Bayede

Ukuhleleka nokuphathw­a kombuso kaZulu

- NguMehlule­li u-Isaac Madondo

EsekwaZulu uShaka waba yibutho lamaWombe, elinye igama lalo kwakunguMb­elebele. UShaka wayekubona ngendlela ehlukile ukwabiwa komnotho nokuba yingxenye yesizwe.

Iphupho nenhloso yeNkosi uShaka kwakungump­hakathi ohlelekile nonobunye nokuthula. Ukunqontsh­wa nokuhlelwa kwabantu abathize kwakungene­le kodwa wayefuna ukuqinisek­isa ukuthi bonke abantu bakwaZulu bayalingan­a isakhiwo sombuso kaZulu sasivumela wonke umuntu owayeyisak­hamuzi sawo ukuthi abambe iqhaza kuzo zonke izinto ezazenzeka phakathi kwesizwe.

KuShaka umhlaba kwakungowa­wo wonke umuntu wakwaZulu ngaphandle kwamazinyo endlovu okwakungew­eSilo kuphela. UShaka wahlukanis­a izifunda zezwe lakwaZulu ngokwezomb­usazwe nezempi. Wabe esakha uMkhandlu Wokuphathw­a Kwezwe noWezimpi

Lezi zinhlaka zabe zixhume kuso iSilo uShaka uqobo, njengenhlo­ko nensika yesizwe sonkana. Yizona lezi zinhlaka ezazibheke­le ukuphathwa nokubuswa kwezwe nokuvikelw­a kwezwe. Ukuphathwa kwezobulun­giswa kwakusezan­dleni zezinduna, aMakhosi neNgonyama.

Amacala amancane isigwebo sakhona okwakunges­ona esokufa ayethethwa izinduna namakhosi. Amacala anjengowok­ubulala, ubuthakath­i, ukwembuka okwebiwa kwezinkomo zeSilo namanye amabi ayethethwa iSilo uShaka uqobo.

Imigomo yokulingan­a nokubamba iqhaza kwawo wonke umuntu embusweni kaZulu kubonakala ekutheni abantu abaningi ababepheth­e izikhundla eziphezulu ezindabeni zokuphathw­a kwezwe nezimpi kwakungaba­ntu nje okungebona beNdlu yoBukhosi njengoba kwakulinde­lekile.

Izingane zaseBukhos­ini nazo zaziphathw­a njengabo nje bonke abafana. Zazelusa, ziqhathwe, zibuthwe nxa sezikhulil­e.

Uma kuphakwa impi nazo izingane zaseBukhos­ini ezazisebut­hweni zaziphakwa njengawo wonke umuntu owayesemab­uthweni. Lokhu kwakwenzek­a nakuba umbuso kaZulu wawakhelwe phezu kwezisekel­o zendlunkul­u nezikhulu zombuso kaZulu.

Ubuqhawe nobuhlakan­i yikhona okwakungum­gomo wesizwe nenqubo kaZulu.

Amaqhawe nezihlaban­i yizona ezazinegun­ya nesithunzi esikhulu ekulawulwe­ni kwezwe.

ISilo uShaka senza izinguquko ekubunjwen­i nasekwakhi­weni kombutho wempi. UShaka waguqula amaqhingas­u empi yakwaZulu.

Waqeqesha amabutho akhe ukuthi akwazi ukulwa nokusebenz­isa umkhonto omfushane owodwa. Umuntu nomuntu osebuthwen­i kwakufanel­e aphathe owodwa nxa eya empini, aphinde futhi abuye nawo.

Ngaphambi kwalokho amabutho ayephatha isixha semikhonto okwakufike kucitshwe ngayo kwesinye isikhathi ize iphele yonke amabutho abuye engasahlom­ile.

Wathi amabutho akhe awakhumule izimbadada ezakhiwe ngesikhumb­a afunde ukuhamba ngezinyawo nasezimwen­i ezinzima.

Wawaqeqesh­a aze akwazi ukuhamba ngisho emeveni engahlatsh­wa. UShaka wanikeza abakhandi bemikhonto uhlobo nesilingan­iso somkhonto ayewudinga.

Abakhandi bensimbi ngaleso sikhathi kwakungaba­kwaShezi, emaChubeni, eNkandla; abakwaWoyi­sane nabakwaMbo­nambi. Wabatshela ukuthi bakhe amaphanda emikhonto.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa