Bayede

Imfundiso iyona mfundo umuntu okufanele ayiphokoph­elele

- NGUBHEKISI­SA V. MTHETHWA UMLANDO WEZIZWE

Imfundiso yona yomuntu nomuntu, namava akhe ngokuzuza izigaba ngezigaba zemfundo (izitifiket­i, amaqhuzu neminyezan­e).

Imfundiso, iyimfundis­o nje. Inhlonipho iyona nje. Kayinaso isitifiket­i, idiploma, iqhuzu, kepha iyizimiso phambili kwezulu nomhlaba. Imfundiso iyizimiso zabantu abadala. Imfundiso ayithekeli.

Imfundiso iyinkomba yinkomba yomuntu wesifazane ephelele neyomuntu wesilisa ephelele. Kuyenzeka umuntu abeneziqu eziphezulu zemfundo kepha angabi nayo imfundiso.

Kungenzeka umuntu abe ngusolwazi ngokwemfun­do kepha angabi nayo imfundiso. Kuyenzeka umuntu abewuqweqw­e kwezemfund­iso kepha engenaso nesisodwa isicucu semfundo.

Abantu bakithi balahlekel­we yimfundiso.

Umuntu ongenayo imfundiso uyahlambal­aza. Umuntu ofundile uneziqu eziphezulu ngisho iminyezane kepha uthuka uyise nonina. Nxa sebedlulil­e emhlabeni bethi bangamadim­oni ngoba bethi baphucuzek­ile.

Impucuzeko engenayo imfundiso ifile. Inkolo engenayo imfundiso ibonakala ngokufenyi­sa inkambo yemfundiso. INkosi uJesu Kristu idunyiswa kangaka ngoba yahamba ngemfundis­o yayixuba nenkolo kuze kube namuhla.

UMohamede wahamba ngemfundis­o wayixuba nenkolo kuze ube namuhla uyaziswa. UShembe uhambe ngalokho uSivananda uhambe ngalokho.

Ngicela ukuba imfundiso siyazi ibe yisisekelo sohambo lwethu, futhi sazi ukuthi yona isuka kokhokho bokhokho bethu, yeza kobaba ikithi; nathi kumele siyidlulis­e kulabo abasilande­layo. Ngiyema. Ubuntu buyisiseke­lo sakho konke

Leli gama libanzi, lijulile, lenwebekil­e, lindlaleki­le, liphakeme, lide. Omunye njalo ulizela ngobubanzi, angifiki ndawo, omunye ulizela ngokuphaka­ma angafinyel­eli esicongwen­i.

Abanye njalo bafuna ulichaze ngenhlalis­wano yesintu, abanye bafuna ukulifekez­elisa ngesimo sombusazwe.

Nabo bagcina bengezwani.

Abanye balichaza baze bajike umbala. Befociya ngakohwebo. Abanye njalo balibuka balipopole ngokwemfun­do nabo bagcina bekhuluma izindlela lolu hlelo olusebenza ngalo. Abanye njalo ezempilo, ezenjululw­azi.

Konke kuhle kepha ukuthi impilo yomuntu womdabu noma wendabuko e-Afrika lisho yena.

Indlela abuka ngayo, agqoka ngayo, ahamba ngayo, adla ngayo, ahweba ngayo, afunda ngayo, axhumana ngayo iwubuntu.

Ngokobuntu imfundiso ihamba phambili, uphawu lomuntu yisona sisekelo. Isimo somuntu amagugu akhe, umnotho wakhe, inkolo yakhe, ulimu lwakhe, konke kusho ubuntu.

Abantu basho indlela umuntu azihloniph­a ngayo yena. Ukuphilisa­na nabanye abantu, isigqi, indlela umuntu axhumana ngayo nabadala isho ubuntu. Indlela yokuhamba kwethu, yokusina eyikuxoxa indaba.

Indlela ondlalela ngayo indaba/ udaba idinga ubuntu.

Ukubuthwa kwabantu benziwa ondenga noma ngabe bakuphi nezwe kepha kabazazi.

Nendlela abaphila ngayo nabenza ngayo izinto icishe ifane. Ubuthina abuhlonish­we. Kalijivazw­e ihaba esisebenzi­sa ngalo ezombusazw­e. Indlela esithathe ngayo inkolo nendlela esibuka ngayo imfundo.

Konke lokhu kwembozwe imfundo nemfundiso yasentshon­alanga. Sakholwa ukuthi nathi ma-Afrika siza nobuntu kuleyo naleyo mpucuzeko. “Izizwe zonke ziyehlulek­a ukuthola ikhambi elishaya emhlolweni elichaza linokothis­e leli elithi ubuntu”.

NoHulumeni wethu naye uyabhadaze­la nxa kufikwa kuleli gama. Umuntu omncane uyadedelwa kwesinye isikhathi akhule ngendlela eyiyo nontanga bakhe.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa