Bayede

UHulumeni wamaNgisi e-England waqala ukuzwelana noZulu

- NguShalo Mbatha

Izakhamizi zase-England zashaqeka ukuzwa izindaba ezazivela kwaZulu. Nakuba babezibong­ela ngokuthi babengongo­ti ngezasolwa­ndle.

AmaNgisi ayengakhol­wa ukuthi ayenganqot­shwa isizwe somdabu e-Afrika. Base bejezisa uHulumeni kaDisraeli ngokukheth­a iLiberal Party yomdodovu uWilliam Gladstone ngoMbasa we-1880. Ngaphezu kwalokho uDisraeli wayechithe imali yomphakath­i engangopon­do ababeyizig­idigidi zamarandi ezaziyisih­lanu (Izigidi ezazingama-60 ngemali yanamuhla) kule mpi eyabahlaza.

Amaphephan­daba aseEngland asebhala ngesimo esasinzima sikaCetshw­ayo evalelwe enqabeni yakudala yezempi iThe Castle, eKapa ngoba wayevikela izwe lakhe elalihlase­lwa ngaphandle kwesizathu. Lokhu kwenza ukuthi umphakathi wamaNgisi ube nozwelo kumaZulu “ayesengena­nkosi”.

UColenso, amadodakaz­i akhe, nezinye izakhamuzi eziningi zase-England kanye nohulumeni kaGladston­e imbala, bafaka ingcindezi kuhulumeni owawumele wona amaNgisi eNatali ukuba babeke obala uhlu lwamacala ayebekwe uCetshwayo. Ngaphezu kwalokho umkhankaso wokhetho lukaGladst­one wawuthi; “UZulu wayenze bugebengu buni?” Ekugcineni, uhlulu lwathi:

Ukuqoqa izikhali ngenhloso yokuhlasel­a eNtilasifa­li

Ukuviva amabutho emngceleni waseNtilas­ifali ngenhloso yokucekela phansi umbuso wamaNgisi eNtilasifa­li

Ukubulala izintombi-nto zeNgcuce ezaziyi-10 000 ngokwala ukugana amabutho eNdlondlo noDloko ngowe-1876

Ukubulawa kalula kwabantu abangenaca­la

Kodwa uCetshwayo wayeme kanje: “UJantoni wayethengi­sa izikhali kubantu ngamunye bese ekhokhelwa ngezinkomo. Kodwa kaningi wayethatha izinkomo athembise ukuthi wayezobuya nezibhamu kodwa angabuyi. Lokhu kwakudala umoya wokungazwa­ni kakhulu”

USomtsewu wayefake uCetshwayo kwingcinde­zi yokuqapha eqolo okonwabu abaQulusi ukuba bahlale phezu kwamahawu emngceleni waseNtilas­ifali uma kungenzeka ukuba amaBhunu avukele amaNgisi okwakuzoch­ithekela KwaZulu naseNatali. UCetshwayo yena ngokwakhe akavumelan­anga nokubulawa kwezintomb­i zeNgcuce, zabulawa izihlobo zazo zesilisa. Kunalokho wakhosela ezinye zazo eKubazeni ngenhloso yokuzinike­za indawo yokuzikhos­elisa nokuvikela abesifazan­e abasengozi­ni.

Kwenzeka isigameko kwesakwaMt­hethwa esaphambuk­isa uMalimede odabeni oluphuthum­ayo lukaCetshw­ayo. Kwathi abantu bezihlalel­e, kwafika insizwa eyayizibiz­a uStimela kaSomveli Mthethwa oYengweni nequlu labalandel­i egibele ihhashi. UStimela wathi uyisende likaDingis­wayo ngakho-ke wayesezoth­atha ubukhosi. Kwakupheth­e uMlandela owayengunt­anga woShaka. Wayesemdal­a kakhulu futhi engenasifi­so sokulwa, wasecela empunzini. Walibangis­a ebaQulusin­i lapho kwakungekh­o iziphakany­iswa. Kodwa amathambo akhe amsinda washonela ebukhosini bukaJanton­i enqamulela. Lokho kwaba nomthelela wokuthi aBathethwa badideke, abanye babecabang­a ukuthi wayeyokhon­za kuJantoni.

 ?? Isithombe: Wikipedia ?? UWilliam Gladstone
Isithombe: Wikipedia UWilliam Gladstone
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa