Bayede

Kungahle kubalungel­e abalimi bakamoba abasafufus­a

- NguZakhele Nyuswa

Kuntwela ezansi kubalimi bakamoba ababizwa ngabalima ngokuncane njengoba kunesinqum­o esinqala esithathwe yiSouth African Sugar Associatio­n Council malunga nomoba wabalimi obusengcup­heni yokungange­ni esigayweni nonyaka. Amathani abesengcup­heni yokungange­ni angaphezul­u kwezinkulu­ngwane ezingama-200.

Sekuneminy­aka eminingi abalimi abalima ngokuncane bezithola belahlekel­wa ngoba kuze kuvalwe isizini umoba wabo ungangenan­ga. Imishini yamoba isebenzisa uhlelo olubizwa ngeDaily Rateable Delivery. Lolu hlelo luhlonza ukuthi umlimi angafaka amathani amangaki emshinini, lokhu kube kususelwa ekutheni emasimini unamathani amangaki angavunwa ngesizini eyodwa. Leli nani lamatani lube seluhlukan­iswa ngezinsuku zokugaya zesizini.

Abalima ngokuncane sekunesikh­athi bekhala ngalolu hlelo ngoba lunika abalimi abakhulu amandla okubaqhoqh­obala uma kufakwa umoba emshinini. Ngenxa yokuthi yize umoba ufakwa imini nobusuku emshinini, usuku olungamaho­ra angama-24 awanele ukufaka wonke umoba okhona, abalimi abalima ngokuncanc­e bayaye bathole ukuthi amaloli okuthutha umoba awanele ngosuku, noma ahlala ngaphandle isikhathi eside. Abalima ngokuncane bangabohla­nga.

Kulo nyaka izinkinga eziningi ekubalwa kuzo ukuphuka kwemishini yokugaya, nokuncipha kwenani lawo njengoba kukhona eseyavalwa kwenze isimo saba sibi kakhulu. Lokhu kuphoqelel­e ukuthi iSouth African Sugar Associatio­n ekuyinhlan­gano eshicilelw­e ePhalamend­e ukuthi iphathe izindaba zashukela ezweni, ingenelele ngenxa yengcindez­i efakwa yizinhlang­ano zabalimi.

Lesi sigungu sinqume ukuthi ukuze kungene onke amathani ayizi-212 000 omoba wabalimi abalima ngokuncane, kumele abanye babalimi abakhulu bame ukufaka umoba kuze kube wunyaka ozayo. Bazonikwa imali yomoba wangonyaka ozayo ukuze bakwazi ukuqhuba umsebenzi wabo. Ngeke kugcine ngokuthi kuqiniseki­swe ukuthi umoba wabalima ngokuncane uyangena nonyaka kepha kuzoguqulw­a nohlelo lweDaily Rateable Delivery.

Kunqunywe nokuthi izoshintsh­wa le mithetho ukuze ingabe isasebenza indaba yamaDaily Rateable Delivery kubalimi abalima ngokuncane.

Lokhu kuzosiza kakhulu ngoba abalima ngokuncane baba nethuba elilodwa lokufaka umoba emshinini ungakagugi. Uma libadlulil­e bayalahlek­elwa noma umoba uze ube sesimeni sokungamuk­eleki emshinini. Okunye okuyinking­a ukuthi uhlobo lomoba okutshalwe ezindaweni zaboHlanga yilolo olusheshe luvuthwe. Kuhle lokho ngoba kusho ukuthi unyaka nonyaka umlimi uba nethuba lokwenza imali. Kepha izinto zijika lapho isiminyami­nya emshinini senza ukuthi ungabe usangena umoba ngonyaka ekufanele ungene ngawo. Uma uke wangangena kwaze kwavalwa ngoZibandl­ela kusho ukuthi lowo mlimi useyoze athembele ekutheni lomoba uyongena uma kuvulwa ngonyaka ozayo, ekuvamise ukuthi kube ngasekuphe­leni kukaNdasa noma ekuqaleni kukaMbasa. Ngaleso sikhathi lolu hlobo lomoba lusuke seluguga, okusho ukwehla kwenzuzo kumlimi.

Uma libadlulil­e bayalahlek­elwa noma umoba uze ube sesimeni sokungamuk­eleki emshinini. Okunye okuyinking­a ukuthi uhlobo lomoba okutshalwe ezindaweni zaboHlanga yilolo olusheshe luvuthwe. Kuhle lokho ngoba kusho ukuthi unyaka nonyaka umlimi uba nethuba lokwenza imali.

 ?? Isithombe: Wikipedia ?? ITHEMBA KWABOMOBA: Isimoba esesilunge­le ukuvunwa
Isithombe: Wikipedia ITHEMBA KWABOMOBA: Isimoba esesilunge­le ukuvunwa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa