UBukhosi nepolitiki kuyadingana
Ukuhodloka koBukhosi namaqembu ayelwela inkululeko yaboHlanga kungasho inhlekelele
Ngesonto eledlule sishicilele ekhasini lokuqala udaba olumqoka nolukhuluma ngethunzi elimnyama elingahle ligubuzele cishe zonke iZihlalo zabeNguni kusuka kubaThembu bakaJonguhlanga, kwesikaZanzolo kwaXhosa, kwesikaFaku emaMpondweni nakuso eseLembe KwaZulu. Elinye ifu elingahle lisigubuzele wukuwohloka kwesithunzi samaqembu aboHlanga ayelwela inkululeko. Lesi simo singaba yishwa ngoba phakathi kokunye singathunaza umlando waboHlanga wokulwela umhlaba kanjalo nenkululeko.
Zombili lezi zinhlaka, uBukhosi nepolitiki uma kufika emlandweni wepolitiki yaseNingizimu Afrika ziyadingana. Umlando uyasivezela ukuthi abokuqala abasukuma babhekana namadlagusha kwaba ngaMakhosi naMafelankosi. Ngaleso sikhathi uBukhosi babe buyisihlangu semiphakathi nesizwe bunguhulumeni wangaleso sikhathi. Kwaba kuningi ukuchitheka kwegazi njengoba aboHlanga babeqome igodi kunokuba baphenduke izimbamgodi nezicelankobe. Yize zingakhonjwa izigameko nezinkundla zempi lapho aboHlanga babevukela khona izwe kubafo, inkundla yempi yaseSandlwane nanamuhla isaluphawu lokunqoba hhayi kuphela kuZulu kepha nakumaAfrika jikelele. Lapha aboHlanga baqopha ngezingazi zabo ubufakazi bokuthi ubunye bungamandla.
Amaqembu epolitiki naqala eyizinhlangano zokulwela ukubuyiswa komhlaba azalwa nguBukhosi. Lezi yizizukulwane zamadoda nabafazi bamaMpondo, bamaXhosa, amaZulu, amaNdebele, abeSotho, amaPedi, amaVenda njalo njalo. Uma abazukulu laba besungula inhlangano yabo yokuqala ngowe-1912 nezinye ezalandela babethathisela kokhokho babo aMakhosi naMadelamzimba. Esimweni esejwayelekile kwakumele uma isitholakele inkululeko bese zonke lezi zingane zendoda zihlale phansi ziyabe, zixoxisane ukuthi liyokwakhiwa kanjani izwe kuya phambili.
Ngeshwa lokhu akwenzekanga. Esikubukayo wukuklolodelana nokunyundelana kwalezi zinhlaka zombili. Okubi yikuthi zombili kasikho esimweni esihle njengoba zombili zingahle zishabalale eminyakeni embalwa kusuka manje. Umbuso uthi yini engenziwa ukuze zifukulane kuthi ngokufukulana kwazo bese kwakheka kabusha kuchume bese sithuthuka.
Isiqalo singaba koHulumeni bendawo, yilapha kunethuba lokuba ubuhlobo phakathi kwepolitiki noBukhosi bakhiwe ukuze aboHlanga basuke obhukwini lobubha. Ukuthola ukuthi lokhu kungenzeka kanjani elaboHlanga limeme uSolwazi uSomadoda Fikeni ukuthi azobeka naye okungaba yisixazululo bayeza nabanye. Kungayintokozo uma nawe ungaba nathi ukuze sakhe lento yakwethu, ngoba uma kungenjalo akhona amathuba okuba life ngathi. Imininingwane yomcimbi ikhona kulolu shicilelo lwanamuhla. Ungaphuthelwa.