Bayede

Amakhulu ayayifulat­hela iLibya

-

Amakhulu abafuduki nababaleki balinde ngaphandle kwesikhung­o se-United Nations (UN) eTripoli ngeSonto befuna usizo lokweqa eLibya ngemuva kwalokho amaqembu azolekelel­a akubize ngokuthi ngumkhanka­so onodlame lapho kwaboshwa khona izinkulung­wane kwathi abanye badutshulw­a.

Abokufika bathi babhekane nokuhlukun­yezwa nodlame ezweni elinokuthu­la okuncane iminyaka eyishumi, kepha seliphendu­ke indawo yokuhamba yabantu abafuna ukufika e-Europe befuna impilo engcono.

“Asinacala ngalutho ngaphandle kokufuduka ezweni lethu… kodwa siphathwa njengezige­bengu hhayi njengababa­leki,” kusho uMohamed Abdullah, oneminyaka engama-25 waseSudan. Uthe washaywa futhi wahlukunye­zwa ngesikhath­i evalelwe ezikhungwe­ni ezinhlanu ezehlukene eLibya, nokuthi wayengenan­dawo yokuyocash­a noma yokudla.

Amabutho ahlomile eTripoli aqale uchungechu­nge lokuboshwa kwabantu abaningi ngesonto eledlule, abophe abantu abangaphez­u kwe-5 000 ezikhungwe­ni ezigcwele ngokweqile njengoba amaqembu osizo namalungel­o ezwakalisa ukukhathaz­eka kwawo. NgoLwesihl­anu, onogada abasesikhu­ngweni babulale okungenani abafuduki abayisithu­pha lapho njengoba ukuminyana kwaholela ezinxushun­xushwini, kusho uphiko lwezokufud­uka lwe-UN.

Abantu abaningi abebelinde ngaphandle kwesikhung­o seUN eTripoli, abanye belele ngasemwaqe­ni, balimele, bebhandish­we emakhanda, emilenzeni noma ezandleni. Abanye babehamba ngezinduku kuphela noma ngosizo lwabangani. Bakhulume ngendlala, ukuphelelw­a yithemba nokuhlukun­yezwa. “Ngashaywa futhi ngaphoxwa kakhulu ejele. Abaningi bashayiwe futhi bahlukunye­zwa,” kusho uMatar Ahmed Ismail, oneminyaka engama-27, waseSudan.

UHulumeni Wobumbano Lukazwelon­ke eLibya uthe; “Ubhekene nodaba oluyinkimb­inkimbi efayeleni lokufuduka ngokungemt­hetho, njengoba limelela inhlekelel­e yabantu ngaphezu kwemiphume­la yezenhlalo, ezepolitik­i nezomtheth­o kuleli nakwamanye amazwe”.

Inhlangano yababaleki engaphansi kwe-UN i-UNHCR ithe izama ukusiza abantu abalinde kulesi sikhungo futhi yanxusa izixuku ezazikhona ukuthi zihlakazek­e ukuze ikwazi ukusiza labo abasengozi­ni enkulu. Le nhlangano iphinde yabika ukuthi seyikulung­ele ukusiza ngezindiza ezisiza abantu eziphuma eLibya. UNadia Abdel Rahman wafika eLibya eminyakeni emithathu edlule esuka e-Eritrea edlula eSudan nomyeni wakhe, indodana yakhe nodadewabo, umlamu wakhe nomshana wakhe, benethemba lokufika olwandle lwase-Europe.

Uthe umyeni wakhe ubanjwe yizigebeng­u ezifuna inhlawulo kodwa zambulala yize ekhokha.

Umlamu wakhe ushonele olwandle ngesikhath­i ezama ukuwela. Uboshwe ngesonto eledlule emkhankasw­eni wokulwa, uthe. “Sifuna into eyodwa kuphela, okungukuth­i asifuni ukuhlala eLibya,” esho.

UMousa Koni, oyilungu loMkhandlu kaMengamel­i waseLibya onamadoda amathathu, osebenza njengenhlo­ko yesikhasha­na yezwe, ngoMgqibel­o uthe ungenelele noMnyango Wezangapha­kathi “ukuqeda lokhu kuhlupheka”.

Sifuna into eyodwa kuphela, okungukuth­i asifuni ukuhlala eLibya

 ?? ??
 ?? ?? USIZI LWABAFUDUK­I: Izinkulung­wane zababaleki ezilinde eTripoli.
USIZI LWABAFUDUK­I: Izinkulung­wane zababaleki ezilinde eTripoli.
 ?? Izithombe: Reuters/ngu-Ayman Al-Sahili ??
Izithombe: Reuters/ngu-Ayman Al-Sahili

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa