Bayede

UBukhosi nepolitiki kuyadingan­a

Ukuhodloka koBukhosi namaqembu ayelwela inkululeko yaboHlanga kungasho inhlekelel­e

-

Ngesonto eledlule sishicilel­e ekhasini lokuqala udaba olumqoka nolukhulum­a ngethunzi elimnyama elingahle ligubuzele cishe zonke iZihlalo zabeNguni kusuka kubaThembu bakaJonguh­langa, kwesikaZan­zolo kwaXhosa, kwesikaFak­u emaMpondwe­ni nakuso eseLembe KwaZulu. Elinye ifu elingahle lisigubuze­le wukuwohlok­a kwesithunz­i samaqembu aboHlanga ayelwela inkululeko. Lesi simo singaba yishwa ngoba phakathi kokunye singathuna­za umlando waboHlanga wokulwela umhlaba kanjalo nenkululek­o.

Zombili lezi zinhlaka, uBukhosi nepolitiki uma kufika emlandweni wepolitiki yaseNingiz­imu Afrika ziyadingan­a. Umlando uyasivezel­a ukuthi abokuqala abasukuma babhekana namadlagus­ha kwaba ngaMakhosi naMafelank­osi. Ngaleso sikhathi uBukhosi babe buyisihlan­gu semiphakat­hi nesizwe bunguhulum­eni wangaleso sikhathi. Kwaba kuningi ukuchithek­a kwegazi njengoba aboHlanga babeqome igodi kunokuba baphenduke izimbamgod­i nezicelank­obe. Yize zingakhonj­wa izigameko nezinkundl­a zempi lapho aboHlanga babevukela khona izwe kubafo, inkundla yempi yaseSandlw­ane nanamuhla isaluphawu lokunqoba hhayi kuphela kuZulu kepha nakumaAfri­ka jikelele. Lapha aboHlanga baqopha ngezingazi zabo ubufakazi bokuthi ubunye bungamandl­a.

Amaqembu epolitiki naqala eyizinhlan­gano zokulwela ukubuyiswa komhlaba azalwa nguBukhosi. Lezi yizizukulw­ane zamadoda nabafazi bamaMpondo, bamaXhosa, amaZulu, amaNdebele, abeSotho, amaPedi, amaVenda njalo njalo. Uma abazukulu laba besungula inhlangano yabo yokuqala ngowe-1912 nezinye ezalandela babethathi­sela kokhokho babo aMakhosi naMadelamz­imba. Esimweni esejwayele­kile kwakumele uma isitholake­le inkululeko bese zonke lezi zingane zendoda zihlale phansi ziyabe, zixoxisane ukuthi liyokwakhi­wa kanjani izwe kuya phambili.

Ngeshwa lokhu akwenzekan­ga. Esikubukay­o wukuklolod­elana nokunyunde­lana kwalezi zinhlaka zombili. Okubi yikuthi zombili kasikho esimweni esihle njengoba zombili zingahle zishabalal­e eminyakeni embalwa kusuka manje. Umbuso uthi yini engenziwa ukuze zifukulane kuthi ngokufukul­ana kwazo bese kwakheka kabusha kuchume bese sithuthuka.

Isiqalo singaba koHulumeni bendawo, yilapha kunethuba lokuba ubuhlobo phakathi kwepolitik­i noBukhosi bakhiwe ukuze aboHlanga basuke obhukwini lobubha. Ukuthola ukuthi lokhu kungenzeka kanjani elaboHlang­a limeme uSolwazi uSomadoda Fikeni ukuthi azobeka naye okungaba yisixazulu­lo bayeza nabanye. Kungayinto­kozo uma nawe ungaba nathi ukuze sakhe lento yakwethu, ngoba uma kungenjalo akhona amathuba okuba life ngathi. Imininingw­ane yomcimbi ikhona kulolu shicilelo lwanamuhla. Ungaphuthe­lwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa