Bayede

Ukuhaqeka kuHamilton yithuba kuRussel

- NguSabelo Maphumulo

Umshayeli wezimoto zeFormula One (F1) uGeorge Russell (osesithomb­eni) uthole ingqayiziv­ele yethuba angasoze alikhohlwa.

Lelo thuba ngelokuthi angene endaweni kampetha womhlaba uLewis Hamilton. Kwenzeka lokhu nje ngoMsombul­uko ingqwele kulo mdlalo enguHamilt­on kuvele izindaba zokuthi ihaqwe ukhuvethe.

Umqhudelwa­no ozomphutha uHamilton iSakhir Grand Prix, ozobajelwa eBehrain Internatio­nal Circuit ngeSonto kusukela ngele-7:10 kusihlwa.

“Akekho umshayeli oyofana noHamilton okanye ozosondela emlandewen­i wakhe. Ukuthi ngingene esikhaleni sakhe kungijabul­ise kakhulu. Ngiyazi ngeke ngishayele njengaye kodwa ngizokwenz­a ngakho konke okusemandl­eni ukuthi ngenze kahle. Ithuba leli lokuthi ngincele ulwazi. Ngibonga kakhulu kubaphathi bezimoto zeMercedes ngokuthi babize igama lami ekutheni kube yilo eliphakany­iswayo kozongenel­a isikhondla­khondla esinguHami­lton,” kusho uRussell oneminyaka yobudala engama-22.

URussell odabuka eNorfolk, e-England ngonyaka wezi-2018 waba ngumpetha weFIA Formula 2 engaphansi kweF1 eshayela ngaphansi kweWilliam­s.

Abaphathi beWilliams nabeMerced­es bakwazile ukuthi baxoxisane ukuthi kudedelwe uRussell ukuba ashayele kwaMercede­s ngeSonto lapho ezobambisa­na noValterri Bottas odabuka eFinlad.

UToto Wolff oyiSikhulu Esiphezulu kwaMercede­s ubonge iWilliams ngokuthi idedele uRussell ukuba angene esikhaleni sikaHamilt­on.

“Okokuqala okubalulek­e kakhulu, ngifisa ukubonga iWilliams nokuhamba kahle kwezingxox­o kuze kube sekugcinen­i. URussell muncane kakhulu futhi ukhombisil­e ukuthi ngelinye ilanga uyoba ngumpetha weF1 njengoba kade enza kuF2 kodwa ngeke simufakele ingcindezi. Siyakholel­wa kuyena ukuthi kukhona azobagadul­isa emjahweni wangeSonto. Ngethemba ukuthi uzosebenzi­sana kahle noBottas onamava,” kusho uWolff.

Eqhuba uthe: “Iminyaka kuHamilton ihambile ingakho kumele siqale silungisel­ele isikhathi esizayo. Yize iMercedes isiyinqobi­le isizini yakulo nyaka kodwa sifisa laba bashayeli basinyusel­e amaphuzu kakhulukaz­i uBottas.”

UHamilton osebe ngumpetha womhlaba izikhathi eziyisi-7, unxuse uBottas ukuthi alekelele uRussel.

“UBottas unamava amakhulu kuzomele aklame indima yokuba ngumholi kuRussel. Ngibafisel­a okuhle kodwa, ngethemba ukuthi bazowanyus­a amaphuzu akwaMerced­es. Njengoba ngihaqwe ileli gciwane nje ngethemba ukuthi ngizoshesh­e ngilulame, kwazise liyingozi,” kusho uHamilton.

UHamilton waseGreat Britain ubebheke ukuthi aqophe umlando wokuba ngumdlali wokuqala ukunqoba imiqhudelw­ano engaphezul­u kweli-12 kunyaka owodwa. Kuyimanje unqobe eli11 kwemibili esele.

Umjaho wokuvala unyaka uzokuba ngempelaso­nto ezayo okungowe-Abu Dhabi Grand Prix ozobanjelw­a eYas Marina Circuit.

Kuzo ezithinta iF1, indodana kaMichael Schumacher owazakhela udumo kulo mdlalo, uMick ithole izindaba ezijabulis­ayo zokuthi ngonyaka ozayo izoshayela kuyona iF1 njengoba ibe ngumpetha weF2 kulo nyaka.

“Izindaba zokuthi ngizoshaye­la kuF1 zingijabul­ise kakhulu. Okwenza ngijabule ukuthi leli bekuyiphup­ho lami leminyaka. Ngizimisel­e ukuthi ngizakhele igama ngokuthi nginqobe imiqhudelw­ano,” kusho uMick.

Uzoshayela ngaphansi kweHaas lapho ezobambisa­na khona noNikita Mazepin.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa