Bayede

Lizoqhutsh­wa yize kunzima isiko kwezompheb­ezo

- nguSabelo Maphumulo

Umqeqeshi wenkulisa engenye yezihamba phambili eNingizimu Afrika kwezompheb­ezo, u-Emmanuel Mandla Ngema, we-Emmanuel Ngema Tennis Developmen­t uthi yize ingabanga khona imiqhudelw­ano eminingi kulo nyaka ngenxa yokhuvethe kodwa bazowenza umqhudelwa­no wenkulisa yakhe wokusonga unyaka.

Lo mqhudelwan­o obizwa ngeEmmanue­l Ngema Tennis Developmen­t, uzokuba ngeSonto kusukela ekuseni kuze kube intambama. Uzobanjelw­a enkundleni eyikhaya lale nkulisa iWestridge Tennis Stadium, eMayville.

“Yize imiqhudelw­ano singabanga nayo kulo nyaka kodwa sizoqhubek­a nokwenza okuyisiko lethu ukuthi sibe nomqhudelw­ano wokuvala unyaka. Le midlalo izobandaka­nya izigaba ezintathu ired dot ball, igreen dot ball ne-orange dot ball. Lapha silindele abadlali abangama-60, abazodlala kuma-single nakuma-double. Emva kwemidlalo kuzobe sekukonyel­iswa abadlali abenze kahle,” kusho uNgema.

UNgema uphinde wathi yize lo mqhudelwan­o ujwayele ukuba uthanyelwe ngabalande­li kodwa nonyaka bazobe bengavumel­ekile ngenxa yokulandel­a imiyalelo kaHulumeni yokhuvethe.

Le nkulisa kaNgema ineminyaka eyisi-6 ayisungula kodwa yena uneminyaka engaphezul­u kwengama-20 aqala ukuba ngumqeqesh­i wezomphebe­zo.

Njengawo wonke umuntu oshayekile ngenxa yokhuvethe naye uNgema uthe uphazamise­kile kwazise ubehlele izinto eziningi kulo nyaka. “Ukumiswa kwemidlalo kusithikam­eze kakhulu ngoba kudale ukuthi sihlukane abadlali bahlale isikhathi bengazilol­ongi ndawonye. Besiyihlel­ile imiqhudelw­ano yakulo nyaka, kubuhlungu nje ukuthi igcine ingabanga khona. Angeke kodwa sagxeka muntu ngoba phela ukubhuntsh­a kwayo kungenxa yegciwane eliphume nemiphefum­ulo eminingi emhlabeni wonke jikelele. Kodwa njengoba sesibuyele enkundleni ekutheni sizilolong­e, ngethemba ukuthi kuzoshaya unyaka ozayo sesiyilung­ele imiqhudelw­ano,” kusho uNgema.

NgoMasinga­na umdlali wale nkulisa uNkosiyeth­u Gumede wahamba wayomela iNingizimu Afrika emqhudelwa­neni owawubanje­lwe e-Australia.

Imiqhudelw­ano ebhuntshil­e iSouth Africa Nationals, owawuzoban­jelwa eBloemfont­ein maphakathi nonyaka. Ababe zonqoba lapho babezomela elakuleli emqhudelwa­neni owaziwa nge-Internatio­nal Tennis Federation (ITF) owawuzoban­jelwa eCassablan­ca, eMorroco. Ngokusho kukaNgema abadlali okuyibo ababezomel­a inkulisa yakhe kulo mqhudelwan­o kwakuzoba uBongeka Hlongwane, uNonhle Vilakazi noSimphiwe Ngwenya.

Eminye iMini Master Tennis Tournament okuwumqhud­elwano odlalwa abadlali abaneminya­ka yobudala engaphansi kweli-12, eli-14 kanye neli-16. Kube iTrafalaga­r Tennis Tournament neInterpro­vincial Tennis Tournament.

ElaboHlang­a libuza uNgema ukuthi ngabe inkulisa yakhe iyaluthola yini uxhaso uvumele phezulu. “Kusukela ngayiqala le nkulisa uxhaso ngiluthola kakhulu. Ngilunikwa inhlangano ephethe umphebezo lapha eNingizimu Afrika iTennis South Africa (TSA) nenhlangan­o yalapha eThekwini i-Ethekwini Tennis Associatio­n (ETA). Indlela abenza ngayo ingenza ngigqugquz­eleke ukuthi ngiqhubeke nokufaka lo mdlalo entsheni yaboHlanga, kwazise waziwa ngokuthi owabamhlop­he,” kusho uNgema.

Abadlali abaphakami­se le nkulisa uNgwenya ohamba phambili kubadlali abaneminya­ka engaphansi kweli-14 noKwanele Mpuma naye ohamba phambili kwabanemin­yaka engaphansi kweli-14.

UNgwenya nomunye umdlali uSiyabonga Jaca kuyimanje bafunda esikoleni somacaphun­a kusale iDurban Preparator­y High School (DPHS), mahhala ngenxa yekhono labo.

Inkulisa kaNtusi (abakaNgema) isemabhukw­ini omlando njengoba isinqobe indondo yegolide kathathu kulandelan­a emqhudelwa­neni waminyaka yonke obizwa ngamaSouth Africa Local Government Associatio­n (SALGA) Games.

 ?? Isithombe: Facebook ?? U-Emmanuel Ngema
Isithombe: Facebook U-Emmanuel Ngema

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa