UMntwana uDinuzulu waphoqeleka ukuthwala uZulu eyibhungu
Bonke laba ababethi kayilandwe kwaMandlakazi bayibalekela. ABantwana beSilo baziqhelelanisa nalolu daba, futhi akwabe kusaba khona ophumela obala athi kayizohlala kuye. Kwagcina sekuyiNdlovukazi eyathuka isibhekene nale mpicabadala ukuthi uMntwana uzobekwa kubani. Kuthiwa kwaze kwavunyelwana ngokuba ayobekwa kuNdunankulu uMnyamane kaNgqengelele Buthelezi, emzini wakhe waseKushumayeleni.
Kwathi uma sekubuzeka ukuthi manje ngubani osezoba yiso ezindabeni ezithinta iNdlunkulu akwaze kwababikho noyedwa ovumayo kuBantwana.Izindaba zagcina seziwela kuyo iNdlovukazi. Kwaba nokuxabana okukhulu phakathi kukaMntwana uNdabuko noMntwana uZibhebhu. INdlovukazi lokhu kuxabana kwaBantwana ngengane yayo kwakungayishiyi ngaphandle. Phela yona yayizama ngayo yonke indlela ukufukamela iWundlu leSilo emachaphazelweni okusolana kwaBantwana. INdlovukazi yasala odakeni loqobo. Amathemba ayo ashabalala onke kuleso sikhathi.
Kwathi noma sekunjalo, iqiniso eyayisabhekene nalo lilinye ukuphephisa nokuvikela isihlalo soBukhosi somntwanayo uDinuzulu. Izitha ezinkulu eyayibhekene nazo ezazingazifihlile kwakungamaNgisi kanye noMntwana uZibhebhu. Yazibuza umbuzo wokuthi konje iyakuzephula kanjani kulolu bishi ukuze ubukhosi bungapheli endlini yeSilo uCetshwayo.
UMntwana uDinuzulu ngale nkathi wayeneminyaka eyishumi nesithupha.
Akakho kuBantwana owayengavuma ukumbambela isikhundla sikayise. ABantwana kanye nezikhulu zezwe babezama ukuphephisa impilo yabo olakeni loMntwana uZibhebhu owayesebonakala esala ukhasha kulabo ababethi bayavela.
Lesi simo esishaqisayo esasibalekelwa ngamadoda sase sibhekene ngqo neNdlovukazi okaMsweli. Wayengasekho omunye owayengayitakula kulolu bhuku olubishayo eyayisingeniswe kulo ngaBantwana. Kwathi kulobo bunzima obungako, iNdlovukazi eyayikubo, icebo lavela nenduna yaseMlambongwenya, uMsushwana kaMfusi waseMadletsheni.
Induna uMsushwana yasuka yayoxoxisana namaBhunu lena enhla
Othaka. AmaBhunu avumela phezulu, alimisa ngesihloko elokuthi wona angamsiza uMntwana weNgonyama empini abhekene nayo.
Kwathi uma isibuyile induna uMsushwana, yase ibeka umbono kuNdlovukazi naBantwana. Yathi akuyiwe kubahlobo beSilo, uMpande, amaBhunu lena enhla Othaka kuyocelwa kuwo usizo lwempi. Lo mbono wenduna wemukeleka phezulu kubo bonke abaseNdlunkulu abase bengasenaso isisombululo sale mpicabadala yale nkinga eyabe isiphenduke umbango.
Zaphuma izigijimi zaphikelela khona Othaka.
INdlovukazi okaMsweli, Impi yaseTshaneni
Kwathi uma befika Othaka, amaBhunu abasayinisa phansi ukuthi yibo abazocela usizo kuwo. Kanti wona avumela phezulu nje, anenhloso yawo yokuthola umhlabathi kwelakwaZulu. AmaBhunu aqala ngokubeka uMntwana uDinuzulu njengeNgonyama kaZulu ngaphambi kokuba amelekelele empini. Imbongi yeSilo uDinuzulu ilubeka kanjena lolu daba:
“UNobhananaza ngendlel’ ezenyukayo Eziqond’ Othaka kuNkosihlaza Kwathi amaBhunu uPotolozi Lakwethwes’ sisigqoko
Kwathi isigqoko sakufanela Wena Nkonyane kaPhunga noMageba Inkunzi ebomvu kaShaka”
AmaBhunu asibeka nje iSilo uDinuzulu sineminyaka eyishumi nesithupha. INdlovukazi okaMsweli yase inquma ibutho ngaphambi kokuba impi iphume iyohlasela. Phela iSilo lesi esincane sasingenalo ibutho, ngakho kwakusosikweni lwakwaZulu ukuba siphume nempi sesibuthiwe naso. Ngakho iNdlovukazi yanquma ibutho okwakukhona kulo neSilo uDinuzulu yathi uPhefeni, iMbokodebomvu, iMbokode kaMagayisa. Igama leMbokodebomvu, iMbokode kaMagayisa ligcizelelea lelo bala elikhanyayo elavela ngaMakhosi oHlanga ephusheni leSilo uCetshwayo.
Kwafuneka ukuba kuqanjwe ihubo laso iSilo esasihola ngalo amabutho uma ephuma eseqonde empini eTshaneni. Inkosi ngayinye ehlala esihlalweni soBukhosi kwaZulu iba nehubo layo eyakhunjulwa ngalo noma isihambile emhlabeni. ISilo siphuma nje sisuka esixeni kwaCeza lapho sasesihlala khona iminyaka siqeqeshwa izikhulu kwezempi. Inqaba lena yakwaCeza yayisifana nekhaya kuso. Imbongi ithi:
“Umuzi bawuphum’ ehlathini Bawulabalabela
Ithole likaMsweli
Elanyisa liguqile.”
INgonyama uDinuzulu yabekwa esihlalweni soBukhosi izwe lakwaZulu linhlembenhlembe, uZulu esebulalana yedwa. Abamhlophe base besebenzisa bona abantu bakwaZulu ukuba baqede uBukhosi ngabo. Bathi kwakhala amadoda amadala ayekhona eNdlunklu Osuthu, ethi ayothini kuZulu uma ingane yeSilo ingafike isale empini eTshaneni? Phela ukubhekana kwayo noMntwana uZibhebu kwakusho ithuna elase livulekile ngaphambi kwayo.
Kwaphuma amadoda, agijima aphikelela kwaNdwandwe koHlokolo lapho afika athatha itshitshi lakhona uMahambogwini, okwathiwa akuhlolwe ngalo ukuthi umfana lona usethombile yini. Lokhu babekwenzela ukuthi uma kwenzeka iWundlu lifikile lisala eTshaneni, kepha libe lilushiyile uhlamvu lwembewu yobukhosi. Nebala intombi yakwaNdwandwe kuleyo mizamo yabanumzane bezwe lakwaZulu yazithola isizithwele.
Kanti iphuma nje impi iNdlovukazi izofika imnqobe uMntwana uZibhebhu. Lokhu kwakhomba amandla amakhulu eNdlovukazi ilwela ingane yayo. Kuthe uma isikhululeka iNdlunkulu, uMaNdwandwe wathola intombi eyaqanjwa igama, kwathiwa nguPhikisile ngoba yaphikisa isifiso sikaZulu. Izibulo leSilo leli lagana uMmeli uDokotela uPixley ka-Isaka Seme, omunye wabasunguli ababenohlonze beqembu likaKhongolose, Kwathi iSilo uDinuzulu sahlonishwa ngokuba nguMkhuseli kaKhongolose.
Impi yoMntwana uDinzulu oSuthu iphuma nje esibayeni iholwa iNdlovukazi okaMsweli iphikelele eTshaneni iyobhekana neyoMntwana uZibhebhu uMandlakazi. INdlovukazi yaba nobuhlungu obukhulu obungenalinganiswe nalutho lapho izidela amathambo, lapho iphoqeleka ukwenza khona umhlatshelo lowo Mntwana wephupho laMakhosi oHlanga.