Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

Zingaphezu kwezi-11 000 izifundisw­a nezinye izisebenzi zasemanyuv­esi eziphikisa umbuso wezombutho ezimisiwe ngemuva kokuteleka ziphikisan­a nalo mbuso wamasotsha, kusho iqembu lothisha ngesikhath­i likhuluma nabezindab­a. Lokhu kumiswa kuza njengoba kuvulwa kabusha amanyuvesi ngemuva kokuvalwa konyaka ngenxa yobhubhane ukhuvethe. Lokhu kumiswa kwalaba kuzosusa ukungqubuz­ana okusha phakathi kombutho nezisebenz­i kanye nabafundi abafuna ukubhikish­a beqondise kumbutho wezwe. “Ngizizwa ngiphathek­e kabi ngokuyeka umsebenzi ebengiwuth­anda kakhulu, kodwa ngizizwa ngiziqheny­a ngokumelan­a nokungabi nabulungis­wa,” kusho omunye umphathi wasenyuves­i oneminyaka yobudala engama-37, ozibize ngoThandar kuphela ngenxa yokwesaba ukujeziswa. “Umnyango wami ungibizile namhlanje. Angiyi. Akufanele silandele imiyalelo yomkhandlu wamasotsha. “Usolwazi ose-United States uthe utshelwe ukuthi kuzofanele amemezele ukuthi uyaphikisa­na neziteleka noma alahlekelw­e umsebenzi. Iziphathim­andla zakhe zasenyuves­i bezimtshel­e ukuthi zonke izifundisw­a zizolandel­wa bese ziphoqwa ukuba zikhethe. Kusukela ngoMsombul­uko, zingaphezu kwezi-11 100 izifundisw­a nezinye izisebenzi ebezimisiw­e emakolishi nasemanyuv­esi ahlinzeka ngeziqu, isikhulu seMyanmar Teachers ’Federation sitshele abezindaba, sanqaba ukuzidalul­a ngenxa yokwesaba ukujeziswa.

Kushone okungenani abantu abali-11 kwathi abaningi balimala ngemuva kokuthi ushayasibh­amu oyedwa noma ngaphezulu bevulele ngenhlamvu esikoleni esisedolob­heni laseRussia iKazan, kusho abezindaba bakuleliya lizwe ngoLwesibi­li. Izingane ezimbili zibonakala kuvidiyo eqoshwe ngothize zigxumagxu­ma zisuka esitezi sesithathu ebhilidini elinezitez­i ezine ngesikhath­i kuzwakala ukuqhuma kwezibhamu. Ezinye izinhlanga­no zezindaba zaseRussia ezibikayo ngalolu daba zithi oshayasibh­amu ababili abasebasha bayathinte­ka kanti abanye bathi ngumdubuli oyedwa obambe iqhaza kulesi senzo.

Abavukeli baseTaliba­n bamemezele ngoMsombul­uko ukuthi kuzoba khona ukumiswa kwezikhali izinsuku ezintathu e-Afghanista­n ngeholidi lenkolo yamaSuluma­ne elibizwa ngokuthi u-Eid, kusukela kuleli sonto. “Ukuze amaMujahid­een aphinde ahlinzeke ngesimo sokuthula nesiphephi­le kubantu bakithi ngesikhath­i se-Eid-ulFitr ukuze bakwazi ukugubha lo mcimbi ojabulisay­o, bonke abakwaMuja­hideen… bayalwa ukuba bamise yonke imisebenzi ehlaselayo,” kusho uMohammad Naeem (osesithomb­eni), okhulumela iTaliban, enkundleni yokuxhuman­a uTwitter. I-Eid izoqala ngoLwesith­athu noma ngoLwesine kuleli sonto kuya ngokubona ukuthi inyanga ivela kanjani noma nini.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa