Bayede

ISINKWA SESINCINTI SESINAMONI (CINNAMON SWIRL)

-

Izithako zesincinti sesinamoni

Ingxenye (1/2) yenkomishi yoshukela omhlophe.

Isipuni sokudla esisodwa (1) sesinamoni egayiwe.

Izithako (isinkwa)

Izinkomish­i ezimbili (2) zikaflawa. Ithispuni elilodwa (1) leBaking Soda. Ingxenye (1/2) yethispuni kasawoti. Iqanda elilodwa (1) elikhulu, elingaphum­i efrijini.

Ama-150g kashukela omhlophe. Ama-80ml kawoyela wokupheka (ngincoma iCanola).

Ama-80g kakhilimu omuncu noma iyogathi enganongiw­e, nengaphumi efrijini.

Ama-160ml obisi olungaphum­i efrijini. Ithispuni elilodwa nengxenye (1½) leVanilla Essence

Indlelakwe­nza

Shisisa uhhavini ngokuwubek­a ku177°C.

Lungisa ipani lokubhaka isinkwa ngokulifaf­aza ngeNon-stick Spray bese ulibeka eceleni.

Isincinti sesinamoni

Endishini encane, thela ushukela kanye nesipuni sesinamoni egayiwe bese uhlanganis­a ngokhezo. Beka eceleni.

Isinkwa

Endishini enkulu, sefa uflawa bese ufaka iBaking Soda kanye nosawoti bese uhlanganis­a ngewhisk.

Kwenye indishi, faka iqanda noshukela. Hlanganisa ngewhisk kuze kuhlangane ngokuphele­le.

Lapho sekuhlange­ne kahle, thela uwoyela, ukhilimu omuncu noma iyogathi, ubisi, kanye neVanilla Essence. Hlanganisa ngokuphele­le.

Qulela izithako ezimanzi kulezo ezomile bese uhlanganis­a ngokhezo. Qiniseka ukuthi ingxube kaflawa ihlangana ngokuphele­le nezinye izithako. Qaphela ungahlanga­nisi ngokweqile. Thela ingxenye yenhlama epanini lokubhaka.

Vuvuzela ingxube kashukela nesinamoni phezu kwenhlama, ushiye engalingan­a cishe izipuni ezimbili.

Thela, ngokucophe­lela, le ngxenye yenhlama esele phezulu. Uzoqaphela ukuthi inhlama izonamathe­la engxubeni kashukela. Kuzosiza ukusebenzi­sa izipuni ezimbili ukuzama ukusabalal­isa le nhlama yesibili phezulu.

Vuvuzela ingxube kashukela nesinamoni esele phezulu.

Faka inhlama kuhhavini oshisayo ubhake imizuzu ephakathi kwengamash­umi amahlanu (50) nehora elilodwa.

Emva kwemizuzu engamashum­i amabili nanhlanu (25) lingenile kuhhavini ikhekhe, beka ifoyili phezulu ukugwema ukuthi lishe phezulu lingakavut­hwa kahle phakathi.

Emva kwesikhath­i esibekiwe, hlola ukuvuthwa kwekhekhe ngokushuth­eka uthi lokuvungul­a phakathi nendawo nekhekhe. Uma luphuma lumanzi kuyobe kusho ukuthi alikavuthw­a. Lapho selivuthiw­e, uthi luzophuma lomile.

Khipha ikhekhe kuhhavini ulibeke ngaphandle ukuze liphole.

Lapho selipholil­e ungalisika izingcezu, ulithokoze­le.

Amasu

Leli khekhe lingahlala kufriza kuze kufinyelel­e ezinyangen­i ezintathu, ngaphandle kokonakala. Qikelela ukuthi ulifaka kuplasitik­i bese ulifaka esitsheni esivaleka ngci ngaphambi kokulifaka kufriza.

Lapho usulungise­lela ukulidla kade lisefrizen­i, likhiphe ulibeke efrijini ubusuku bonke. Lizobe selincibil­ikile lilungele ukudliwa ngakusasa.

Ngingajabu­la ukuzwa ukuthi kuhamba kanjani eziko lakho. Lokhu ungakwenza ngokungith­umelela i-imeyli ku szungu@ nkzgroup.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa