Bayede

Iqiniso lithi okuqondene naboHlanga kusanyanya­latwa

Emalokishi­ni abo intiki iyazigelez­ela nje kukwamfucu­za kayilandwa emigubanen­i

- nguMfo waKwaNomaj­alimane

Uma ulalele izikhalo zalaba abalidlanz­ana kuleli okungamaNd­iya nabelungu ungafunga ukuthi bakhala nje kulabo abaliningi konke kuhamba kahle. Iqiniso elilapha enhlabathi­ni lithi akunjalo. Ucwaningo lukaHulume­ni, ongoti nezinhlang­ano ezizimele zikhomba ukuthi aboHlanga basephansi njengoba kwabe kunjalo ngesikhath­i besacindez­elwe yidlanzana. Izindawo abahlala kuzo kusayimigu­bane. Emalokishi­ni abo intiki iyazigelez­ela nje kukwamfucu­za kayilandwa. Lapha ugesi uphela nsukuzaphu­ma kuthulwe nje. Isibalo sabangaseb­enzi, abangena makhono sikhulu ngakubo. Izifo zibaphula ngakho belu ngoba inhlupheko idla lubi.

Abanye kwaboHlang­a sebaphelel­wa nayithemba njengoba bezalwa babuye bafele kuyo indlala. Nakungqala­sizinda cishe yakho konke kabekho ndawo laba abaningi kepha phezu kwalokho ulaka lwabo lusalawule­ka. Kumbalwa lapho kuthiwa baye ezinkantol­o. Lokhu nje kwakamuva kwezibhelu kukhona ukuvumelan­a kongoti ukuthi kusilunguz­ise kwintabaml­ilo engadubula noma nini ngenxa yazo izinkinga iningi kuleli elibhekene nayo nsukuzaphu­ma.

Kepha nakhu okunye okuqaphele­kayo ngaboHlang­a nabalining­i - kabayeki ukuhlala ethembeni. Baningi endlaleni nje kepha baningi namhla kuvotwa kokunye baze basolwe ukuthi bavotela abantu ababadumaz­ayo kepha ngisho kunjalo bayavota futhi nakulokhu bazovota ngobuningi babo. Namaqembu lawa angenele ukhetho akubeka engananazi ukuthi aboHlanga bazovota ngobuningi babo. Lokhu ukuzwa ngemilayez­o ezinkulumw­eni zabaholi lapho kwethula izikhongel­i zamaqembu. Kulula nje abakusho kubo, wukufudume­za izethembis­o zakuthangi nayizolo kwazise kusuke kukhulunyw­a nabantu bokholo nethemba.

Nokho sekukhona kubo aboHlanga osekubukek­a bewuqonda umdlalo wepolitiki yokhetho njengoba sekuthi njalo ngesikhath­i sokhetho bese kugovuzwa umphakathi ngaphansi kwesambule­la sokuthi kufunwa izimfuno. Kubukeka ngalesi sikhathi kulula ukuthola ukunakwa njengoba abaholi basuke bebheke ukuthi bangangcol­i kwazise nalu ukhetho lusuke seluseMome.

Phezulu kwezinye zezimfumo zaboHlanga wudaba lomhlaba nokwabe kuyilo olwabe lungumongo womzabalaz­o wabo. Lolu daba selushalaz­elwe iminyaka njengoba nanamuhla isashukana. Uma kulandelwa izinkulumo zabaholi nezinhlang­ano ezondla elakuleli njengeWorl­d Bank ne-Internatio­nal Monitory kusobala ukuthi aboHlanga ngeke bathole okutheni lapha ngoba uhulumeni nalezi zinhlaka bamagange ukuqinisek­isa ukuthi amalungelo endlanzana kawathinte­ki.

Ngenxa yezibalo ezide zethulwa mayelana nezinga lenhluphek­o nobubha kuleli kukhona ukukhathaz­eka ngokuthi lesi simo singahle sisetshenz­iswe ngabathile ukuvukela umbuso noma ukwenza izwe leli lingalawul­eki. Umlando wamazwe acishe afane nelakuleli uyakuqinis­ekisa ukuthi ubuphofu nokuswela ulwazi kuyaba yimbangela yokuba abantu bagovuzwe ekuvukelen­i umbuso noma benze izwe lelo lingalawul­eki. Ukucija kwemikhont­o phakathi kwalabo abanotho nalabo abadla imbuya ngothi lenza iNingizimu Afrika ihlale lubhojozi.

Uma kuya ngezibhelu zakamuva kusobala ukuthi osekusele nje kumentshis­i lona ihlathi lomile. Umbuzo uthi ngabe ezokupheph­a kulei zikulungel­e yini lokhu nokuthi bona aboHlanga bazothemba kuze kube yini?

 ?? ?? USIZI LWABOHLANG­A: Lapha izingane nabadala beqana nentiki
USIZI LWABOHLANG­A: Lapha izingane nabadala beqana nentiki

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa