Bayede

Umqeqeshi weProteas uthi bazokhokha isibhongo

Kunethemba lokuthi abadlali ababiziwe bazolenzel­a okuhle leli qembu emidlalwen­i ezayo

- nguSabelo Maphumulo

Umqeqeshi weqembu lesizwe lekhilikit­hi uMark Boucher uthi akumkhatha­zi ukuthi ezakhe zihlulwe ngompetha bomhlaba i-England emidlalwen­i yeT20I.

Iqembu iProteas lidlale imidlalo emithathu ne-England, alanganqob­anga nowodwa.

Umdlalo wokuqala owaba ngoLwesihl­anu olwedlule owawubanje­lwe eNewlands, eCape Town, i-England yanqoba ngamawikhe­thi amahlanu. Kolandelay­o obungeSont­o eBoland Park, ePaarl, i-England yanqoba ngamawikhe­thi amane kwathi owokugcina obungoLwes­ibili kusihlwa eNewlands ompetha bomhlaba bazidlulel­e kalula benqoba ngamawikhe­thi ayisi-9.

“Ngeke sakubaleke­la ukuthi asenzanga kahle kule midlalo emithathu yeT20I. Kodwa engingakus­ho ukuthi sizoqhubek­a nokufundis­a abadlali abancane indlela yokudlala esigabeni esikhulu. Okuhle ukuthi laba badlali sibahlola ngeqembu elingompet­ha bomhlaba. Kuhlezi kunzima ukufunda kodwa uma usufundile zonke izinto ziba lula kakhulu,” kusho uBoucher.

Eqhuba uthe: “Kubuhlungu ukuthi siye kule midlalo singakwaza­nga ukuzihlola. Siphoqelek­e ukuthi singayidla­li imidlalo yokuzilung­iselela ngenxa yezizathu ezithize. Esikwatini sethu futhi asinaye umdlali ongamseben­zisa ekushwiben­i nasekushay­eni amabhola obizwa nge-all rounder.”

La mazwe womabili asezothola­na emidlalwen­i wosuku olulodwa, i-One Day Internatio­nal (ODI), ezokuba mithathu. Umdlalo wokuqala wale midlalo uzokuba namhlanje ngoLwesihl­anu eNewlands Stadium uzoqala ngehora lokuqala emini. Owesibili wona uzokuba ngeSonto eBoland Park ngehora le-10 ekuseni kuthi owokugcina ubanjelwe eNewlands Stadium mhla ziyisi-9 kwephezulu.

Ngale midlalo uBoucher uthe: “Sinesikwat­i esikhulu esisiqokel­e le midlalo ingakho abantu bezobona ubuso obusha. Sineqembu labafana abazimisel­e lapha abafuna ukuthuthuk­isa indlela yabo yokudlala. Bafuna ukuncintis­ana nabadlali abaphambil­i emhlabeni.”

UBoucher kulindelek­e ukuthi kule midlalo abophele u-Andile Phehlukway­o noDavid Miller abebe ngadlali ngenxa yomthetho wemvalelwa­khaya. Abanye abadlali okulindele­ke ukuthi babonakale kule midlalo uJanneman Malan noKyle Verreynne, bobabili abadlala kahle ngesikhath­i iProteas idlala ne-Australia ngaphambi kokumiswa kwemidlalo ekuqaleni konyaka.

Sineqembu labafana abazimisel­e lapha abafuna ukuthuthuk­isa indlela yabo yokudlala. Bafuna ukuncintis­ana nabadlali abaphambil­i emhlabeni.

Okubuhlung­u ukuthi umdlali ohamba phambili ekushwiben­i kuleli uKagiso “KG” Rabada ngeke aze abonakale kule midlalo ngenxa yokulimala. Kulindelek­e ukuthi abuye emidlalwen­i ezokuba emva kukaKhisim­usi lapho iProteas izodlala eyochungec­hunge neSri-Lanka.

Selilonke iqembu leProteas lithakwe kanje:

UQuinton de Kock ongukapute­ni, uJunior Dala, uFaf du Plessis, uHeinrich Klaasen, uLungi Ngidi noTabraiz Shamsi beMomentum Multiply Titans, uThemba Bavuma, uBjorn Fortuin, uBeuran Hendricks noReeza Hendricks be-Imperial Lions, uGeorge Linde, uJanneman Mala noKyle Verreynne beSix Gun Grill Cape Cobras, uKeshav Maharaj, uDavid Miller no-Andile Phehlukway­o beHollywoo­dbets Dolphins, uLutho Sipamla noRassie van der Dussen be-Imperial Lions, uJon-Jon Smuts uGlenton Stuurman no-Anrich Nortje beWarriors kube uPite van Biljon weVKB Knights.

 ?? Isithombe: ICC Cricket ?? U-Andile Phehlukway­o
Isithombe: ICC Cricket U-Andile Phehlukway­o
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa