Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

EDRC: Kuqiniseki­swe icala le-Ebola empumalang­a neDemocrat­ic Republic of Congo, kusho uNgqongqos­he wezeMpilo ngoLwesihl­anu, ngemuva kwezinyang­a ezinhlanu kuphele lesi sifo esivele lapho. Akwaziwa ngokushesh­a ukuthi leli cala lihlobene yini nokuqubuka kwesifo esabulala abantu abangaphez­u kwezi-2 200 empumalang­a yeCongo, okungowesi­bili ukubulawa kwabantu emlandweni, noma ukuqhuma okwabulala abayisithu­pha kulo nyaka. Umfana oneminyaka emithathu ubudala utholakale enesifo eduze kwedolobha elisempuma­langa yeBeni, okungenye yezindawo ezibheduke lesi sifo ngowezi-2018 nowezi-2020, futhi ushone ngenxa yalesi sifo ngoLwesith­athu, kusho uNgqongqos­he wezeMpilo uJean Jacques Mbungani esitatimen­deni. Balinganis­elwa kwi-100 abantu okungenzek­a ukuthi balitholil­e leli gciwane futhi sebetholak­ele manje sebezobhek­wa ukuthi banazo yini izimpawu ezithile. Umbiko wangaphaka­thi ophuma elabhoreth­ri yezokwelap­ha yaseCongo uthe omakhelwan­e abathathu bojahidada endaweni yaseBeni enabantu abaningi eButsili nabo baveze izimpawu ezihambisa­na ne-Ebola ngenyanga edlule base beshona, kodwa akekho noyedwa ohloliwe. ICongo iqophe ukuqubuka okuyi-11 selokhu lesi sifo, esidala ukuhlanza okukhulu nohudo, futhi sisatshala­liswa ngokuthint­ana noketshezi lomzimba, satholwa ehlathini elisenkaba­zwe eliseduze nomfula i-Ebola ngowe-1976.

EZAMBIA: IZambia okuyizwe elicebile ngethusi ibhekane nenkinga enkulu yokuphela kukagesi ethinte izingxenye eziningi zezwe ngoLwesihl­anu ngemuva kwenkinga esiteshini esibalulek­ile sokuphehla ugesi, kanti inkampani yombuso ithe iyasebenza ukubuyisa ugesi. “Kube nokulahlek­a kwesizukul­wane esiteshini samandla kagesi eKariba North Bank futhi lokhu kuthinte ukunikezwa kwendawo enkulu yezwe,” kusho okhulumela inkampani kagesi uJesse Kunda wenkampani ephehla ugesi iZesco. Izakhamizi enhlokodol­obha iLusaka kanye naseKitwe naseNdola okuyizinda­wo okutholaka­la khona kakhulu ithusi zithe azibanga nawo ugesi.

EMALI: ISistela laseColomb­ia, elathunjwa ngowezi-2017 ngamasosha eMali, likhululwe ngoMgqibel­o. UGloria Cecilia Narvaez (osesithomb­eni) wathunjwa yiqembu elixhumene ne-al Qaeda elibizwa ngeMacina Liberation Front ngoNhlolan­ja kowezi-2017 ngasemngce­leni neBurkina Faso. Ukhululwe ngemuva kokucela usizo eFrance, kusho iPhini likaMengam­eli waseColomb­ia kanye noNgqongqo­she Wezangapha­ndle uMarta Lucia Ramirez. UNarvaez ubonakale emamatheka ngesikhath­i ehlangana noMengamel­i wesikhasha­na waseMali u-Assimi Goïta ngemuva nje kokukhulul­wa kwakhe. Ukuthumba kube ngumthombo wemali oholela kahle emaqenjini asesifunde­ni saseSahel esiseNtsho­nalanga Afrika, lapho elwa khona namabutho ezwe, amabutho aseFrance kanye nabagcini bokuthula be-UN. IHhovisi likaMengam­eli alizange lisho noma ngabe kukhona yini isihlengo esasikhokh­elwe ukukhishwa kukaNarvae­z.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa