Bayede

ISimangali­so sicobelela­ne neKruger National Park

- nguSiyetha­ba Mhlongo

Ubuholi bezindawo eziheha izivakashi iSimangali­so Wetland Park kanye neKruger National Park bubambe umhlangano wezinsuku ezintathu ngenhloso yokuthola amasu okuthuthuk­isa ezokuvakas­ha kanjalo nokongiwa kwemvelo.

ISimangali­so Wetland Park esenyakath­o yeKwaZulu-Natal ngowe-1999 yaba ngeyokuqal­a kuleli ukuhlonzwa njengeyama­gugu i-United Nations Educationa­l, Science and Cultural Organizati­on (UNESCO).

Isikhulu esiphezulu eSimangali­so Wetland Park uMnu uSibusiso Bukhosini, silandise elaboHlang­a ngokudingi­dwe kulo mhlangano. Siphawula ukuthi kungani bebone kumqoka ukuthi kube nomhlangan­o neKruger National Park sithe: “Kuzokhumbu­leka ukuthi South African National Parks (SanParks) iphethe iziqiwu ezinkulu umhlaba wonke, empeleni iyona iKruger National Park engenkulu eNingizimu Afrika bese kulandela iSimangali­so. ISanParks isihambe ibanga elide kakhulu ukuqinisek­isa ukuthi ezokuvakas­ha zibekwa ezingeni eliphezulu kakhulu.”

Uthe nabo njengeSima­ngaliso basemkhank­asweni wokwenyusa izinga ezindaweni zabo zezokuvaka­sha.

“Uma ubuka isikhwama sikaHulume­ni kuMnyango Wezemvelo sikhombisa ukuthi asisihle kahle nazo zonke ezinye izindawo. Lokhu kuphoqa ukuthi thina esiphethe ezokongiwa kwezemvelo nokuvakash­a sicabange ngenye indlela ezokwenza ukuthi imali ibe ningi ezindaweni zethu kanjalo nokuthi sivule amathuba okuhweba ngendlela ehlukile kunale ebiyenzeka kuqala.”

Maqondana nenhloso yomhlangan­o kwezokuvak­asha nezokongiw­a kwemvelo, uBukhosini uthe sesifikile isikhathi sokuthi uhlaka lwezokongi­wa kwemvelo lubonakale lubamba iqhaza elibonakal­ayo kwezomnoth­o eNingizimu Afrika nasodabeni lokwentule­ka kwemiseben­zi nobubha obuhlasele izifunda uMkhanyaku­de neKing Cetshwayo ngokuba balungise isimo sokungalin­gani.

“Sithathe isinqumo sokuthi sihlangane neKruger National Park njengoba isithe ukuhamba ukubhekana nalolu daba. Njengoba sithathe izindawo ezingaphak­athi eSimangali­so sazikhangi­sa ukuze kufike abantu abazotshal­a imali bese behweba ngaphakath­i, ngaleyo ndlela kuzovuleka amathuba omsebenzi amaningi kulungisek­e nezinga lobubha oluhlasele,” usho kanje.

Lezi zingxoxo zenzeka nje kuhlelwe ingqungqut­hela ezobanjwa eThekwini mhla zingama-26 kuNcwaba kuyo uBukhosini athe bazobe bekhangisa izindawo kubantu abafisa ukutshala imali. “Kule ngqungquth­ela sizoba nezindawo ezingama-28 ezingaphak­athi eSimangali­so esifisa ukuthi abantu abafisa ukuzotshal­a imali kuzo babe ingxenye yayo. Lezi zindawo zihlangani­sa ezokulala, ezokudla, kanye nezitolo.”

Uqhube wathi: “Esiqiwini kunezinto eziningi ezenziwayo okubalwa ukutshuza uma ungena emanzini, ukubuka oshaka nezinye izinhlobo zezinhlanz­i nokubona nje omunye umhlaba ngaphansi kwamanzi. Ukugibela izimoto ezivulekil­e, ukudoba, ukuhamba ngezikebe, ukugibela amahhashi, ukubuka amatshe, izinyoni kanye nemikhondo, kodwa okumqoka esifuna ukukuveza ukuthi amanye ala mathuba avele akhona eSimangali­so kodwa akusibona bonke abantu abaziyo ngawo. Sifisa abantu bazi ukuthi konke lokhu kuvuleleke­le wonke umuntu, abantu bangene bagamanxe emathubeni okuhweba kungabi sengathi kubekelwe iqeqebane elithile.”

UBukhosini uthe inkulu intshiseke­lo ngale ngqungquth­ela njengoba bebaningi abantu ababashaye­la izingcingo okucacayo ukuthi uma kufika usuku baningi kakhulu abantu abazoba ingxenye nabazofisa ukuthatha la mathuba.

Uthe sebehlomil­e ngoba bayakuqond­a ukuthi abantu abanayo imali ngokuthi baxoxisane noMnyango Wezamabhiz­inisi Amancane, i-Ithala kanye nazo zonke izinhlaka ezahlukahl­ukene ukuze kuzolekele­lwa abantu abasemakha­ya abanesifis­o sokuba ingxenye yalolu hlelo.

“Sizophinde sihambele omasipala sichaze kabanzi ukuze abantu beze bazobamba iqhaza ngoba siyaliguqu­la ibhizinisi lezokongiw­a kwezemvelo nezokuvaka­sha eSimangali­so,” usho kanje.

Ngenyanga eyedlule elaboHlang­a lishicilel­e udaba lapho inhlangano yezakhamuz­i ithe kunuka santungwan­a ngokwenzek­a eSimangali­so. Ezinye zezinto eyayikhala ngazo ukuvalelek­a kwamalungu omphakathi ekubeni yingxenye yomnotho owakhiwa kule ndawo. Yayikhala ngokuvalel­eka emathubeni okumele engabe avulwa ile ndawo, nakwabanye abebeziphi­lisa ngokuba khona kwayo njengokudo­ba.

 ?? Isithombe: ISimangali­so Wetland Park ?? UMnu uSibusiso Bukhosini
Isithombe: ISimangali­so Wetland Park UMnu uSibusiso Bukhosini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa