Bayede

UMntwana ubeka uCetshwayo eSihlalwen­i

- UMntwana uZeblon

Ilobo buhlakani bakhe obamenza walwela iSilo uCetshwayo izimpi ngenkulu impumelelo. Walwa wazinqoba iZigqoza sezilwehlu­le uSuthu. Kule mpi yaseNdonda­kusuku isihlalo soBukhosi sasesiwela ezandleni zoMntwana uMbuyazi kepha sabuyiswa nguye uMntwana uZibhebhu.

Kukule mpi yaseNdonda­kusuka lapho abeka khona iSilo uCetshwayo esihlalwen­i sayo soBukhosi. Uxazulula lombango ngejozi nje yingoba iNgonyama uMpande yayisithe iNkosi iyazibeka kwaZulu. Yena ke njengeNkos­ana yaseKhohlw­a kwaphoqele­ka ukuba lo mbango awuxazulul­e ngejozi ukuze uBukhosi bungagudlu­ki emlibeni oqondene nabo.

Kuthe lapho uJininindi Omnyama ethi useyazinza eSihlalwen­i sakhe soBukhosi, kwaqhamuka abelungu bangenisa okwemifula egelezayo ezweni likaZulu, befuna umhlabathi. UMntwana uZibhebhu ungomunye wamaqhawe angenakuli­baleka lapho elwa nabamhloph­e evikela lelizwe likaZulu.

Ukukhonzwa kwakhe kangaka iSilo uCetshwayo kwakwenziw­a ubuqhawe bokuhlaban­a kwakhe ezimpini ezinzima kakhulu. Ungenye yezingwazi engenakuli­baleka ekuhlabane­ni kwayo ezimpini zokuvikela izwe likaZulu kumaNgisi. Ambalwa amaqhawe aleso sikhathi angalingan­iswa naye okaNdaba. Imbongi yakhe uGwebisa kaMadondo ize ithi:

Usala kutshelwa

Usala kunyenyeze­lwa Ngonyama Nduna

Vuka bakuhlanga­nisile Mbala wezinkomo nabantu Awusabulal­i mtakaNdaba usuyasizil­a

Uqotha imbokodo nesisekelo Mhlanganis­o kayibalwa Ingani eyamaMboza Iyabalwa koDamushe

Impi yakhe enkulu ayilwela iSilo uCetshwayo ngeyaseNdo­ndakusuka, lapho kwaphela khona izingane zenkosi uMpande. Lapho wayebheken­e khona neZigqoza zoMntwana uMbuyazi. Uma ababhali bebhala ngaleyo mpi babeka sengathi yalwa kanye kanti iZigqoza zalwa zalwehlula Usuthu.

Wafika uMandlakaz­i wayilwa ekuseni wazinqoba iZigqoza. Kwathi ngenkathi abelungu sebengena ngenkani ezweni lakwaZulu bewela umfula uMzinyathi walwa nabo ebavimbela ukuba bangawuwel­i. Kwathi amanxiwa abase bezibeka wona bawathutha babuyela ngapheshey­a komfula uMzinyathi.

Kwathi lapho bewela sebebuyela emuva kwabonakal­a izimvubu zikhamisa zikhafula amanzi. Abelungu wababuqa ngesibhamu kwathi labo abasindayo bvawela umfula udaka selumanaph­anapha, ezingutshe­ni zabo. Imbongi yakhe uGwebisa isichaza kanjena leso sigameko ezibongwen­i zakhe isimhasha ithi: Umfishan’ ongubo ziyanyathe­la Ingan’ ezabade ziyalubuth’ udaka. Umabathsaz­wa imvubu yaseMzinya­thi

Kwathi’ izingwenya zayikhex’ imilomo

Izul’ elidume phezu koMzimvubu Ugod’ olukhwel’ amakhwentu eMzinyathi

Kwathi kusenjalo wasuka uMagasa waphikelel­a kwelaseBaq­ulusini ehamba nedlanzana lezingwazi zakhe. Wafika nalapho abelungu base belingenel­e izwe leNkosi sebakhe amakamu abo ngaphakath­i kwemingcel­e yakwaZulu. Base bakhe ngaphansi kweHlobane, lapho afike wabavimbez­ela khona, wabaqotha ngebhosho lakhe izidumbu zalala ngaphezu kwezinye. Wedlula lapho wayobhekan­a nabo phezulu eZungeni lapho abase bakhe khona ikamu labo.

Nalapho wafika wavala ngehlahla. Lezi zimpi zakhe akuxoxwa ngazo hhayi ngoba zingaziwa kepha ngoba ababhali bomlando abayi kwaMandlak­azi ukuyothath­a amaqiniso ngoMntwana uZibhebhu. Kuleso sikhathi wahamba ekhaya eBanganoma baze bathi sewafa. Wabuya bengasazi ukuthi bangabuye bambone, bamethuka esetheleka ngenkabi yakhe emhlophe uManxebazi­haxa.

Kuthiwa kwakuthi uma kubonakala uthuli lwamahhash­i lusekude lena ezintabeni kunyakaze iBanganoma lonke kusuke umsindo owesabekay­o iNdlunkulu yakhe isikikiza ibonga ukuthi kanti usaphila okaNdaba. Imbongi yakhe uGwebisa uyizeka eyalezi zimpi athi:

Umudli’ wezidid’ ezibili Esinye singaphans­i kweHlobane Esinye singaphans­i kweZungeni Intaka eduke naBalandak­azi Ngoba iduke naBaqulusi

ISilo uCetshwayo sasesithi uMntwana uZibhebu angabe esaphuma nempi Ondini. Samjuba ukuba agade umfula iMfolozi eMhlophe ukuba amabutho amaNgisi angayiweli. ISilo samnikeza ibutho ayezogada ngalo umfula iMfolozi. Kuthe amabutho egadile phezu kweMfolozi, abona izithunywa zeNkosi uCetshwayo zigquba izinkomo zeNyonikay­iphumuli. Kwathi uma bebuza ukuthi zisiwaphi? Kwathiwa kuyoshwele­zwa ngazo kumaNgisi. UMntwana uZibhebhu wavuka ukhayikhi wathi azibuyele emuva ziyohamba befile bona kwaZulu.

Zaphenduka izithunywa zabuyela emuva eSilweni, zafike zasitshela ukuthi uMagasa nebutho lakhe uthi zohamba befile. ISilo sazama amanye amasu okushwelez­a emaNgisini. Empini yaseSandlw­ana iNgonyama uCetshwayo yamnikeza ibutho loMcijo okuyilona ayelihola.

AmaNgisi athi emlanda izinhloli zabeSuthu entathakus­a ukuba ziyohlola ukuthi impi kaZulu isukaphi, izinhloli zabeSuthu zazithela phezu kwebutho elaliholwa nguye uMntwana uZibhebhu. Wathi izinhloli lezo bangabe besaziyeka zize zibuyele emuva. Balijaha lelo viyo lezinhloli zabeSuthu baligwaza baliqeda.

 ?? ?? UZibhebhu neSilo uCetshwayo
UZibhebhu neSilo uCetshwayo
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa