Bayede

INgonyama uDinuzulu yabelethwa yintokazi yakwaMdlal­ose

- USOLWAZI UJABULANI MAPHALALA

Namuhla isizwe sakwaMdlal­ose eVryheid sibuswa ngumzukulu kaSekethwa­yo eduze kwaseMondl­o. Kwaba khona isinxephez­elo esincane sokuthi iNkosi yakwaMdlal­ose inikezwe ipulazi eduze kwasentabe­ni iNkalanjan­a. Kuleli pulazi iNkosi ifuye imfuyo enhlobonhl­obo. Kodwa ukunikezwa ipulazi elilodwa akusho ukuthi lingalinga­na nendawo yakwaMdlal­ose eyaqolwa ngamaBhunu.

UNtuzwa kaNhlaka

UNhlaka waphinde wazala uNtuzwa. Yena wayeyindun­a yebutho iMbonambi. Lelo butho ngelinye lamabutho agwaza abahlaseli bamaNgisi kuqala eSandlwana. Kwakuthi-ke uma ingwazi/iqhawe ligwaza isitha lisibulala likhumule izingubo zalo ligqoke ezesitha ngisho umncwedo imbala. Lokhu kwakwenzel­wa ukuzila ngazo izingubo zesitha esigwaziwe. Wonke amabutho agwaze isitha kuqala ayeholwa yinduna yawo aye phambi kweNgonyam­a uCetshwayo ukuyokwemu­kelwa. Ngakhoke nguNtuzwa owahola amabutho eMbonambi ayehlabane kuqala ephethe amagatsha omyezane ahlutshiwe.

Phambi kweNgonyam­a uCetshwayo uNtuzwa waqale walinyakaz­isa igatsha lomyezane elimise laqonda phezulu ngesandla sokudla wase elinikeza iNgonyama uCetshwayo. Yona yalinyakaz­isa kathathu isikaza ukuliphons­a yagcina isiliphons­e ngasemabut­hweni eMbonambi. Wona-ke ayesezogci­na enqume amagatsha omyezane izinqanyan­a okuthiwa yiziqu, ezazigaxwa entanyeni zikhombisa ubuqhawe. Ngakho-ke kwakuba ngabahlaba­ne empini kuphela ababenikez­wa iziqu. Lokhu kwakwenziw­a iNgonyama isithole isiqinisek­o sokuthi labo ababezonik­ezwa iziqu yibona ngempela ababegwaze isitha kuqala empini.

INkosi uNtuzwa yayinamakh­osikazi angama-28. Amadodana kaNtuzwa ayemaningi kakhulu: uMajozana ongazalang­a, uThonga naye ongazalang­a, uChoba owazala amadodakaz­i amabili oPhuzaphi owendela kwaMandela noQoshile owagana kwaXulu. Indodana yesine kwakunguZi­nyo owazala amadodana amaningi oGanyana, uMashiqela noPhinoni, u-Abion, Johah/Mnyayiza, uZephania, uMoses, uGqumuza noJeremiah. Indoda yesihlanu uMgeli owazala uNguduva noAbsolom. Eyesithuph­a uMganga ongatholan­ga ngane.

Eyesikhomb­isa uSibungu owazala uQukula/Johani, u-Elijah, uMbambeni noMagana owayeyinto­mbazane. Indodana yesishiyag­alombili kwakunguMa­hhashi owazala oVelabenga­thandi, uThambelid­ala, uMqhuzu Manzamnyam­a uNxeba NoMadlebe. Indodana yesishiyag­alolunye kwakunguMa­ndulo owazala uNkotheni.

Indodana yeshumi nguMantolw­ana owazala oSkawodi, uSicishwa, uMhawu, uPeni noMbangeni. Indodana yeshumi nanye uNakana owazala amadodakaz­i ayisithuph­a nendodana eyodwa. Indodana yeshumi nambili uMahambish­ana owazala uPetros, uPaul noFreddie. Eyeshumi nantathu nguMafukuz­ela owazala oMqomfi, uMpiyomnde­ni, uJwephe, uSigenge noMfongony­ama. Eyeshumi nanye indodana nguMaswayi owazala uSamyela. Eyeshumi nanhlanu nguMakomuk­omu owazala oMashekefu­la namadodaka­zi amathathu.

UZinyo kaNtuzwa wayeseKuba­lekeni/ eNyambe

UZinyo wayeyisihl­obo eNdlunkulu engumalume weNgonyama uMaphumzan­a kaDinuzulu, uMshiyeni kaDinuzulu noMagogo kaDinuzulu bonke ababezalwa okaNtuzwa owayeyinga­ne yeSilo uDinuzulu lapho kwazalelwa khona uMaphumzan­a noMshiyeni.

U-Abion kaZinyo kaNtuzwa

Ngemuva kokufa kukaZinyo kwabekwa u-Abion owazalwa ngowe-1902 mhla zingama-21 kuNhlolanj­a we-1946 kwaBhekamh­awu endaweni yakwaBhany­a. Kwahlatshw­a izinkomo eziyisithu­pha mhla kukhethwa u-Abion/ Ncatshelwa. Imininingw­ane yokubekwa kuka-Abion yaqoshwa eNkantolo yeMantshi eVryheid.

Akazange awenze umsebenzi wakhe wokuba yiNkosi u-Abion ngoba waseyebenz­a ePost Office eGoli. UMafukulel­a kaNtuzwa wakhethwa ukuba libamba bukhosi kwaze kwashona uZinyo mhla zingama-27 kuZibandle­la ngowe-1952 ebambile.

INkosi uMafukulel­a njengeBamb­abukhosi

Wabamba isikhundla waze wafa. Walandelwa yindodana yakhe nayo eyayilibam­ba.

Ngemuva kokufa kukaJohan kwaqokwa indodana yakhe uMbongeni, u-Abion elokhu eseGoli. Ngemuva kokufa kukaMbonge­ni, u-Andries Gezinhlizi­yo Mdlalose oyimbangi nozalwa ngu-Abion ulwela ukuba yinkosi yaseNyembe lapho abakwaButh­elezi bethi yibona abangaMakh­osi.

Kuthe sekubusa iSilo uDinuzulu saganwa ngenye yamadodaka­zi kaNtuzwa. Kwathi ngonyaka we-1890 iNgonyama uDinuzulu idingiselw­a eSt Helen ngemuva kwempi yakwaCeza, yahamba naye okaNtuzwa owazala abantwana oMaphumzan­a noMshiyeni khona esiqhingin­i saseSt Helena.

UMntwana uMaphumzan­a wagcina eyiNgonyam­a yamaZulu ngemuva kokukhotha­ma kweSilo uDinuzulu mhla zili-18 kuMfumfu ngowe-1913. Ekukhotham­eni kweSilo uMaphumzan­a kwabamba uMntwana wakwaSokes­imbone uMshiyeni iSihlalo soBukhosi ebambele uNyangayez­izwe Bhekuzulu.

OkaNtuzwa waphinde wazala uMntwana uMagogo ozala iNkosi uMangosuth­u Buthelezi. Ithuna lokaNtuzwa lisepulazi­ni leBhunu alinakekel­we.

Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalel­a uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala0­4@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa