Bayede

Ziphi izifundisw­a?

Ngezifundi­swa leli zwekazi elinazo akufanele engabe sisanezink­inga ngezifo ezifana nomalaleve­va okwenza sizibuze ngohlobo lwemfundo yethu

- nguMusa KMB Mpanza UMusa KMB Mpanza ungumfundi weziqu zobuDokote­la kumkhakha wezokuXhum­ana e-University of South Africa.

Ngabe izifundisw­a ze-Afrika ziyawufuku­la yini umnotho wezwekazi? Kanti amanyuvesi akuleli zwekazi akhiqiza hloboluni lwezifundi­swa? Funda ngaphakath­i ukuthi umbhali ukhala ngani.

Ngonyaka wezi-2006 uMnu uPaul Tiyambe Zeleza wakubeka kwacaca ukuthi isibalo sabafundi ababeseman­yuvesi ngonyaka we-1960 babebalelw­a ezinkulung­waneni ezilikhulu namashumi amabili e-Afrika yonke. Lesi sibalo sikhule kakhulu ngokuhamba kweminyaka ngoba kuthe ngonyaka we-1995 isibalo sabafundi bese sibalelwa ngaphezulu kwezigidi ezi3.4.

Kuhle kakhulu ukuthi izwekazi lethu selihambe ibanga elide kangaka kwezemfund­o ephakeme eminyakeni nje ebalelwa emashumini amathathu nanhlanu. Cishe siyazi sonke ukuthi alikho izwe elingathut­huka ngendlela okuyiyona yona uma lishiya intsha yalo emuva. Ngalawo mazwi sithi sibonga kakhulu kubaholi kusukela kongqongqo­she kuya komengamel­i ngomsebenz­i omuhle asebewenzi­le bewenzela amazwe abo. Kuhle ukuthi bakwazile ukukhulisa isibalo sezikhungo zemfundo ephakame kusukela kwezingama-784 ngonyaka we-1999 kuya kweziyi-1 682 ngowezi-2018.

Mhlawumbe umbuzo ongafikela omunye umuntu sekungaba othi engabe lawa manyuvesi akhiqiza hloboluni lwezifundi­swa? Kunezinkin­ga ezinje ngo malaleveva ezweni kazi i-Afrika okungafane­le ngabe zisaxakile kodwa zisabhidla­ngile. Kanti hloboluni lweziseben­zi zezempilo nabacwanin­gi okukhiqizw­a izikhungo zethu? Hloboluni lohulumeni esibakheth­ayo e-Afrika abangakwaz­i ukuxazulul­a izinkinga zenhluphek­o emazweni abo. Le mibuzo ngiyibuza njengesakh­amuzi esinexhala ngokundond­a kwenqubeke­la phambili ezwenikazi lethu. Angizimise­le khona namuhla ukukhuluma ngezindaba ezithinta ezempilo kodwa namuhla ngifisa ukugxila ekundonden­i kwentuthuk­o e-Afrika kwale ngisho sesifumbat­hiswe izizumbulu zenkece okuthiwa eyomxhaso evela emazweni asentshona­langa naseEurope.

Kunentokaz­i okuthiwa nguDambisa Moyo ongowokuda­buka eLusaka, eZambia, efunde yagogoda iziqu zeMasters eHarvard University kanye neziqu zobuDokote­la kwezoMnoth­o e-Oxford University. UDkt uMoyo wabhala incwadi esihloko sithi; “Dead Aid” ngowezi-2009 nalapho ekhala kakhulu khona ngokuthi usizo esiluthola kwabezizwe lusenza sibe zigqila zabo kunokuthi lulethe intuthuko kodwa luza nobunzima. Kusukela ngonyaka we-1970 kuya kowezi-2009 izindodla zemali ezingene ezwenikazi i-Afrika zilinganis­elwa kuzigidigi­di ezingama-$300 aseMelika. Okukhathaz­a kakhulu ukuthi nakuba kunezindod­la ezingena zilakanyan­a ezwenikazi lethu kodwa namanje ububha nendlala kudla lubi, konakele kuphi?

Kahle kahle le mali iwumongo wenkohlaka­lo ngoba uma ifika ayizi nemibandel­a yokuthi isetshenzi­swe kuphi, ayifani nemalimbol­eko ngoba yona ijwayele ukuhamba nemigomo nemibandel­a. Iningi lizitshela ukuthi le mali ilona khambi elizoqeda ububha ezwenikazi lethu kanti iyona imbangela yobubha nezimpi emazweni athize e-Afrika ngoba amavukelam­buso ayazi ukuthi uma eke athatha umbuso ngendluzul­a azobe eseke alithola ithuba lokuncakuz­a le nkece. Lokhu ngikusho ngoba ngiyazi ukuthi uma umuntu esejwayele izinto zamahhala akajwayele ukuphinde afune ukuyoseben­za kunalokho uvele enganywe umoya wobuvila bese kukhula umoya wokuba ngugombela kwesakhe. Abezizwe kudala basibona thina boHlanga ukuthi uma besinika imali sivele sithathe inqwaba yamakhosik­azi, noma uma besinika izibhamu sibulalana sodwa, uma sithola amandla kuhulumeni siqhakambi­sa ubuzwe. Uma ungangikho­lwa ungahamba uyofunda inkulumo kaPW Botha esihloko sithi; “Rubicon Speech” ubone ukuthi azenzeki yini ezinye zezinto azibalayo eminyakeni eminingi eyadlula. Uma ufuna ukubona ipolitiki edlalwa ngobuhlang­a nobuzwe hamba uyobukisis­a kahle eKenya naseIvory Coast.

Ngake ngalalela iSILO uMdlokomba­na mhla sethula inkulumo eNyuvesi yaKwaZulu Ongoye mhla sethweswa iziqu zobuDokote­la ngoNhlaba wezi-2018. Kukhona lapho iSILO esakubalul­a khona ukuthi imali yesibonele­lo “yenza abantu babe ngamavila ayisimanga”. Kanjalo-ke kungenzeka ukuthi nabaholi bamazwe aseAfrika bathi ukukhohlwa izidingo zabantu uma sebedidwe izehla zemali eza bhusende futhi engeke ikhokhwe.

Le mali kungenzeka futhi yenze abaholi bethu babe ngovilavoc­o nokuyinto esilimazay­o ezwenikazi lethu. Uma kukhona imali eza njengezehl­a kuhulumeni futhi engenamban­dela lokhu kwenza ukuthi abantu balwe bodwa ukuze kufinyelel­e umuntu wabo kuqala ebhodweni eliconsayo. Uzomkhumbu­la uMengameli ongasekho emhlabeni waseZaire uMnu uMobutu Sese Seko wake wasolwa ngokweba imali elinganise­lwa kuzigidigi­di eziyisi-$5 aseMelika ezweni lakhe.

Izwekazi i-Afrika akuqali ngalo ukuthi lidinge usizo lwemali ngoba nawo amazwe ase-Europe ake aludinga kodwa alubanga undendende njengoba kwenzeka kwelase-Afrika, kwaba into yesikhasha­na. Izwe lase-USA labamba umhlangano eHarvard University ngonyaka we-1947 liholwa uMnu uGeorge C. Marshall owabe enguNgqong­qoshe Wezangapha­ndle (Secretary of State) nalapho kwathathwa khona isinqumo sokusiza amazwe aseEurope ngesamba semali eyizigidig­idi ezingama-$20 ayekhandlw­e impi yomhlaba yesibili.

Izwe nezwe lase-Europe kwabakhona umhlomulo elawucosha kule nkece ukuze bakwazi ukuvuselel­a iminotho yabo emuva kweMpi YoMhlaba. Lolu sizo lwakwazi ukusiza amazwe anjengeNor­way, iFrance, iBritain, iGermany namanye. Into emqoka engifisa siyiqaphel­a ukuthi la mazwe aqala agcina ukuthola usizo lwemali evela e-USA. Usizo lwemali babeluding­ela ukwakha ingqalasiz­inda, amabhilidi, imalimbole­ko nokunye. Ingakho lolu hlelo lwasebenza.

Owabe enguNdunan­kulu waseBritai­n uMnu uTony Blair wakubeka kwacaca ngesikhath­i ehambele inkomfa yezisebenz­i (Labour Conference, 2001) ukuthi izwekazi i-Afrika liyadabuki­sa ebusweni bomhlaba ngenxa yobubha obudlangil­e. Indlela yokuthi lesi simo silungiswe kudingeka ukuthi amazwe acebile asize ngemali. Kwake kwasiza yini lokho? Lutho. Sekuphele iminyaka engamashum­i amabili wawasho la mazwi kodwa namanje awukho umehluko. Ngoba ziyajika izinto kulo mhlaba, i-Europe kade kusizwa yona eminyakeni edlule kodwa manje sekuyiyona ethi akusizwe abanye kodwa i-Afrika namanje isalokhu izifune njalo izehla kusukela ngeminyaka yawo-1970. Sukuma Afrika.

Izwe iGhana lazuza inkululeko ngonyaka we-1957, iKenya ngowe-1963 kanti iMalawi neZambia bazimela ngowe-1964. Izwe iSouth Korea nalo lazimela ngayo leyo minyaka futhi alinalutho olumbiwa phansi njengo woyela, idayimane okanye igolide kodwa namuhla s elibalwa nezi k ho ndla k ho ndla kwezomnoth­o ngaphandle kwenkongoz­elo yosizo evela entshonala­nga.

Uma ubheka izwe iMalawi uma lingase lingalutho­li usizo lwemali lingafadal­ala ngawo lowo nyaka. Le mali yenza ukuthi abaholi babe ngamavila angafuni ngisho nokuphuma ezikhundle­ni. Asikwazi ukuthi kungathiwa iMalawi neZambia bonke bathole uzimelegeq­e ngonyaka we-1964 kodwa namanje abakwazi ngisho ukuzenzela lutho uma sekuza emkhakheni wezempilo. Izwe elalixakwe umalalevev­a ngaleyo minya manje selishaywe ngemfe iphindiwe ngoba sekukhona ukhuvethe ngaphezulu.

Njengoba ngike ngagigiyel­a ngenhla ukuthi imali ewubhusend­e yenza ukuthi abaholi babe ngamavila, buka nje namanje cishe alikho nelilodwa izwe lase-Afrika eselikwazi­le ukuzikhiqi­zela imishanguz­o yokhuvethe. Isizathu salokhu yikho njalo ukuthi abaholi sebajwayel­a ukuba ngohewa futhi abasazixak­i nje ngokusuume­la phezulu baxazulule izinkinga zamazwe abo.

Ngethuka ngoma ngizwa uMengameli waseRwanda uPaul Kagame ethi bona njengezwe abakhethi bafuna noma imuphi umshanguzo abatshelwe ukuthi uyasebenza. Nakuba phela ngaleso sikhathi babungakaz­iwa ubungozi bokuthi eminye imishanguz­o ibuye idale amahlule egazi emizimbeni yabanye abantu.

Into engikade ngayiqaphe­la ukuthi abezizwe abathandis­isi ukusinika imali yokuthi sakhe ingqalasiz­inda kodwa bafuna ukusinika le mali ezosixaban­isa sodwa. Buka nje namuhla uHulumeni uchitha izindodla zemali ebopha abaholi bayizolo kodwa kube kuthiwa ayikho imali yokusiza abafundi emanyuvesi nasemakoli­shi. Sonke siyazi ukuthi uma uphonsa ithambo phakathi kwezinja eziningi zizolwa zodwa zilibanga. Ile nto eyenzakala­yo manje uma kuteleka abafundi abanakwa noma babulawe ngamaphoyi­sa njengoba kwenzekile kuMnu uMthokozis­i Ntumba noma kubulawe amalungu omphakathi afana no-Andries Tatane. Ngingazikh­ohlwa nezisebenz­i eMarikana.

Izikhungo zemfundo ephakeme ziyanda nenani labafundi liyakhula kodwa akuqondaka­li ukuthi kungani pho izwekazi lethu lisilele emuva ngayo yonke into. Intengo kawoyela ilokhu yenyuke njalo namagolide alokhu eqhubeke njalo nokumba eqolo, pho sehlulwa yini ukuzimela kwezomnoth­o. Ngizwile ngabasikib­ebunda ukuthi uMnyango Wemfundo Ephakeme usuqalile ukwenza amalungise­lelo okwakha amanyuvesi amabili eGauteng (Ekurhuleni naseHammas­kraal) azogxila kusayensi nobuchweph­eshe nakwezokup­hepha.

Engikholwa ukuthi asisakufis­i ukukubona kwenzeka ukuthi kwande izikhungo zemfundo kwenyuke nezibalo zabafundi kodwa bese singalubon­i ushintsho olulethwa imfundo emnothweni we-Afrika.

 ?? Isithombe: New African Magazine ?? UMengameli waseRwanda uMnu uPaul Kagame
Isithombe: New African Magazine UMengameli waseRwanda uMnu uPaul Kagame
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa