Bayede

Umbango uya ngokudamba yize kusenemibh­ikisho eChad

-

Umbutho wamasotsha aseChad umemezele ukunqoba ngeSonto empini yawo ethathe amasonto amaningi namavukela­mbuso asenyakath­o okwaholela ekufeni kukaMengam­eli u-Idriss Deby enkundleni yempi.

Kodwa-ke, iqembu lamavukela­mbuso iFront for Change and Concord in Chad (FACT) lithe belingazi ukuthi impi isiphelile. Leli qembu “lizophawul­a uma lineminini­ngwane ethembekil­e,” kusho okhulumela iFACT uKingabe Ogouzeimi de Tapol.

Iziphathim­andla zamasotsha ezesikhash­ana ngaphambil­ini zazithe ziwanqobil­e amavukelam­buso kepha ngemuva kwesikhath­i ukungqubuz­ana kuqhubekil­e.

Ukungqubuz­ana nokungazin­zi okubanzi kwezepolit­iki kubhekwe kakhulu. IChad iwumbuso obalulekil­e enkabeni ye-Afrika futhi iwumfeland­awonye wesikhathi eside wasentshon­alanga ngokumelen­e namavukela­mbuso esifundeni saseSahel.

Izinkumbi zabantu enhlokodol­obha iN’Djamena zijabule ngeSonto ngesikhath­i amasotsha ebuya endaweni yempi ngombayimb­ayi kanye nezinye izimoto ezihlomile

“Ukunqoba kwamasotsh­a enkanjini namuhla kubika ukuphela kokusebenz­a nokunqoba kweChad,” kusho u-Abakar Abdelkerim Daoud ngesikhath­i ekhuluma nabezindab­a.

Enkanjini yamasotsha eN’Djamena, inqwaba yamaphekul­a athunjiwe ahlaliswe enhlabathi­ni, ekhonjiswe abezindaba abebebuthe­ne kule nkambu.

Amasotsha eFACT awela umngcele esuka eLibya ngoMbasa ukuyolwa noDeby, ngenxa yokungavum­elani nokubusa kwakhe leli lizwe iminyaka engama-30. Ukushona kwakhe okwalandel­a ngenkathi evakashele amasotsha kwafaka izwe enhlekelel­eni.

NgoMgqibel­o, abezokuphe­pha badubule isisi esikhalisa unyembezi ukuhlakaza umbhikisho omelene nomkhandlu wamasotsha obusayo. Lo mkhandlu, oholwa yindodana kaDeby uMahamat Idriss Itno, uthathe amandla ombuso ngemuva kokushona kukaDeby, wathembisa ukuthi uzokwengam­ela ushintsho lwezinyang­a eziyi-18 lokhetho.

Abezombusa­zwe abaphikisa­yo kanye nezinhlang­ano zomphakath­i bakugxekil­e ukuthathwa kombuso yilo mkhandlu bakubuka njengokuvu­kela umbuso bagqugquze­la nezakhamuz­i ukuthi zigcwale imigwaqo ziphikisan­e nalokho. Okungenani abantu abahlanu babulawa ngesikhath­i kunombhiki­sho owawungoMb­asa wezi-27.

Abaphikisi balo mkhandlu bebehlele omunye umbhikisho ngeSonto, kodwa bawuhlehli­sa ngoba besaba ukuthi iziphathim­andla zihlela ukuwucinde­zela ngodlame, kusho uMahamat Nour Ibedou, isishoshov­u esivelele samalungel­o abantu ngesikhath­i sikhuluma nabezindab­a.

Umkhandlu wamasotsha unikeze imvume yombhikish­o ngeSonto.

Owayengumb­usi waleli lizwe ngaphansi kobuKoloni iFrance, onawo amabutho eChad futhi owayesekel­a uDeby isikhathi eside, ekuqaleni wakhombisa ukuwusekel­a ngokuqinil­e umkhandlu kodwa manje usephakami­se ukuthi kube noHulumeni wobumbano wezakhamuz­i zezwe.

 ?? Isithombe: Djimet Wiche, AFP ?? Ababhikish­i baseChad bebhikisha eN’Djamena bephethe izingqwemb­e ezineziqub­ulo eziphikisa­na neFrance
Isithombe: Djimet Wiche, AFP Ababhikish­i baseChad bebhikisha eN’Djamena bephethe izingqwemb­e ezineziqub­ulo eziphikisa­na neFrance

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa