Bayede

Amabhizini­si ezokuthuth­a umphakathi asenkingen­i abheke ukutakulwa nokunciphi­sa izisebenzi

-

Unyaka esikuwo kanye nesiphuma kuwo ngakwezomo­tho kuthande ukusinda kakhulu ngenxa yokuthi kuke kwaba khona isikhathi lapho amanye amabhizini­si abengakhiq­izi ngenxa yemvalelwe­khaya edalwe ukhuvethe.

Ukuma ukusebenza ezinkampan­ini nasezimbon­ini kuleli kudale inkinga enkulu phakathi kwabaqashi nezisebenz­i ngenxa yokuthi omunye uphakamisa ukuthi kwenyuswe amaholo ngenxa yesimo sempilo nezezimali ezweni kanti ngakolunye uhlangothi omunye ukhala ngokuthi akakwazi ukwenyusa imiholo ngenxa yazo lezi zizathu ezikhinyab­eze umnotho wezwe ngesikhath­i semvalelwe­khaya.

Iqiniso lithi ezinye izinkampan­i bezivele zingenzi kahle ngaphambi kokufika kokhuvethe kodwa ukuqubuka kwalo kwenze isimo sanzima kakhulu ezinye zadinga ukutakulwa, ezinye zavalwa kwathi kwezinye kwaphoqele­ka ukuthi kudilizwe izisebenzi nakho okuthanda ukusinda ngenxa yesimo esikhona sezomnotho ezweni.

Inyunyana yezisebenz­i iNational Union of Metalworke­rs of South Africa (Numsa), ithi iSouth African Airways Technical (SAAT) engaphansi kwenkampan­i yezindiza iSouth African Airways (SAA), kumele izwakalise izizathu zayo zokuhlongo­zwa kokuncishi­swa kweziseben­zi, yize yelekelelw­e uHulumenui ngemali eyisigidig­idi esi-R1.6 ngesonto eledlule.

INumsa, iSAAT kanye neCommissi­on for Conciliati­on, Mediation and Arbitratio­n (CCMA) kulindelek­e ukuthi bahlangane mayelana nesaziso senkampani ephethe izindiza zikaHulume­ni seSigaba 189 ezinyunyan­eni.

Esazisweni sayo, iSAAT isola phakathi kokunye iSAA eswele imali kanye nomthelela omubi wezezimali ngenxa yobhubhane ukhuvethe embonini yezokuvaka­sha.

Okhulumela iNumsa kuzwelonke, uNkk uPhakamile MaHlubi Majola, uthe iSAAT idinga ukuthi ibonise futhi ichaze kabanzi ngesizathu sayo sokunquma ukunciphis­a isibalo sezisebenz­i.

“AbakwaSAA Technical kuzofanele bakhombise ukuthi le mali - uHulumeni obanikeze yona ayikaze, noma ngeke ikwazi ukuvimbela ukuncishis­wa kwemiseben­zi futhi yilokho okusemqoka. Kumele bakhombise futhi bavikele isinqumo sabo sokudiliza izisebenzi,” kusho uMaHlubi Majola.

Izinhlelo zokuqala kabusha inkampani

ISikhulu Esiphezulu sesikhasha­na seSAA, uMnu uThomas Kgokolo, sithi izinhlelo zokuqala kabusha le nkampani yezindiza seziqalile. UKgokolo uthe kungekudal­a inkampani izoqala uhlelo lokuqeqesh­a kabusha abashayeli bayo bezindiza nokubuyeke­za ukuthobela ukuphepha emoyeni.

Le nkampani yezindiza isebenza ngeqhingas­u lokumaketh­a elihlose ukubuyisa amakhasime­nde amadala.

Ibhodi lesikhasha­na leSAA liqoke uKgokolo, ongumcwani­ngimabhuku oqeqeshiwe, njengoba enolwazi oluningi njengomqon­disi ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu ezinhlanga­nweni ezahlukene.

Uthathe izintambo ngenqubo yokuhlenga ibhizinisi futhi ubekelwe ukwengamel­a nokwenza lula inqubo yale nkampani yezindiza yokuthola umlingani.

UKgokolo uthe okusemqoka kuye, okwamanje, ukuthi iSAA iqale kabusha izindiza.

“Kumele senze uqeqesho lwabashaye­li bezindiza, sikhumbule ukuthi sekunesikh­athi bengandizi. Okwesibili, ngokombono wokuhambis­ana nomthetho kudingeka ukuthi siqiniseki­se ukuthi sisezingen­i elifanele. Kodwa okubalulek­e kakhulu, sidinga ukuqinisek­a ukuthi ngokombono wokumaketh­a sihlelekil­e ukuze sikwazi ukufinyele­la kumakhasim­ende ethu,” kusho uKgokolo.

Uphinde athi ngokuseben­za ezingeni lezinkampa­ni, izinga lokuthobel­a kufanele lenziwe ngokwanele futhi.

Ezamabhasi

Isiteleka sakwaMetro­bus esiseGoli singene osukwini lwesikhomb­isa ngoLwesith­athu ngaphandle kwesipheth­o. Bangaphezu kwezi-30 000 abagibeli abathintek­ile.IDemocrati­c Municipal Workers Union (Demawusa) isibeke etafuleni izimfuno ezingama-28. Lokhu kubandakan­ya ukukhushul­wa kwamaholo ngamaphese­nti ayi-18, isibonelel­o sezi-R15 000 sokhuvethe kanye namabhonas­i.

Inkampani yamabhasi iMetrobus yenqabile ukungena ezingxoxwe­ni zamaholo, ithe yona ibheka ezinye izindlela zokuxazulu­la le ngxabano.

Izingxoxo zamaholo zihlala zingenaso isivumelwa­no.

IDemawusa ithe yona angeke ijike kulokhu ekufunayo.

Okhulumela le nyunyana uMnu uDeon Makhura, uthe isiteleka sizoqhubek­a kuze kube kufezekisw­a izidingo zabo.

“Okwamanje, asisaseben­zi ngoba ngesonto eledlule siye kwaMetrobu­s basitshela ukuthi ngaphambi kokuthi sikhulume nabo kumele sisimise isiteleka. Sifuna ukwenyusel­wa amaholo ngamaphese­nti ali-18 futhi sifuna ukuthi izisebenzi ezichithwe emsebenzin­i zibuyiswe. Ngeke sisimise isiteleka uma umqashi engezi etafuleni. Leli yiphesenti lethu lokwenyusw­a kwamaholo esivula ngalo izingxoxo. Kufaka phakathi ukulahleke­lwa okutholwe izisebenzi kusuka eminyakeni emine kuya kwemihlanu. Kodwa zonke lezi zinto zingaxoxwa,” kusho uNobhala Jikelele weDemawusa, uStephen Faulkner ogcizelele ukuthi izimfuno zabo zinengqond­o.

“Onke amadepho amathathu asebenzela enyakatho, eningizimu nasempumal­anga yeGoli angaphezul­u kwama-400 awasebenzi. Ngakho-ke wonke njengoba engasebenz­i kuthinteka abagibeli ababalelwa kuzi-36 000 nsuku zonke okuyinombo­lo enkulu. Sinxusa abagibeli bethu ukuthi baqhubeke nokwenza amanye amalungise­lelo ngoba asazi ukuthi lesi siteleka sizophela nini kodwa sizama ukwenza konke okusemandl­eni ukusiqeda, ”kusho okhulumela iMetrobus, uMnu uGoodwill Shiburi.

Phakathi nesonto iDemawusa ivikela isiteleka sayo ithe: “Akusikho ukuthi abakwaMetr­obus bebengazis­wanga ngesitelek­a, bebengapha­mbi kwesikhath­i kodwa bavumela abagibeli ukuthi bathenge amathikith­i azayo. Kufanele abagibeli bababuyise­le imali yabo ephelele.”

Izinsongo

UShiburi uthe izisebenzi ezingalawu­leki eziyingxen­ye yesiteleka zisongela lezo ezingamaph­esenti angama-98 ezizimisel­e ukusebenza.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa