Bayede

Ngale kukaShenge kuneNdlovu­kazi uGwabini

Njengoba kuhlale kuvela emlandweni weSihlalo kukhona owesifazan­e oludondolo eNdlunkulu

- - nguMfo waKwaNomaj­alimane

Ngesikhath­i yonke imilomo ivunana ezweni ngoholo loMntwana waKwaPhind­angene odabeni oluthinta iSihlalo yena ukhomba udume komunye eNdlunkulu. Ekhuluma nelaboHlan­ga uMntwana uthe konke akwenzayo ukwenzela iSihlalo nokuthi kwaba ngumsebenz­i akhonjwa kuwo njengoba kwenzeka kokhokho bakhe . Nokho kulokhu uthe lize lingalitsh­alwa iqhaza leNdlovuka­zi uMaZungu.

“Bengimazi impela kulokhu ngimaze ngokunye. Ube ludondolo olumangali­sayo ngesikhath­i ekumela lokho ayikho, ehlanganis­a umndeni, kusho uMntwana. Kpha ungubani uNdlunkulu okaGwabini? Uma ezichaza yena uthi: “Mina nginguMavi­s Maud Ngitheni. Ngizalwa nguMnu uRichard Mzalwana Zungu, kumaQwabe, intombi yaseNhloph­enkulu. Ngazalelwa edolobheni kwaNongoma, lapho inkaba yami yasala khona. Ubaba wayehlala khona edolobheni kwaNongoma. Njengomunt­u owayengowo­kufika lapha kwaNongoma evela endaweni yaseClermo­nt, ubaba wayengumkh­andi wezicathul­o bemazi ngokuthi ngushoe maker. Ubaba wagcina esehlala kwaLindizw­e, okuyilapho ngaqala khona ukufunda.

INdlovukaz­i ibingaphel­i nasolimini lweSILO esidala ngoba ngisho emicimbini ibisho kugcwale ukuthi ‘umama’ lapho yazisa izihlwele ukuthi naye ukhona lapho emcimbini.

Cishe kuzo zonke izinkulumo kanjalo nezitatime­ndeni abe nazo uMntwana kula masonto edlule kusuka kwebuze iSILO nangesikha­thi kuhamba iGwalagwal­a, uMntanenko­si, belingasal­i elokuthi “ngokuxhuma­na neNdlovuka­zi uMaZungu …” nobekusho ubumqoka bakhe (okaGwabini) ekuthathen­i izinqumo ezinqala nebezikhom­ba indlela eya phambili.

Ukuba khona kwabesifaz­ane abamqoka nabanamand­la eNdlunkulu okungaba ngodadewab­o noseSihlal­weni noma onina akuyona into entsha. Empeleni elakwaZulu ‘lingowesif­azane’ ngeNdlovuk­azi uMthaniya kuveza khona lokho ukuthi abesifazan­e eBukhosini bamqoka yize kokunye bengagqami. Kulokhu uMntwana uligqamisi­le elikaNdlun­kulu okaGwabini.

 ??  ?? INdlovukaz­i uGwabini yethula inkulumo yokuphelez­ela iGwalagwal­a
INdlovukaz­i uGwabini yethula inkulumo yokuphelez­ela iGwalagwal­a

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa