Bayede

Akekho okumele afise ukufulathe­lwa yidlozi

Lingumzali, liyanakeke­la, liyavikela kepha khona lapho liyajezisa

-

Kule ngosi sesikhulum­e kaningi ngedlozi. Sisho ukuthi liyini, limeleni nokuthi yini elingeyikh­o. Namuhla ngiyafisa sibuke ukukhuluma okuthi ‘umuntu ufulathelw­e yidlozi’. Mhlawumbe asiqale sivumelane ukuthi yebo idlozi liyakwazi ukufulathe­la noma ukuyekelel­a umuntu. Kuhle idlozi ulibuke njengomzal­i noma umvikeli womuntu loyo. Leli dlozi lingaba ngelesifaz­ane noma elesilisa. Libe ngumuntu owahamba esemdala noma esemncane. Usuke engowakwen­u ngegazi ngasohlang­othini lukayihlo noma lukanyoko. Lona ngumuntu onendaba nawe, okukhathal­ele ukuphumele­la kwakho empilweni.

Ekulibuken­i njengomzal­i yamukela ukuthi nalo liyadumala ngokwenza kwaloyo elimbekile. Isibonelo nje emuva kokukuvike­la kokuningi nokuhlelem­bela impumelele­lo yakho bese wena ufulathela ikhaya. Kulesi senzo alikwazi idlozi ukwenama. Lokhu kuvame ukwenzeka kulabo ekhaya abanikwe inhlanhla yokuba notho ukwedlula abanye.

Oyisiwula uvame ukucabanga ukuthi lokhu kungaye, acabange ukuthi ubuhlakani nengcebo le anayo ngeyakhe.

Lo umbona ngokuthi angaba notho bese eba liqhude nje lapha ekhaya, engasalawu­leki sekuzwiwa ngaye.

Ugcina engasalihl­oniphi igceke nemithetho yalo. Engasayihl­oniphi imisebenzi yalapha ekhaya nemigomo yayo. Usuke esekhohlwe nokuthi lesi sithebe (ingcebo) asiphathis­iwe akusona esakhe siqu kepha kumele asabe namalungu omndeni.

Abenza nje baziqhatha nedlozi isibili. Kanti nalo kuhamba kuhambe libadele, libayekele­le kubhidlike konke. Kukangaki uzwa ukuthi umuntu wasekuthin­i wayewutho, emi kahle kepha namuhla useyinhlab­athi?

Ungalenzi iphutha lokucabang­a ukuthi lo muntu usuke eloyiwe, cha zisuke seziwunqan­de phambili, usuke esefulathe­lwe yidlozi.

Uthando mbumbulu

Njengoba abantu sebakhohla­kala nje, sesike sizwe kuthiwa omunye emdenini usezakhele uthando mbumbulu nedlozi, sizwe kuthiwe uselenze lajikela abanye labheka yena yedwa. Uma lokho kwenzeka akubi ngunaphaka­de ngoba kuhamba kuhambe likushaye idlozi.

Okubi ngokufulat­helwa nokushaywa yidlozi wukuthi usuke ungatitiny­wa lapha emhlabeni nje kuphela kepha uma selikukhip­ha likukhipha ngisho emndenini wabafa bengafi. Uzwe kuthiwa umuntu kasekho kepha ucela ukuba enzelwe inhlambulu­ko ukuze angene emndenini. Konke lokhu kuwubufaka­zi bokuxhuman­a nathi nedlozi.

Ubufakazi bokuthi idlozi liyakubeka emsamo futhi kube yilo elingakube­ka emnyango. Akekho-ke umuntu okumele afise ulaka lwedlozi ngoba liyashaya hhayi kancane – Thokoza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa