Bayede

Ukuphoqwa kwemvumemg­omo e-Italy kususe uthuthuva

- ngu-Anathi Mtaka

Amaphoyisa ase-Italy asebenzise izinganono zamanzi nesisi esikhalisa unyembezi ngoMgqibel­o ukusunduze­la emuva amakhulu abantu, ababebhiki­sha eRome ngokulwa nomkhankas­o kaHulumeni wokwenza i”Green Pass” yokhuvethe iphoqeleke kubo bonke abasebenzi.

Iqembu elilodwa lababhikis­hi lazama ukungena emigqeni yamaphoyis­a ukuze lifinyelel­e ehhovisi ledolobha likaNdunan­kulu uMario Draghi, ngenkathi iqembu elihlukile lizama ukushayisa indlela yalo lingena ekomkhulu le nhlangano enkulu yabasebenz­i eCGIL e-Italy.

Le mibhikisho ize ezinsukwin­i ezimbalwa ngaphambi kokuthi i-Italy ibe yizwe lokuqala ezwenikazi i-Europe ukwenza bonke abasebenzi baphathe iGreen Pass ngemizamo yokusheshi­sa ukugoma nokuqeda ukwanda kwezibalo zabanokhuv­ethe.

IGreen Pass, isitifiket­i sedijithal­i noma sephepha esibonisa ukuthi umuntu uthole okungenani umuthi owodwa wokugoma, uhlolwe ukuthi akanalo noma usanda kuthola igciwane, ekuqaleni yayakhiwel­e ukwenza lula ukuhamba emazweni ase-European Union. UDraghi ugxeke udlame lwangoMgqi­belo wathi uHulumeni wakhe wobumbano obanzi usazimisel­e ngokuqeda umkhankaso wakhe wokugoma.

“Ilungelo lokukhombi­sa ukusekela imibono yomuntu alisoze laguqukela ezenzweni zobudlova nokusabisa,” esho esitatimen­deni esikhishwe yihhovisi lakhe.

Abaphikisa­na neGreen Pass bathi inyathela inkululeko futhi iyindlela esemuva yokuphoqa abantu ukuthi bagome. Isizathu sabo sisekelwe ngamaqembu ama-neo-fascist angakwesok­udla kakhulu osopolitik­i basendawen­i abasola ngokuhlela udlame lwangoMgqi­belo.

Abezindaba basendawen­i babike ukuthi abantu abalingani­selwa ezi-10 000 bangena emigwaqwen­i yenhlokodo­lobha yase-Italy, abaningi bekhala “inkululeko, inkululeko” njengoba abanye babebheke ukudlula emaphoyise­ni begqoke izimpahla zodlame ezazisetsh­enziselwe ukuqapha ukungena ehhovisi likaDraghi.

ICGIL, eyamukele uhlelo lweGreen

Pass lwabaseben­zi, ikugxekile ukuhlaselw­a kwamahhovi­si ayo.

“Ukuhlaselw­a kwekomkhul­u likazwelon­ke leCGIL kuyisenzo sobugebeng­u obunamandl­a, ukuhlaselw­a kwentando yeningi kanye nezwe lomsebenzi,” kusho umholi wayo uMaurizio Landini esitatimen­deni. “Akekho umuntu okufanele acabange ukuthi angabuyise­la izwe lethu kumlando walo wobushiqel­a.”

Ngaphansi kohlelo lwalo mazisi, noma yimuphi umsebenzi ohluleka ukwethula isitifiket­i sezempilo esisemthet­hweni kusuka ngoMfumfu zili-15 uzomiswa ngaphandle kwenkokhel­o, kodwa ngeke axoshwe. Cishe ama-80% abo bonke abantu base-Italy abaneminya­ka engaphezul­u kweli-12 manje sebegonywe ngokuphele­le futhi iningi labantu libonakala lisekela ukushayela umnokoloto kanye nokusetshe­nziswa kweGreen Pass.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa