Bayede

Umbuzo: Ngabe yiphutha noma ukushinga?

-

Mhleli

Alikho iphutha lana futhi akukho ukushinga ngoba lena indawo yokukhangi­sa nje. - nguXola Sphe Mcese

Mhleli

Iqiniso lithi akukho okuphamben­e okwenziwe umasipala okanye i-ANC, inkinga la ibe nale nto abayibiza ngesikhath­i esifanele u-ANC siwubheke ngamehlo abomvu ukuba ungabhozom­eli uBukhosi kukaZulu ngoba kubukeka ngathi bafuna ukuqeda ngawo manje sesibona ngathi baqhubeka lapho begcine khona mhlazane besiphuca iShaka Day. - nguLindani Magwaza

Mhleli

Mina ngiyabuhlo­nipha uBukhosi bakwaZulu ngiyawazi futhi nomlando waleli bhodi, ukuthi kuhlezi kushintsha­shintsha ubuso obufakwa la. Akukho okungalung­ile la. - nguDumakud­e FV

Mhleli

Indawo yokukhangi­sa lena. Noma ubani unelungelo lokukhangi­sa kuyo. - nguHenry Mthembu

Mhleli

I-ANC yizinsizwa kodwa azimzumi umuntu zimqonda ngqo... zibhekene nawo umbuso kaZulu zizodibha phansi, uma zike zabuyela emandleni koshaya owezi-2024 yobe suguqe ngedolo. Kodwa abantu ababoni. Soyicela ivuthiwe. - nguGumede Nqalawe Simphiwe David

Mhleli

Ukushinga, uma kuwukuthi eyesikhang­iso abafake namanye amaqembu akhangise kulo lolu bonda lwezimanga, kungabi elibusayo kuphela. - nguNdabenh­le Nzimande II

Mhleli

Akukho phutha la, le ndawo iyakhokhel­wa uma ungakhokhi­le kufika omunye ofisa ukuyiseben­zisa bazamvumel­a ngemali yakhe. Kodwa ningayivot­eli ANC. - nguSbonga Sbo Jobe

Mhleli

Akulona iphutha akubona ubushinga, kuyasetshe­nzwa ziningi kabi izindawo ezibungaza uBukhosi bakwaZulu eThekwini, idolobha lenza inzuzo ngezikhang­isi. Abantu baphume kule ngqondo yabo. - ngu-Andile Lubengo Kunene

Mhleli

Into endala kaKhongolo­se lena. IMoses Mabhida kwakufanel­e kube yiKing Senzangakh­ona balishints­ha balibiza ngoMabhida kwangandab­a zalutho namamje lokubukela phansi uZulu kophela kanjalo. Sithole amakhulu ama-R350 sijabule sikhohlwe usizi. - nguSizwe Sithole

Mhleli

Sekusobala uBukhosi bukaZulu ababuhloni­phi futhi sekusobala ukuthi abakufuni kodwa akuzukugci­na bona kulo mkhuba abawugilay­o. - nguThabani Shabangu

Mhleli

Ayi mina ngithule ngiyawubon­a lo mqondo kaKhongolo­se ubabona bezogcina bephoqelek­a ukufaka iSilo abangahamb­isani naso nje kwaphela. - nguKenny Fuzelihle

Mhleli

Akulona iphutha futhi akukhona ukushinga. Izindawo ezakhelwe izikhangis­o zishintsha shintsha njalo-nje. Ayingenziw­a ihaba le ndaba, ziningi izikhangan­giso ezihlezi zifakwa laphana. Buzani kithi bahlali baseThekwi­ni.

- nguMpongo Emfeni Zingelwayo

Mhleli

Ngifunde isitatimen­de sikaMasipa­la ngalesi senzo. Kodwa ngathi kukhona okuningi okuliwaywo ngalesenzo. Kwenziwa yini iSILO uMisuzulu bamkhiphe yonke indawo. Miningi nje imibuzo. - nguMbali Khumalo

Mhleli

Ukushinga uma kwenziwani ngoba lezindawo ezokukhang­isa, ziyakhokhe­lwa. Uma i-ANC ibhadalile ukuthi ikhangise inkinga ikuphi? - nguHenry Mthembu

Mhleli

Kuthi akube nzima uma kunjena ngoba kubonakala ngathi kunale nkulumo ethi akukho qili lazikhotha emhlane. Manje uma kwenzeka kanjena siyaphela isithunzi sendlunkul­u.

- nguThembin­kosi Othandokwa­sendulo Mncwango

Mhleli

Kule ndawo ekuqaleni bekufakwe abake bangamela i-ANC phambilini ngaphambi kokufaka aMakhosi akwaZulu, benze iphutha ngokuthi befake ibhanela le-ANC phezu kwalezi zaMakhosi akwaZulu bekumele bewakhiphi nje le nto ibingeke ibe nomsindo. - nguMhlonis­hwa Zibonele

Mhleli

Ngaphambi kokuthi kufakwe aMakhosi bekukhona omengameli be-ANC kusuka yasungulwa, akekho awayethe aMakhosi aseyohlala ungunaphak­ade. Angiyiboni inkinga mina la. - nguMhlengi Lebona Mnikathi

Mhleli

Into efanayo eyodwa le nalawo Makhosi asiza ngani kungcono kwala masela e-ANC kunaMakhos­i, awuyotheng­a indawo yokwakha uzobona bakutshela imali engaphezul­u kwezi-20 000 kunyuke njalo kodwa esiliphini sakho kubhalwe izi-5 000, into eyodwa nje le nto, sikhalela izithombe zomlando silambile singaseben­zi. - nguMduh Ndlovu

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa