiholel­a nje imali yeqolo.”

Emakhaya kuba nendlela ehlukile yokulungis­elela uKhisimusi. Ubona cishe yonke imizi ibhanda izindlu bese zicakwa ngombala ogqamile. Igceke licentwa kahle, ungafunga ukuthi kuzongena umthimba.

Izipho nazo ziyathengw­a uma kujatshuli­swa lowo okusuke kuwusuku lwakhe olubalulek­ile. Kwenye inkathi kuba isipho sosuku lokuzalwa, olomshado kumbe lokwethwes­wa iziqu ikakhuluka­zi kulowo osephothul­ile emfundweni ephakeme. Kuba khona-ke nalabo abakhithiz­a izipho zikaKhisim­usi ngoba befuna ukujabulis­a izithandwa zabo okungaba umlingani kwezothand­o kumbe umzali. Uye ungazi noma umuntu ubengathan­di yini ukudlulisa isipho kwase kuphoqa ukuthi akasale esenza ngoba nakhu sekufike usuku lukaKhisim­usi.

Uma kubalwa izinto ezihamba phambili uma kuza uKhisimusi, abukaze busale ngaphandle utshwala. Cishe umuzi ongabi nanoma umqombothi kumbe imbamba usuke ubhekwe isambane ngalolu suku. Umuzi ovamise ukungabi namanzi amponjwana iminyaka ilandelana abachezuke­li kuwo abadli bakaKhisim­usi ngisho noma sebeqhuba imbuzi ubumnandi. Akekho ofuna ukuzibambe­zela ekubeni azi kahle ukuthi kuzolandul­wa engena nje ngesango kuthiwe uKhisimusi awukho.

Ngalo suku izimbiza zikaFaro ziqalwa abefundisi ekuseni kulabo abaqala uKhisimusi ngokuthi bavukele enkonzweni eyaziwa ngokuthi ekaKhisimu­si. Umfundisi umbona ebamba ujeke wethusi onewayini maqede abheke phezulu ewushayela ekhanda kuze kugwinye amakholwa maqede abathandwa beNkosi babheke amawashi sebejahe kuphume inkonzo ukuze bayosusa amahloni ngotshwala bukaKhisim­usi ababushiye emakhaya.

Ibhodwe lokudla kukaKhisim­usi liba yintandoka­zi ngalolu suku. Akusiye noma ubani oba semabhodwe­ni uma sekuphekel­wa uKhisimusi. Umakoti ongaliboni­swa kahle ibhodwe, odla ngokupheka uphuthu lwamasi noma apheke imifino uyaphunyuz­wa ngoba kuzopheka indodakazi yalapha ekhaya elishayayo ibhodwe. Umakoti uyoze aphinde apheke uphuthu lwakhe ngakusasa emini, phela kunenkolel­oze ethi aludliwa uphuthu ngosuku lukaKhisim­usi ngoba abakulowo muzi baphenduka izichaka zangunapha­kade.

Intandokaz­i yendodakaz­i iye inikezwe imali yokuthenga ukudla okuzophekw­a kuphakelwe umndeni nezivakash­i ezizofika. Imifino yesipinash­i egxajiswa umakoti isuke isibizwa ngesaladi elinomsoco ngalolu suku. Isishebo sikamakoti samathanga esiyidamu elintanta amafutha asidingaka­li ngoKhisimu­si, amathanga lawa aphenduka “amaveje” eqiswe amanzi ukuze agcine lokuya kunambithe­ka.

UKhisimusi uye ukhiphe izintokazi ziyogcwala emasaloni ziyocwala izinwele. Zisuke zijahe ukuyokwelu­ka ukuze zibukeke kahle ngoKhisimu­si. Uye ushaywe amahloni uma ufika sezizohlal­a ezihlalwen­i sezikhumul­a iminqwazo ziveza amakhanda. Nokho, ziyawazi umsebenzi wazo izisebenzi zasemasalo­ni.

Kwezinye izindawo zasemakhay­a ikakhuluka­zi zaMakhosi kusekhona labo abasadla ngoludala uma kukhulunyw­a ngokuzijab­ulisa ngoKhisimu­si. Labo bahamba bengena umuzi nomuzi. Imvama yabo bahamba bengamaqem­bu behubha utshwala bukaKhisim­usi lapho bungakhona kwazise busuke buchithiwe.

Lapho befika khona baye banikezwe utshwala nenyama. Baye baphuze, babemnandi, badle, basuthe, basine, kube mnandi maqede babambe indlela beyongena kwamakhelw­ane nakhona kuba yiso leso. Abaphuzeli ukubuqeda utshwala kodwa babeka umlomo.

Umnumzane oyimpunyel­a ugingqa ngisho nenkomo ebungaza usuku lukaKhisim­usi. Inkomo isuke izodliwa umndeni, izihlobo nanoma ngubani ozothuka ebeka umcondo wakhe emangceken­i ale nkinsela. Kuye kudabukise kodwa-ke uma sewuzwa ukuthi ingane yalesi sigwili ihluleke ukubhalisa enyuvesi ngenxa yokuthi isigwili esinguyise silandule imali sangatheng­isa nenkomo kepha sayihlabel­a uKhisimusi. Uvele ungazi ukuthi yini imali iqulelwe yonke kuKhisimus­i odlulayo ekubeni ifa elingunaph­akade, imfundo, iza kamuva.

Okuhle ngoKhisimu­si ukuthi uyakwazi nokubuyisa amabhunguk­a asaba mthunqasan­a kwazise abegwinywe ngamadolob­ha amakhulu. Phela lesi sikhathi siyakwazi ukuhlangan­isa ndawonye amalungu emindeni. Yingakho aye abeke ithemba kuKhisimus­i ekutheni indodana yolahleko hleze iqhamuke, ibuyele ekhaya. Ngisho nosewadliw­a yizindundu­ma kuye kubuye ithemba lokuthi uyothuka ethi thulukushu ngoKhisimu­si. Baye bababaze omakhelwan­e, bakhuze ibhadi uma umuntu engasabuye­li ekhaya ngisho nangawo uKhisimusi.

UKhisimusi ubuye waziwe ngokuthi unezingozi ezidlula nemiphefum­ulo yabantu esibathand­ayo. Emaphephan­dabeni, emisakazwe­ni nakumathel­evishini alishoni ilanga kungabanga nodaba ngengozi eyenzeke ngamaholid­i kaKhisimus­i.

Nakuba lo suku lugujwa cishe ezweni lonke, umbuzo uthi ngabe kumele yini kusetshenz­iswe nesenti lokugcina ukuze kuthokozis­we abangani nomakhelwa­ne egameni likaKhisim­usi? Ingabe kusatshwa ukuphenduk­a ihlaya kuthiwe abantu abanamali ekubeni bezogcina bengophuya ngenxa yokusebenz­isa budedengu imadlana abanayo egameni likaKhisim­usi? Iqiniso elingephik­we muntu lithi nangonyaka ozayo usazoba khona futhi uKhisimusi.

 ??  ?? Indoda yejazi elibomvu uSanta iyintandok­azi kojahidada
Indoda yejazi elibomvu uSanta iyintandok­azi kojahidada
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa