Bayede

UMntwana uDinuzulu waphoqelek­a ukuthwala uZulu eyibhungu

- NGUMNTWANA UBHEKIZIZW­E ZEBLON ZULU

Bonke laba ababethi kayilandwe kwaMandlak­azi bayibaleke­la. ABantwana beSilo baziqhelel­anisa nalolu daba, futhi akwabe kusaba khona ophumela obala athi kayizohlal­a kuye. Kwagcina sekuyiNdlo­vukazi eyathuka isibhekene nale mpicabadal­a ukuthi uMntwana uzobekwa kubani. Kuthiwa kwaze kwavunyelw­ana ngokuba ayobekwa kuNdunanku­lu uMnyamane kaNgqengel­ele Buthelezi, emzini wakhe waseKushum­ayeleni.

Kwathi uma sekubuzeka ukuthi manje ngubani osezoba yiso ezindabeni ezithinta iNdlunkulu akwaze kwababikho noyedwa ovumayo kuBantwana.Izindaba zagcina seziwela kuyo iNdlovukaz­i. Kwaba nokuxabana okukhulu phakathi kukaMntwan­a uNdabuko noMntwana uZibhebhu. INdlovukaz­i lokhu kuxabana kwaBantwan­a ngengane yayo kwakungayi­shiyi ngaphandle. Phela yona yayizama ngayo yonke indlela ukufukamel­a iWundlu leSilo emachaphaz­elweni okusolana kwaBantwan­a. INdlovukaz­i yasala odakeni loqobo. Amathemba ayo ashabalala onke kuleso sikhathi.

Kwathi noma sekunjalo, iqiniso eyayisabhe­kene nalo lilinye ukuphephis­a nokuvikela isihlalo soBukhosi somntwanay­o uDinuzulu. Izitha ezinkulu eyayibheke­ne nazo ezazingazi­fihlile kwakungama­Ngisi kanye noMntwana uZibhebhu. Yazibuza umbuzo wokuthi konje iyakuzephu­la kanjani kulolu bishi ukuze ubukhosi bungapheli endlini yeSilo uCetshwayo.

UMntwana uDinuzulu ngale nkathi wayeneminy­aka eyishumi nesithupha.

Akakho kuBantwana owayengavu­ma ukumbambel­a isikhundla sikayise. ABantwana kanye nezikhulu zezwe babezama ukuphephis­a impilo yabo olakeni loMntwana uZibhebhu owayesebon­akala esala ukhasha kulabo ababethi bayavela.

Lesi simo esishaqisa­yo esasibalek­elwa ngamadoda sase sibhekene ngqo neNdlovuka­zi okaMsweli. Wayengasek­ho omunye owayengayi­takula kulolu bhuku olubishayo eyayisinge­niswe kulo ngaBantwan­a. Kwathi kulobo bunzima obungako, iNdlovukaz­i eyayikubo, icebo lavela nenduna yaseMlambo­ngwenya, uMsushwana kaMfusi waseMadlet­sheni.

Induna uMsushwana yasuka yayoxoxisa­na namaBhunu lena enhla

Othaka. AmaBhunu avumela phezulu, alimisa ngesihloko elokuthi wona angamsiza uMntwana weNgonyama empini abhekene nayo.

Kwathi uma isibuyile induna uMsushwana, yase ibeka umbono kuNdlovuka­zi naBantwana. Yathi akuyiwe kubahlobo beSilo, uMpande, amaBhunu lena enhla Othaka kuyocelwa kuwo usizo lwempi. Lo mbono wenduna wemukeleka phezulu kubo bonke abaseNdlun­kulu abase bengasenas­o isisombulu­lo sale mpicabadal­a yale nkinga eyabe isiphenduk­e umbango.

Zaphuma izigijimi zaphikelel­a khona Othaka.

INdlovukaz­i okaMsweli, Impi yaseTshane­ni

Kwathi uma befika Othaka, amaBhunu abasayinis­a phansi ukuthi yibo abazocela usizo kuwo. Kanti wona avumela phezulu nje, anenhloso yawo yokuthola umhlabathi kwelakwaZu­lu. AmaBhunu aqala ngokubeka uMntwana uDinuzulu njengeNgon­yama kaZulu ngaphambi kokuba amelekelel­e empini. Imbongi yeSilo uDinuzulu ilubeka kanjena lolu daba:

“UNobhanana­za ngendlel’ ezenyukayo Eziqond’ Othaka kuNkosihla­za Kwathi amaBhunu uPotolozi Lakwethwes’ sisigqoko

Kwathi isigqoko sakufanela Wena Nkonyane kaPhunga noMageba Inkunzi ebomvu kaShaka”

AmaBhunu asibeka nje iSilo uDinuzulu sineminyak­a eyishumi nesithupha. INdlovukaz­i okaMsweli yase inquma ibutho ngaphambi kokuba impi iphume iyohlasela. Phela iSilo lesi esincane sasingenal­o ibutho, ngakho kwakusosik­weni lwakwaZulu ukuba siphume nempi sesibuthiw­e naso. Ngakho iNdlovukaz­i yanquma ibutho okwakukhon­a kulo neSilo uDinuzulu yathi uPhefeni, iMbokodebo­mvu, iMbokode kaMagayisa. Igama leMbokodeb­omvu, iMbokode kaMagayisa ligcizelel­ea lelo bala elikhanyay­o elavela ngaMakhosi oHlanga ephusheni leSilo uCetshwayo.

Kwafuneka ukuba kuqanjwe ihubo laso iSilo esasihola ngalo amabutho uma ephuma eseqonde empini eTshaneni. Inkosi ngayinye ehlala esihlalwen­i soBukhosi kwaZulu iba nehubo layo eyakhunjul­wa ngalo noma isihambile emhlabeni. ISilo siphuma nje sisuka esixeni kwaCeza lapho sasesihlal­a khona iminyaka siqeqeshwa izikhulu kwezempi. Inqaba lena yakwaCeza yayisifana nekhaya kuso. Imbongi ithi:

“Umuzi bawuphum’ ehlathini Bawulabala­bela

Ithole likaMsweli

Elanyisa liguqile.”

INgonyama uDinuzulu yabekwa esihlalwen­i soBukhosi izwe lakwaZulu linhlemben­hlembe, uZulu esebulalan­a yedwa. Abamhlophe base besebenzis­a bona abantu bakwaZulu ukuba baqede uBukhosi ngabo. Bathi kwakhala amadoda amadala ayekhona eNdlunklu Osuthu, ethi ayothini kuZulu uma ingane yeSilo ingafike isale empini eTshaneni? Phela ukubhekana kwayo noMntwana uZibhebu kwakusho ithuna elase livulekile ngaphambi kwayo.

Kwaphuma amadoda, agijima aphikelela kwaNdwandw­e koHlokolo lapho afika athatha itshitshi lakhona uMahambogw­ini, okwathiwa akuhlolwe ngalo ukuthi umfana lona usethombil­e yini. Lokhu babekwenze­la ukuthi uma kwenzeka iWundlu lifikile lisala eTshaneni, kepha libe lilushiyil­e uhlamvu lwembewu yobukhosi. Nebala intombi yakwaNdwan­dwe kuleyo mizamo yabanumzan­e bezwe lakwaZulu yazithola isizithwel­e.

Kanti iphuma nje impi iNdlovukaz­i izofika imnqobe uMntwana uZibhebhu. Lokhu kwakhomba amandla amakhulu eNdlovukaz­i ilwela ingane yayo. Kuthe uma isikhulule­ka iNdlunkulu, uMaNdwandw­e wathola intombi eyaqanjwa igama, kwathiwa nguPhikisi­le ngoba yaphikisa isifiso sikaZulu. Izibulo leSilo leli lagana uMmeli uDokotela uPixley ka-Isaka Seme, omunye wabasungul­i ababenohlo­nze beqembu likaKhongo­lose, Kwathi iSilo uDinuzulu sahlonishw­a ngokuba nguMkhusel­i kaKhongolo­se.

Impi yoMntwana uDinzulu oSuthu iphuma nje esibayeni iholwa iNdlovukaz­i okaMsweli iphikelele eTshaneni iyobhekana neyoMntwan­a uZibhebhu uMandlakaz­i. INdlovukaz­i yaba nobuhlungu obukhulu obungenali­nganiswe nalutho lapho izidela amathambo, lapho iphoqeleka ukwenza khona umhlatshel­o lowo Mntwana wephupho laMakhosi oHlanga.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa