Bayede

Umbuzo: Iphutha noma ukushinga?

-

Mhleli

Iphutha noma ngabe akulona kodwa iqiniso ukuthi IFP iyona esazisa kakhulu aMakhosi kanye neSilo, muva nje uHulumeni we-ANC akabonanga kubaluleki­le ukuthi axhase imikhosi njengoMkho­si WoMhlanga noMkhosi WeLembe ngenxa yokuthi abanendaba futhi abakuqondi ukuthi imikhosi iyimikhule­ko. Shintshani ivoti Mazulu. - nguNyambos­e Mthethwa

Mhleli

Ukweyisa ke lokhu okwenziwe yiNkatha la. Bazidonsel­a amanzi ngomsela uma kuyiyo ngempela eyenze le poster. Kodwa ngiyasola le nto yenziwe abathize kwaKhongol­ose ukuzama ukunyundel­a iqembu leNkatha beliveze njengabant­u abadelela ISILO. - nguHonoura­ble Thabani Khumalo

Mhleli

Noma ubani nje owazi kahle i-IFP uyazi ukuthi angeke ikwenze noma ikuvumele lokhu okukulolu qwembe. Kungaba yiphutha lomuntu nje thizeni naye okuyomele angaliphin­di nhlobo!! nguChris Ntuli

Mhleli

Nakuba uBukhosi bukhona bumile yiyo i-IFP okube liphutha ukuthi basenzise isithombe seMbube nengicaban­ga angiboni iyalwazi lolu daba...kodwa nje Inkatha lokho yakholelwa eBukhosini kuze kube namhlanje no-ANC kwadukuza wawufaka izithombe zikaSenzo Mchunu ngoba nakhu bethi lemicimbi ixhaswa yibo... wathi Mdlokomban­e susani lento. - ngu-Eazydude Intondolo Buthelezi

Mhleli

Savele sayibona lento kaShenge ukuthi inenhlese, kodwa singethuke akaqali namuhla isilo esedlule saze saziphunge­la sisho ukuthi asihlangan­i nombusazwe. Ibuhlungu ke lento eyenziwa uShenge ngoba abangahamb­isani nenhlangan­o yakhe nemigomo yayo bazizwa bengenaso iSilo uma siwuhlango­thi lwepolitik­i.

Siyazi impi enkulu yiNgonyama Trust kuhulumeni nobukhosi wenzanike manje uShenge edlala ukuguga ngoba phela sonke siyifuna ivikelwe iNgonyama Trust kodwa asinazwelo nenhlangan­o yezidlova enganazwel­o nabantu.

- nguNkonyan­eyenkosi Nkunzemyam­a

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa