Ukuhleleka nokuphathwa kombuso kaZulu
EsekwaZulu uShaka waba yibutho lamaWombe, elinye igama lalo kwakunguMbelebele. UShaka wayekubona ngendlela ehlukile ukwabiwa komnotho nokuba yingxenye yesizwe.
Iphupho nenhloso yeNkosi uShaka kwakungumphakathi ohlelekile nonobunye nokuthula. Ukunqontshwa nokuhlelwa kwabantu abathize kwakungenele kodwa wayefuna ukuqinisekisa ukuthi bonke abantu bakwaZulu bayalingana isakhiwo sombuso kaZulu sasivumela wonke umuntu owayeyisakhamuzi sawo ukuthi abambe iqhaza kuzo zonke izinto ezazenzeka phakathi kwesizwe.
KuShaka umhlaba kwakungowawo wonke umuntu wakwaZulu ngaphandle kwamazinyo endlovu okwakungeweSilo kuphela. UShaka wahlukanisa izifunda zezwe lakwaZulu ngokwezombusazwe nezempi. Wabe esakha uMkhandlu Wokuphathwa Kwezwe noWezimpi
Lezi zinhlaka zabe zixhume kuso iSilo uShaka uqobo, njengenhloko nensika yesizwe sonkana. Yizona lezi zinhlaka ezazibhekele ukuphathwa nokubuswa kwezwe nokuvikelwa kwezwe. Ukuphathwa kwezobulungiswa kwakusezandleni zezinduna, aMakhosi neNgonyama.
Amacala amancane isigwebo sakhona okwakungesona esokufa ayethethwa izinduna namakhosi. Amacala anjengowokubulala, ubuthakathi, ukwembuka okwebiwa kwezinkomo zeSilo namanye amabi ayethethwa iSilo uShaka uqobo.
Imigomo yokulingana nokubamba iqhaza kwawo wonke umuntu embusweni kaZulu kubonakala ekutheni abantu abaningi ababephethe izikhundla eziphezulu ezindabeni zokuphathwa kwezwe nezimpi kwakungabantu nje okungebona beNdlu yoBukhosi njengoba kwakulindelekile.
Izingane zaseBukhosini nazo zaziphathwa njengabo nje bonke abafana. Zazelusa, ziqhathwe, zibuthwe nxa sezikhulile.
Uma kuphakwa impi nazo izingane zaseBukhosini ezazisebuthweni zaziphakwa njengawo wonke umuntu owayesemabuthweni. Lokhu kwakwenzeka nakuba umbuso kaZulu wawakhelwe phezu kwezisekelo zendlunkulu nezikhulu zombuso kaZulu.
Ubuqhawe nobuhlakani yikhona okwakungumgomo wesizwe nenqubo kaZulu.
Amaqhawe nezihlabani yizona ezazinegunya nesithunzi esikhulu ekulawulweni kwezwe.
ISilo uShaka senza izinguquko ekubunjweni nasekwakhiweni kombutho wempi. UShaka waguqula amaqhingasu empi yakwaZulu.
Waqeqesha amabutho akhe ukuthi akwazi ukulwa nokusebenzisa umkhonto omfushane owodwa. Umuntu nomuntu osebuthweni kwakufanele aphathe owodwa nxa eya empini, aphinde futhi abuye nawo.
Ngaphambi kwalokho amabutho ayephatha isixha semikhonto okwakufike kucitshwe ngayo kwesinye isikhathi ize iphele yonke amabutho abuye engasahlomile.
Wathi amabutho akhe awakhumule izimbadada ezakhiwe ngesikhumba afunde ukuhamba ngezinyawo nasezimweni ezinzima.
Wawaqeqesha aze akwazi ukuhamba ngisho emeveni engahlatshwa. UShaka wanikeza abakhandi bemikhonto uhlobo nesilinganiso somkhonto ayewudinga.
Abakhandi bensimbi ngaleso sikhathi kwakungabakwaShezi, emaChubeni, eNkandla; abakwaWoyisane nabakwaMbonambi. Wabatshela ukuthi bakhe amaphanda emikhonto.