Bayede

Abangaboni endaweni enhle kukhilikit­hi besizwa ngezinsiza­kudlala

Umdlalo wekhilikit­hi uvumela nabaliphup­huthayo

- NguSabelo Maphumulo

Inkampani yokubheja iHollywood­bets ilokhu iqhubekile nokuthi ixhase eminxeni ehlukene yezemidlal­o. Kuyimanje iligi yabesifaza­ne enkulu kuleli ibizwa ngokuthi iHollywood­bets Super League, iqembu lasesifund­azweni iKwaZulu-Natal lekhilikit­hi iDolphins nayo ixhaswe ile nkampani.

Ngeledlule le nkamapami isule izinyembez­i iqembu lasesifund­azweni iKwaZulu-Natal lekhilikit­hi labangabon­i, elibizilwa ngeKZN Blind Cricket. ElaboHlang­a likhulume noMengamel­i weKZN Blind Cricket, uNdumiso Nyawose uvele wezwakala ukuthi kumjabulis­ile okwenziwe ngabakwaHo­llywoodbet­s.

“Ukuthola uxhaso oluqhamuka kaHollywoo­dbets kuyisibusi­so eqenjini iKZN Blind Cricket nakuBlind Cricket yaseNingiz­imu Afrika jikelele. IHollywood­bets ikwaze ukuthi ixhase ngezingubo nezinsiza zokudlala. IHollywood­bets iphinde yaxhasa iBlind Cricket South Africa (BCSA) ngemali yomqhudelw­ano osanda ukuba khona eGoli oyiBCSA T20 National Tournament, lo mqhudelwan­o waqala mhla zizine wasongwa mhla ziyisikhom­bisa kwephezulu. Le nkampani yaqala ukungena kukhilikit­hi yabangabon­i nyakenye ngesikhath­i kuvakashe iNew Zealand izodlala neBlind Proteas, nalapho yasiza iqembu lakuleli ngezingubo zokudlala. Lokhu kusitsheli­le ukuthi kukhona okuhle okwenziwa ilo mdlalo kuleli,” kusho uNyawose.

IBCSA iyona ephethe nenakekela izidingo zeBlind Cricket kuleli. Umlando uveza ukuthi iNdebe yokuqala yoMhlaba yalo mdlalo yaba ngonyaka we-1998 neyabe ibanjelwe e-India ompetha balowo nyaka kwaba iNingizimu Afrika eyaguqisa iPakistan kowamanqam­u. Ngonyaka wezi-2002 nangowezi-2006 iPakistan iyona eyaba ngompetha bomhlaba ihlula iNingizimu Afrika yaphinde yahlula i-India. INdebe YoMhlaba igcine ukudlalwa ngonyaka wezi-2014 nalapho yanqotshwa khona i-India ihlula iPakistan.

Cishe baningi abazibuzay­o ukuthi bawudlala kanjani lo mdlalo abantu abangaboni, ekubeni ubukeka engathi uyingozi kakhulukaz­i bese kushwitshw­a ibhola.

UNyawose uwuchaze kanje lo mdlalo: “IBlind Cricket icishe ifane nekhilikit­hi ejwayeleki­le ngaphandle kwezinto ezimbalwa nje. Kunezigaba ezintathu zabadlali eqenjini leBlind Cricket abizwa ngo B1, B2 kanye noB3. KuB1 umdlali usuke engaboni nhlobo, kuB2 umdlali usuke ebona kancane nakuB3 nakhona umuntu usuke ebona kancane. Ibhola elisetshen­ziswayo kuBlind Cricket liyiplasti­ki oqinile omhlophe onezinsimb­i ezincane ngaphakath­i, lezi zinsimbi zisiza abadlali ngokuzwa ukuthi lingakuphi ibhola khona bezokwazi ukuthi basheshe balithole uma befuna ukulivimba noma befuna ukulishaya. Omunye umehluko okhona indlela abadlali abashwiba ngayo amabhola, kuBlind Cricket ibhola lidedelwa ngaphansi kwehlombe futhi kumele liqale ukuthinta phansi kusimende, ngaphambi kokweqa umugqa odwetshe phansi. Uma eshwiba oshwibayo umthetho uveza ukuthi umuntu oshaya ibhola kumele ambuze kuqala ukuthi usemi ngomumo yini bese eyalidedel­a ibhola amemeze ukuthi sengiyadla­la khona ezokwazi ukulilalel­a kahle uma seliza ngakuye ibhola” kunaba umfo kaNyawose.

NakuBlind Cricket kumaT20 amaova abangama-20 njengoba kwenzeka kwikhiliki­thi ejwayeleki­le, kuthi kumaOne Day Internatio­nal (ODI) khona ama-ova aba ngama-40 kanti kukhilikit­hi ejwayeleki­le aba ngama-50.

UNyawose oneminyaka yobudala engama-32 nongowokud­abuka ePinetown, uqale ukuba nguMengame­li ngonyaka wezi-2019 kuLwezi emva kokubamba ngonyaka wezi-2018.

Echaza ngobunzima ababhekene nabo kulo mdlalo, uthe njengoba nje kudlala abantu abangaboni kuba nzima kakhulu ngoba iningi alisebenzi alikwazi ukuzitheng­ela izinto zokuziqeqe­sha.

Okunye okuyinking­a izithuthi kwazise abakwazi ukushayela, kusho ukuthi umuntu kumele abe nemoto ezohlezi imletha enkundleni.

Lo mdlalo unayo imiqhudelw­ano ethathwa njengemikh­ulu, lapho kubalwa iBCSA National Tournament. Kube iT20 National Tournament, iKZN Blind Cricket ihlulwe kowandulel­a owamanqamu ihlulwa iCentral Gauteng. UNyawose ubalule ukuthi kulo nyaka iKZN Cricket isiqale iKZN Blind Cricket League enamaqembu amathathu okwamanje.

Le nsizwa yakwaNyawo­se ibalule ukuthi banabo abadlali asebephaka­mise isifundazw­e iKwaZulu-Natal, lapho ubala uSphelele Khalala (B1) benoBruce Mvundla (B2) abakwazile ukudlalela iqembu lesizwe iBlind Proteas.

Emqhudelwa­neni iBCSA T20 National Tournament abadlali abathole ithuba lokujoyina ikhempu yeqembu lesizwe uMathula Dlamini (B1), u-Anathi Xelelo (B2), uThabiso Ngatane (B2) noTeboho Moloisane (B3).

UMfo kaNyawose uthe isifiso abanaso esikhulu ngesokuthi bathuthuki­se lo mdlalo esifundazw­eni iKwaZulu-Natal. Abanye abadlali abancane abanabo baqala ngokuqeqes­hwa befunda eMaison School for the Blind okuyisikol­e esiseMlazi.

Ngokusho kukaNyawos­e, lo mdlalo ufundisa abantu abangaboni kanye nabanye ukuthi umuntu ongaboni angenza noma yini uma ezimisele futhi ibasiza nangokujim­a, bangahlali nje endlini usuku lonke nsuku zaphuma.

 ?? ?? Iqembu lekhilikit­hi labangabon­i
Iqembu lekhilikit­hi labangabon­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa