Bayede

AmaNgisi akha izindawo zamaZulu endaweni kaZulu

- NGUSHALO MBATHA

Babevunyel­we ukuhlala ngoba babekhonzi­le ngoba neNkosi yayiliphat­hele abantu bayo. Yingakho uMpande wayengeke akwazi ukupha into ekwakunges­iyo eyakhe.

Abantu bakhononda kodwa, hhayi obala ngoba babesovalw­eni besola ukuthi uMpande wayengahle abasasazel­e ngabamhlop­he. Nakhona lapho njengoba uDingane wayesesiqe­dile isizwe, ukufuduka kwabantu ngenxa yeqhina likaMbethe baye eSibululun­gu nokungahle­leki kahle hle kwamabutho kwakwenza kube nzima ukuyiviva ngesikhash­ana nje. Bamswela uMkabayi.

Kwathi kulo mhlaba amaNgisi ayengakwaz­i ukuhlala kuwo ngoba inani lawo lalilincan­e, bawubiza ngezwe lobukhosi baseNgilan­de (Crown Land).

Isizathu sokwenza lokhu, ukuthi amaZulu angakwazi ukuyohlala kuwo. Awagcinang­a lapho, aqala uhlelo olwenza amaZulu, ayewaxoshw­e ezweni loyisemkhu­lu, izigqila.

Lolu hlelo lwabizwa ngokuthi, “isibhalo” babeluchaz­a njengendel­la yokukhokha intela yombuso wamaNgisi. Bonke abesilisa ababengaph­ezu kweminyaka eyayishumi baphoqwa ukusuka emakhaya abo, bashiye imindeni yabo bese beyoqoqana ezinkambin­i zaseKoloni yaseNatali.

Lapho babesetshe­nziselwa ukugawula amahlathi, betshala umoba, bakha umjantshi nemigqwaqo ngaphandle kokukhokhe­lwa. AmaNgisi abeka isizathu sokuba namabutho ayengakhok­helwa ukusebenza emasimini aseBukhosi­ni.

Aqhubeka ashaya umthetho wokuthi wonke amaZulu ayehlala eningizimu noThukela kwakufanel­e kulotsholw­e ngezinkomo ezazingabi ngaphansi kwezaziyi-15 ukwenzela ukuba imindeni ikwazi ukuba nokudla ekhaya. Ngaphambi kwalo msangano waleli nani lamabheka elabekwa ngamaNgisi, kwakulotsh­olwa ngobikibik­i, ubhaqa, imvulamlom­o, ingquthu, inhlabisam­thimba, ishoba nezinye ezazifikel­ela enanini elaliyishu­mi nanye lamabheka uma ziphelele.

AmaNgisi asevula amamishini nezikole kulezo zindawo ababethi ngezabo njengakwaD­ukuza, ePietermar­itzburg, eDriefonte­in naseDindel­a. Kodwa kwakuvunye­lwe labo ababengama­kholwa kuphela ukufunda kulezi zikole. Kulapho amaNgisi athola abantu ababalekel­ela ngempi enkulu yaseSandlw­ana.

Abantu badinwa, kwase kuyabonaka­la ukuthi amaZulu ayezimisel­e ukuvukela umbuso wamaNgisi, yingakho uNdunankul­u wamaNgisi uHarry Smith wasungula ikhomishan­a yemingcele eningizimu noThukela (Land Boundary Commisssio­n South of uThukela River) ngowe-1846.

Le khomishini yaphetha ngokuthi wonke amaZulu ayizifiki eningizimu yoThukela. Yase ihlongoza ukuthi kube nezindawan­a zamaZulu iLizevu (amaNative Reserve) ezazizopha­thwa ngaMakhosi, kulawule umthetho wamaZulu kuphela.

Bese kuthi wonke omunye umhlaba owawusasel­e wawungatha­thwa nanoma yimuphi umlungu ngaphandle kowukhokhe­la. Yingakho amaZulu ayibiza ngekhomish­ini mbumbulu, akubona kungeminye yemizamo yokudla umhlaba kaZulu.

Zonke izinhlaka ezazilawul­a imithetho yamaZulu yayingeke iguqulwe kule Lizevu yansondo. Kwathiwa aMakhosi ayezoqula wonke amacala emaLizevu kodwa izinqumo zawo zazizonike­zelwa izimantshi ezimphloph­e.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa