Kungahle kubalungele abalimi bakamoba abasafufusa
Kuntwela ezansi kubalimi bakamoba ababizwa ngabalima ngokuncane njengoba kunesinqumo esinqala esithathwe yiSouth African Sugar Association Council malunga nomoba wabalimi obusengcupheni yokungangeni esigayweni nonyaka. Amathani abesengcupheni yokungangeni angaphezulu kwezinkulungwane ezingama-200.
Sekuneminyaka eminingi abalimi abalima ngokuncane bezithola belahlekelwa ngoba kuze kuvalwe isizini umoba wabo ungangenanga. Imishini yamoba isebenzisa uhlelo olubizwa ngeDaily Rateable Delivery. Lolu hlelo luhlonza ukuthi umlimi angafaka amathani amangaki emshinini, lokhu kube kususelwa ekutheni emasimini unamathani amangaki angavunwa ngesizini eyodwa. Leli nani lamatani lube seluhlukaniswa ngezinsuku zokugaya zesizini.
Abalima ngokuncane sekunesikhathi bekhala ngalolu hlelo ngoba lunika abalimi abakhulu amandla okubaqhoqhobala uma kufakwa umoba emshinini. Ngenxa yokuthi yize umoba ufakwa imini nobusuku emshinini, usuku olungamahora angama-24 awanele ukufaka wonke umoba okhona, abalimi abalima ngokuncance bayaye bathole ukuthi amaloli okuthutha umoba awanele ngosuku, noma ahlala ngaphandle isikhathi eside. Abalima ngokuncane bangabohlanga.
Kulo nyaka izinkinga eziningi ekubalwa kuzo ukuphuka kwemishini yokugaya, nokuncipha kwenani lawo njengoba kukhona eseyavalwa kwenze isimo saba sibi kakhulu. Lokhu kuphoqelele ukuthi iSouth African Sugar Association ekuyinhlangano eshicilelwe ePhalamende ukuthi iphathe izindaba zashukela ezweni, ingenelele ngenxa yengcindezi efakwa yizinhlangano zabalimi.
Lesi sigungu sinqume ukuthi ukuze kungene onke amathani ayizi-212 000 omoba wabalimi abalima ngokuncane, kumele abanye babalimi abakhulu bame ukufaka umoba kuze kube wunyaka ozayo. Bazonikwa imali yomoba wangonyaka ozayo ukuze bakwazi ukuqhuba umsebenzi wabo. Ngeke kugcine ngokuthi kuqinisekiswe ukuthi umoba wabalima ngokuncane uyangena nonyaka kepha kuzoguqulwa nohlelo lweDaily Rateable Delivery.
Kunqunywe nokuthi izoshintshwa le mithetho ukuze ingabe isasebenza indaba yamaDaily Rateable Delivery kubalimi abalima ngokuncane.
Lokhu kuzosiza kakhulu ngoba abalima ngokuncane baba nethuba elilodwa lokufaka umoba emshinini ungakagugi. Uma libadlulile bayalahlekelwa noma umoba uze ube sesimeni sokungamukeleki emshinini. Okunye okuyinkinga ukuthi uhlobo lomoba okutshalwe ezindaweni zaboHlanga yilolo olusheshe luvuthwe. Kuhle lokho ngoba kusho ukuthi unyaka nonyaka umlimi uba nethuba lokwenza imali. Kepha izinto zijika lapho isiminyaminya emshinini senza ukuthi ungabe usangena umoba ngonyaka ekufanele ungene ngawo. Uma uke wangangena kwaze kwavalwa ngoZibandlela kusho ukuthi lowo mlimi useyoze athembele ekutheni lomoba uyongena uma kuvulwa ngonyaka ozayo, ekuvamise ukuthi kube ngasekupheleni kukaNdasa noma ekuqaleni kukaMbasa. Ngaleso sikhathi lolu hlobo lomoba lusuke seluguga, okusho ukwehla kwenzuzo kumlimi.
Uma libadlulile bayalahlekelwa noma umoba uze ube sesimeni sokungamukeleki emshinini. Okunye okuyinkinga ukuthi uhlobo lomoba okutshalwe ezindaweni zaboHlanga yilolo olusheshe luvuthwe. Kuhle lokho ngoba kusho ukuthi unyaka nonyaka umlimi uba nethuba lokwenza imali.