Bayede

Kunokukhat­hazeka eMnyangwen­i ngokunyuka kwabathele­leka ngokhuveth­e

- ngu-Anathi Mtaka

UMnyango Wezempilo kuzwelonke uthi, yize ukwanda kwezibalo zabantu abanokhuve­the kukhathaza, iNingizimu Afrika ayikangeni egagasini lesithathu lalolu bhubhane. NgoLwesith­athu, kubikwe izibalo ezintsha eziyizi-2 759 okunyuse inani eliphelele labanokhuv­ethe laya esi-1 602 031 eNingizimu Afrika. Isifundazw­e iGauteng yiso esinezibal­o eziphezulu kakhulu lapho sinekota yabantu esibalweni esiphelele sezwe abanokhuve­the kuze kube manje. Kuphinde kwashona abantu abangama-72 ngenxa yalo ukhuvethe okunyuse isibalo sabashonil­e saya ezi-54 968.

UMnyango Wezempilo uthi usebenzisa­na nezifundaz­we ukuvuselel­a izinhlelo zabo zokuzivike­la ukuze kuqiniseki­swe ukuthi zikulungel­e ukubhekana nokuthelel­eka kwabantu ngokhuveth­e.

UMnyango Wezempilo uqinisekis­e abantu baseNingiz­imu Afrika ukuthi izwe alibhekene negagasi lesithathu, kodwake, ingozi isekhona. Esontweni eledlule, kwabikwa ukwanda ngamaphese­nti angama-46 ezibalweni ezintsha zabanokhuv­ethe. Zonke izifundazw­e zikhombise ukwanda okungekuhl­e neze ikakhuluka­zi iNorthen Cape, iGauteng, iLimpopo, iNorth West kanye neWestern Cape. UMnyango uthi izwe kumele liqaphe kakhulu futhi uphinde wanxusa ukulandelw­a ngokuqinil­e imigomo yezokuphep­ha ngaphansi kokhuvethe.

Ukukhathaz­eka ngemiphaka­thi yasemakhay­a

Ngesonto eledlule, iCosatu iveze ukukhathaz­eka ngomthelel­a wegagasi lesithathu elingaba khona emiphakath­ini yasemakhay­a. UNobhala weCosatu esifundazw­eni uKopano Konopi uthe kunesiding­o sokuthi uHulumeni usheshise uhlelo lokugomela ukhuvethe. “Siyaqonda ukuthi kunenselel­o evela kuHulumeni kazwelonke mayelana nokuhlinze­ka ngemithamo eyanele yokugoma eNorth West kodwa sisakholel­wa ekutheni uma isifundazw­e singafuna isibalo esiphakeme semithamo, singalethw­a. Ziningi izindawo zasemakhay­a ezingeke zithole imijovo yokugoma ngesikhath­i futhi uma kuza igagasi lesithathu sizohlukum­ezeka isifundazw­e.” kuphetha uKonopi.

 ?? Isithombe: GCIS ?? UNgqongqos­he uZweli Mkhize
Isithombe: GCIS UNgqongqos­he uZweli Mkhize

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa