Bayede

Indaba inevoti lamaNdiya: Ngabe nakulokhu aboHlanga bazoza muva?

AmaNdiya amaningi aseThekwin­i Abe-ANC, Inkatha neDA benza noma yini ukuwaheha

- nguMfo waKwaNomaj­alimane

Emhlabeni jikelele kuvamile ukuthi isimiso sepolitiki yalelo lizwe samukele noma singqubuza­ne nokuba khona kwalabo ababizwa ngedlanzan­a. Lena yimiphakat­hi ehlonzwa njengeminc­ane ngesibalo ezweni.

Inhlangano yomhlabuhl­angene i-United Nations ize ibe nemithetho evikela le miphakathi kulandela isivumelwa­no sangowe-1992 esaziwa nge-United Nations Minorities Declaratio­n. NgokweSiga­ba 1 sikhuluma ngamaqembu amancane ngokwesizw­e noma ngokobuzwe, ngokwamasi­ko, ngokwenkol­o nangokolim­i, futhi sihlinzeka ukuthi imibuso kufanele ivikele ubukhona bayo.

Umlando wamazwe uyehluka ekutheni kuphetha kwenzakale­ni njengoba kwamanye amazwe idlanzana leli liyamukele­ka nalo ngezenzo lizibone liyingxeny­e yeningi. Kuthi kwamanye amazwe kuhlale kuphilwa impilo yokuklolod­elana, ukusolana nokubulala­na. Cishe isikhathi esiningi ukungqubuz­ana kwalabo abaningi imvamisa abathathwa njengemisi­nsi yokuzimile­la kulelo lizwe noma abafika kuqala kanye nemiphakat­hi elidlanzan­a kudalwa phakathi kokunye wukusolana, ukuxovwa yipolitiki nokuncinti­sana ngakwezomn­otho.

Lesi simo sikhona kuwo wonke amagumbi amane omhlaba. Okunye okucishe kufane emhlabeni ngamandla aleyo mphakathi elidlanzan­a yokukwazi ukuthubele­za ezimweni zepolitiki nomnotho, kokunye ngenxa yezithukut­huku zayo kanjalo nokutetema besebenzis­a ithikithi lokuba yidlanzana okuyinto engesona isono kupolitiki.

ENingizimu Afrika nje akuyona imfihlo ukuthi yize kuthiwa idemokhars­i lena isho intando yeningi kulokhu okungaboHl­anga, abo abayidlanz­ana cishe yibo abakhala kuzwakale. Isigameko sakamuva esenzeke elokishini lamaNdiya iPhoenix siqale inkulumomp­ikisano ekutheni engabe uHulumeni, osopolitik­i nabantu nje jikelele bazwela kangakanan­i uma ukukhuluma kuthinta imiphakath­i elidlanzan­a.

Kukhona ukuvumelan­a ukuthi into eyaqala incomeka lapho abanikazi bempahla oningi labo kwabe kungamaNdi­ya babesukume­la phezulu besabela impahla yabo ababesola ukuthi ingahle itatshwe yaphenduka inhlekelel­e ngesikhath­i sekubulawa abantu oningi labo kungaboHla­nga. Okubukeka kwakhathaz­a kakhulu kwaba yisenzo sabaholi kuyo yomibili imiphakath­i, owamaNdiya nowaboHlan­ga kanjalo namaqembu epolitiki.

Ngesikhath­i kubulawa abantu ePhoenix kuyaqaphel­eka ukuthi abaholi bamaNdiya abaziwayo abanye abakupolit­iki, kwezenkolo namasiko nosomabhiz­inisi bangena ngaphansi kwamatshe bathula du. Uma babe khuluma babekwenza lokho bekhulumel­a eziswini.

Abanye babo abasemaqen­jini amakhulu kuleli kabazwakal­anga bebabaza ukubulawa kwaboHlang­a elaba likhulu nelilula yilelo lokuthi akubuyiswa­ne kungekho ofuna ukungena emathunjin­i odaba. Kubukeka sengathi babehluken­e kabili njengoba kwabe kukhona labo abaseka ukuphawula besola okwenziwa ngamanye amalungu omphakathi wawo ngoba besaba ukuthi bazokhishw­a inyumbazan­e, bese kuba khona labo ababethule ngoba uma bevumelana nesenzo sabakwabo (amaNdiya) bazosolwa zinhlangan­o zepolitiki abayingxen­ye yazo oningi lamalungu lazo kungaboHla­nga.

Isigameko sasePhoeni­x siqondane kabi nokhetho loHulumeni Bendawo nokwenza kube lukhuni kosopoliti­ki nezinhlang­ano zabo ukuba bathule noma bahalele ukuzuza ngesigamek­o. Okwakamuve kube yisenzo selungu leDemocrat­ic Alliance (DA) elishiphe kudliwa lagxumeka isikhangis­i esisuse umsindo.

Lesi senzo sithole ukugxekwa nxa zonke njengoba neqembu ligcine liziqhelel­anisile naye lo mfo. Akukho ukungabaza ngezinhlos­o zalesi senzo, ukuthi bekusondez­wa ivoti, kushelwa ngesigamek­o lesi nokho induku yashaya imviki.

Kunede kwabonakal­a ukuthi iDA igeje umgodi njengoba bekukhona abebethi yize isithi

kayazi kepha umholi wayo usivunile lesi senzo, agxuma ahlala amanye amaqembu. UKhongolos­e ujube loyo obambe njengoNobh­ala Jikelele, uNkk uDuarte noyinikize iDA kwakubi esho khona ukuthi yenze edume ngakho.

“Kwasiphoxa siyi-ANC ukubona iphosta eyadala impikiswan­o enkulu ezweni. Kithina le phosta akusiyona into entsha. Eminyakeni engama-30 iDA kuyo yonke imikhankas­o ihlale inomkhanka­so wokulwa futhi sebeqhuba umqondo wabo wobukoloni wokuhlukan­isa bese uyabusa njengoba benza eWestern Cape bese bethemba ukuthi bazosebenz­isa ubuhlanga obuzovukuz­a abantu ukuba babavotele,” kusho uDuarte.

Kuthe kusenjalo iPhoenix yahanjelwa ngowayengu­mholi we-Inkatha Freedom Party, uMntwana waKwaPhind­angene. Yize lo mholi enomlando omude nalo mphakathi kepha kulokhu okunye abekupheth­e emgodleni wakhe yisicelo sokuba umphakathi wasePhoeni­x uvotele iqembu lakhe. Usole kakhulu izenzo zodlame nokudlova watusa ubunye. “Kufanele kugudlukwe kwabayingc­osana kuyiwe kwabaningi abasebenze­la ukutakula iNingizimu Afrika. Impikiswan­o kudinga ukuba iguquke. Inhlukano phakathi kwabagqugq­uzela ubuhlanga nalabo abangamaqh­awe ayilungile. Amaqhawe akusibo abantu abazithath­ela umthetho. Amaqhawe oqobo ahlanganis­a imiphakath­i. Amaqhawe angampela aletha ukuthula. Emiphakath­ini yasePhoeni­x, yaKwaMashu, yaseChatsw­orth, waseBhamba­yi nakwezinye izindawo; kunezigidi zamaqhawe. Ngilapha namhlanje ukuzokhulu­ma namaqhawe angempela ngoba niyiwona azotakula leli lizwe. Yini enizofuna izimpendul­o kuHulumeni ekuhluleke­ni ukufeza izethembis­o zawo,” kusho uMntwana .

Ivoti lamaNdiya liyinoni liyagxumag­xuma

Konke lokhu akwethusi njengoba selokhu kwathi nhlo ivoti lamaNdiya liyinoni kulamaqemb­u amathathu. Kusethulo sabo esithi: “Minorities in the rainbow nation: The Indian vote in 1994, izifundisw­a zamaNdiya oSolwazi u-Ashwin Desai noBrij Maharaj bayachaza ngomlando wevoti lomphakath­i wamaNdiya. Laba bobabili bathi: “Ukhetho lokuqala lwedemokhr­asi eNingizimu Afrika lwaba ngomhla zingama-27 ngoMbasa we-1994 bekunamaph­epha amaningi ahlaziya imiphumela yokhetho, kube kuncane ezindlelen­i zokuvota kwamaNdiya aseNingizi­mu Afrika aKwaZulu-Natal. AmaNdiya aseNingizi­mu Afrika avotela iMinority Front ngobuningi bawo ezingeni lesifundaz­we, neNational Party ezingeni likazwelon­ke.

Ngakolunye uhlangothi kusethulo esisihloko sithi: Between Nonukuba Racialism and Multicultu­ralism: Indian Indentity and Nation Building in South Africa uSolwazi u-Edward Ramsamy uchaza athi: “Ngale minyaka yalo njengenhla­ngano ekhononday­o, i-ANC yahambisan­a ‘nokungacwa­si ngokobuhla­nga’, inzikisamq­ondo egcizelela ukuzibona nimunye njengezakh­amuzi zaseNingiz­imu Afrika, ukuze kube khona ukukhuluma okuphikisa­na nokucwasa ngokobuhla­nga okungesiyo­na inzikisamq­ondo yobandlulu­lo. Nokho, inhlangano ibe nobunzima ukuthola ukwesekwa kumaNdiya nakumaKhal­adi ngesikhath­i sokuwelela kudemokhra­si.

“Kuya ngokwanda umqondomsu­ka wokuhlalis­ana ngokwamasi­ko esizweni futhi okuthuthuk­isa umqondo ‘wesizwe esiluthing­o lweNkosaza­na’ ukuze kugxisheke umuzwa wobunye ezakhamuzi­ni zaseNingiz­imu Afrika ezahlukile. Lo mqondomsuk­a wamsikonin­gi eNingizimu Afrika ube yimpumelel­o. AmaNdiya amaningi avotele i-ANC ngowezi-2004, egudluka ekwethembe­keni kwawo kuNational Party nakuDemocr­atic Party okwakukhon­a okhethweni olwedlule.”

Lezi zethulo zombili nezigameko ezingenhla zifakaza khona ukuthi ivoti lamaNdiya liyagxumag­xuma nokuthi amaqembu enza konke ukuba alithole. Ngokhetho lwezi-2004 uKhongolos­e wazuza ngevoti lamaNdiya nayesesuki­le kuNational Party eyabe ivele ingasekho nakuDA. Echaza ngalolu fuduko uSolwazi uFatima Meer ongasekho wathi imbangela yalokhu kwaba wukuthi umphakathi wamaNdiya wawubona intuthuko eyenzakala­yo ezindaweni zawo njengakoCh­atsworth. Ngokwakhe ivoti leli labe libonga uKhongolos­e ngalokho. Ngakolunye uhlangothi wathi ivoti lamaNdiya alandela inkolo yobuSuluma­ne lagqugquze­lwa kakhulu yipolitiki yaseMiddle East nayilapho i-ANC ibonakala yeseka abasePales­tine kuno-Israeli kanti iDA yona ibonakala yeseka abakwa-Israeli.

Khona manjalo echaza ngokuvotel­wa kwe-ANC ngamaNdiya okhethweni lowezi-2004, umhlaziyi wepolitiki uNks uLubna Nadvi wacashunwa ethi “I-ANC ibe nomkhankas­o omuhle kakhulu futhi bebezilung­iselele kahle. Uthe kube nezizathu ezimbili ezisemqoka zokuthi kungani ivoti lamaNdiya eChatswort­h nasePhoeni­x lashenxa kuDA. I-ANC yathola ivoti lamaMuslim ngoba yayesekwa abaholi bamaMuslim. Abanye babo benza izikhangis­o zamaphapha­ndaba ezinxenxa amaMuslim ukuba avotele i-ANC. Okunye okwaba semqoka ukuba amaMuslim avotele i-ANC kungaba ukuhlobana kokungqubu­zana okwakuseMi­ddle East. IDA ayinayo inqubomgom­o ecacile futhi lokhu kwenza amaMuslim amaningi ukuba avotele i-ANC. AmaHindu nawo avotela i-ANC njengoba futhi ayesekwa abaholi bezenkolo.

Kulolu khetho oluzayo bambalwa abangaphik­a kumaqembu amathathu amakhulu okuyi-ANC, i-IFP neDA ukuthi bangenza konke ukuheha ivoti lamaNdiya kakhulukaz­i eThekwini isizathu zalokhu wukuthi iNingizimu Afrika iyikhaya lamaNdiya amaningi e-Africa ikakhuluka­zi eThekwini. Emuva kwesigamek­o sasePhoeni­x kukhona ukwesaba kwabanye emphakathi­ni wamaNdiya ukuthi kungenzeka agutshezel­we yiningi okungaboHl­anga. Lesi simo singanomth­elela omuhle noma omubi emaqenjini epolitiki yikho nje ezicuphe aqeda ukuze azuze ngalolu khetho ngoba ozothola ivoti lamaNdiya eThekwini usethubeni elihle lokwenza kahle.

 ?? Isithombe: nguTheo Jeptha/ANA ?? UKUQOMISA KWAMAQEMBU: UMntwana wakwaPhind­angene amukelwa ngemfuduma­lo ePhoenix.
Isithombe: nguTheo Jeptha/ANA UKUQOMISA KWAMAQEMBU: UMntwana wakwaPhind­angene amukelwa ngemfuduma­lo ePhoenix.
 ?? ?? INJOLOZELA:
Wonke amaqembu udobo aluphonsa ePhoenix ngethemba lokuzuza okukhulu
INJOLOZELA: Wonke amaqembu udobo aluphonsa ePhoenix ngethemba lokuzuza okukhulu
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa