INgonyama uDinuzulu yabelethwa yintokazi yakwaMdlalose
Namuhla isizwe sakwaMdlalose eVryheid sibuswa ngumzukulu kaSekethwayo eduze kwaseMondlo. Kwaba khona isinxephezelo esincane sokuthi iNkosi yakwaMdlalose inikezwe ipulazi eduze kwasentabeni iNkalanjana. Kuleli pulazi iNkosi ifuye imfuyo enhlobonhlobo. Kodwa ukunikezwa ipulazi elilodwa akusho ukuthi lingalingana nendawo yakwaMdlalose eyaqolwa ngamaBhunu.
UNtuzwa kaNhlaka
UNhlaka waphinde wazala uNtuzwa. Yena wayeyinduna yebutho iMbonambi. Lelo butho ngelinye lamabutho agwaza abahlaseli bamaNgisi kuqala eSandlwana. Kwakuthi-ke uma ingwazi/iqhawe ligwaza isitha lisibulala likhumule izingubo zalo ligqoke ezesitha ngisho umncwedo imbala. Lokhu kwakwenzelwa ukuzila ngazo izingubo zesitha esigwaziwe. Wonke amabutho agwaze isitha kuqala ayeholwa yinduna yawo aye phambi kweNgonyama uCetshwayo ukuyokwemukelwa. Ngakhoke nguNtuzwa owahola amabutho eMbonambi ayehlabane kuqala ephethe amagatsha omyezane ahlutshiwe.
Phambi kweNgonyama uCetshwayo uNtuzwa waqale walinyakazisa igatsha lomyezane elimise laqonda phezulu ngesandla sokudla wase elinikeza iNgonyama uCetshwayo. Yona yalinyakazisa kathathu isikaza ukuliphonsa yagcina isiliphonse ngasemabuthweni eMbonambi. Wona-ke ayesezogcina enqume amagatsha omyezane izinqanyana okuthiwa yiziqu, ezazigaxwa entanyeni zikhombisa ubuqhawe. Ngakho-ke kwakuba ngabahlabane empini kuphela ababenikezwa iziqu. Lokhu kwakwenziwa iNgonyama isithole isiqiniseko sokuthi labo ababezonikezwa iziqu yibona ngempela ababegwaze isitha kuqala empini.
INkosi uNtuzwa yayinamakhosikazi angama-28. Amadodana kaNtuzwa ayemaningi kakhulu: uMajozana ongazalanga, uThonga naye ongazalanga, uChoba owazala amadodakazi amabili oPhuzaphi owendela kwaMandela noQoshile owagana kwaXulu. Indodana yesine kwakunguZinyo owazala amadodana amaningi oGanyana, uMashiqela noPhinoni, u-Abion, Johah/Mnyayiza, uZephania, uMoses, uGqumuza noJeremiah. Indoda yesihlanu uMgeli owazala uNguduva noAbsolom. Eyesithupha uMganga ongatholanga ngane.
Eyesikhombisa uSibungu owazala uQukula/Johani, u-Elijah, uMbambeni noMagana owayeyintombazane. Indodana yesishiyagalombili kwakunguMahhashi owazala oVelabengathandi, uThambelidala, uMqhuzu Manzamnyama uNxeba NoMadlebe. Indodana yesishiyagalolunye kwakunguMandulo owazala uNkotheni.
Indodana yeshumi nguMantolwana owazala oSkawodi, uSicishwa, uMhawu, uPeni noMbangeni. Indodana yeshumi nanye uNakana owazala amadodakazi ayisithupha nendodana eyodwa. Indodana yeshumi nambili uMahambishana owazala uPetros, uPaul noFreddie. Eyeshumi nantathu nguMafukuzela owazala oMqomfi, uMpiyomndeni, uJwephe, uSigenge noMfongonyama. Eyeshumi nanye indodana nguMaswayi owazala uSamyela. Eyeshumi nanhlanu nguMakomukomu owazala oMashekefula namadodakazi amathathu.
UZinyo kaNtuzwa wayeseKubalekeni/ eNyambe
UZinyo wayeyisihlobo eNdlunkulu engumalume weNgonyama uMaphumzana kaDinuzulu, uMshiyeni kaDinuzulu noMagogo kaDinuzulu bonke ababezalwa okaNtuzwa owayeyingane yeSilo uDinuzulu lapho kwazalelwa khona uMaphumzana noMshiyeni.
U-Abion kaZinyo kaNtuzwa
Ngemuva kokufa kukaZinyo kwabekwa u-Abion owazalwa ngowe-1902 mhla zingama-21 kuNhlolanja we-1946 kwaBhekamhawu endaweni yakwaBhanya. Kwahlatshwa izinkomo eziyisithupha mhla kukhethwa u-Abion/ Ncatshelwa. Imininingwane yokubekwa kuka-Abion yaqoshwa eNkantolo yeMantshi eVryheid.
Akazange awenze umsebenzi wakhe wokuba yiNkosi u-Abion ngoba waseyebenza ePost Office eGoli. UMafukulela kaNtuzwa wakhethwa ukuba libamba bukhosi kwaze kwashona uZinyo mhla zingama-27 kuZibandlela ngowe-1952 ebambile.
INkosi uMafukulela njengeBambabukhosi
Wabamba isikhundla waze wafa. Walandelwa yindodana yakhe nayo eyayilibamba.
Ngemuva kokufa kukaJohan kwaqokwa indodana yakhe uMbongeni, u-Abion elokhu eseGoli. Ngemuva kokufa kukaMbongeni, u-Andries Gezinhliziyo Mdlalose oyimbangi nozalwa ngu-Abion ulwela ukuba yinkosi yaseNyembe lapho abakwaButhelezi bethi yibona abangaMakhosi.
Kuthe sekubusa iSilo uDinuzulu saganwa ngenye yamadodakazi kaNtuzwa. Kwathi ngonyaka we-1890 iNgonyama uDinuzulu idingiselwa eSt Helen ngemuva kwempi yakwaCeza, yahamba naye okaNtuzwa owazala abantwana oMaphumzana noMshiyeni khona esiqhingini saseSt Helena.
UMntwana uMaphumzana wagcina eyiNgonyama yamaZulu ngemuva kokukhothama kweSilo uDinuzulu mhla zili-18 kuMfumfu ngowe-1913. Ekukhothameni kweSilo uMaphumzana kwabamba uMntwana wakwaSokesimbone uMshiyeni iSihlalo soBukhosi ebambele uNyangayezizwe Bhekuzulu.
OkaNtuzwa waphinde wazala uMntwana uMagogo ozala iNkosi uMangosuthu Buthelezi. Ithuna lokaNtuzwa lisepulazini leBhunu alinakekelwe.
Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala04@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.