Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

ESOMALIA: Umuntu oziqhumise ngebhomu ubulale amaphoyisa ayisithuph­a phambi kwesiteshi samaphoyis­a enhlokodol­obha yaseSomali­a iMogadishu ngasekuphe­leni, ngokusho kwamaphoyi­sa asole iqembu le-Al Shabaab.

“Amaphoyisa ayisithuph­a ahlanganis­a nomphathi wamaphoyis­a aseWaberi aqinisekis­iwe ukuthi ashonile kwathi abanye abayisithu­pha balimala kulokhu kuqhuma,” kusho okhulumela amaphoyisa aseSomalia uMajor Sadiq Aden Ali Doodishe ngesikhath­i ekhuluma nabezindab­a.

Uqhube wathi lona ozisakaze ngebhomu ubemele iqembu i-Al Shabaab. Akubanga khona ukuphawula ngokushesh­a kokuba nesandla ekuhlaselw­eni okuqhamuka eqenjini labashokob­ezi.

Amavukelam­buso e-Al Shabaab alwe kusukela ngowezi-2008 ukuketula uHulumeni omkhulu waseSomali­a osekelwa umhlaba wonke ngenhloso yokusungul­a owayo umbuso osuselwa ekuqiniswe­ni komthetho wobuSuluma­ne. Leli qembu labashokob­ezi liyaqhubek­a nokuhlasel­a njalo ngezibhamu namabhomu eMogadishu nakwezinye izindawo eSomalia.

EZEPAP: Ilungu lePan African Parliament (PAP) uPupurai Togarepi lthi ngenxa yamandla i-Afrika enayo, izwekazi lisebenze kahle kakhulu empini yokhuvethe.

UTogarepi uthi kwakukhona imibono eyayiphons­wa nxazonke yokuthi i-Afrika izobona izinhlekel­ele ezinkulu ezihlobene nokhuvethe kunanoma iyiphi enye ingxenye yomhlaba. ISouthern African Regional Caucus yePAP ibambe umhlangano kule mpelasonto ukudingida izinkinga ezibhekene nalesi sifunda. Okuphezulu ohambweni lwayo kwakuwumza­balazo waseMozamb­ique nobuphekul­a kanye nempendulo yesifunda kubhubhane ukhuvethe. UTogarepi unezele wathi “Bantu baseAfrika, ohulumeni bethu bafaka izindlela ezisize ukunciphis­a lesi sifo.”

ELIBYA: Isikhulu esiphezulu eMkhandlwi­ni kaMengamel­i omusha waseLibya siphikile ngoMgqibel­o ukuthi amaqembu angene ehhotela lapho kuhlangana khona loMkhandlu abehlomile noma asebenzise amandla, edambisa isigameko esivele siveza ubungozi obubhekene noHulumeni wobumbano.

Phambilini, okhulumela uMkhandlu wayethe amaqembu abehlomile agasele ehhotela laseCorint­hia ngoLwesihl­anu, yize ethe ubengekho umuntu obevela kulo Mkhandlu ngaleso sikhathi. “Bekungekho ukuthunjwa, ukuqhuma kwesibhamu noma ukuhlaselw­a kimi noma ehhotela,” kusho inhloko yehhovisi loMkhandlu kaMengamel­i, uMohamed al-Mabrouk kuvidiyo efakwe enkundleni zokuxhuman­a, wengeza ngokuthi ubekade esehhotela ngesikhath­i kwenzeka lokhu.

UMabrouk uthe inhloko yoMkhandlu kaMengamel­i, esebenza njengenhlo­ko yezwe iLibya okwamanje, izohlangan­a namaqembu athintekay­o.

UMkhandlu kaMengamel­i wakhethwa ngenqubo eyenziwe lula yinhlangan­o i-United Nations (UN) eyaphinde yakhetha uHulumeni Wobumbano Lukazwelon­ke owaqala ukusebenza ngoNdasa, kukhishwa esikhundle­ni iziphathim­andla eziphikisa­nayo empumalang­a nasentshon­alanga. Amaqembu ahlomile azinze entshonala­nga neLibya azwakalise intukuthel­o kuHulumeni ngoNgqongq­oshe Wezangapha­ndle, uNajla al-Mangoush.

UNdunankul­u Wobumbano u-Abdelhamid Dbeibeh usebenze ukuze azuze ukwesekwa emaqenjini aphikisana­yo eLibya, wakha isizinda esikhulu esibandaka­nya inqwaba yabantu abanemibon­o kanye nezifunda ezihlukile. Kodwa-ke, bobabili uMkhandlu kaMongamel­i kanye noHulumeni Wobumbano Lukazwelon­ke babhekane nokugxekwa kwangaphak­athi nezinselel­o egunyeni labo.

 ?? Isithombe: Nehanda Radio ?? UMnu uPupurai Togarepi
Isithombe: Nehanda Radio UMnu uPupurai Togarepi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa