Izinga lokuzibulala nokhwantalala emhlabeni
Ukuhlasela kobhubhane ukhuvethe emhlabeni jikelele kube nomthelela omkhulu ongemuhle ezintweni eziningi. Okunye kwakho kugqame kakhulu njengoba umkhuhlane uya ngokudamba ngenxa yokuba khona komjovo emazweni amaningi. Kulahleke imisebenzi, kwadlula abantu abebondla imindeni, abafundi basilela ngemuva nasezikoleni.
INingizimu Afrika ayisalanga ngaphandle kokwenzeke kwamanye amazwe ngoba kube khona nezigameko zenkohlakalo ezithinta imali yokusiza labo abakhahlamezeke ngenxa yegciwane, kwaba khona nabazibulalayo ngenxa yokhwantalala. Lesi simo sihlabe saphukela naseJapan lapho izinga lokuzibulala kwentsha kuthiwa liphezulu selokhu kuqale ukuvela kobhubhane ukhuvethe. Ukukhula kwezinga lokuzibulala kwentsha ngale ndlela kuthiwa selokhu kwagcina eminyakeni engama-40 edlule. Kuthiwa ukuzibulala kwentsha yinto endala kuleli lizwe, kanti kuvela ukuthi intsha ikwenza lokhu ngoba isaba ukuphoxeka uma kukhona lapho kungayihambelanga kahle khona, okanye lapho kuvela khona ukuthi yenze ukungathembeki.
Ngokusho kwaboMnyango Wezemfundo kuleliya lizwe muva nje okunyuse lesi sihlava entsheni ukuvalwa kwezikole ngonyaka odlule emuva kokuhlasela kweCovid. Kuze kube yimanje sekubikwe izingane ezingama-415 esezizibulele. Lesi sibalo sihlanganisa izingane ezifunda ezikoleni zamazinga aphansi naphezulu. Ngokocwaningo olwenziwe uMnyango Wezemfundo lesi sibalo sinyuke nge-100 uma kuqhathaniswa nesibalo sabafundi abazibulala ngonyaka owedlule.
Iphephandaba lakhona i-Asahi libike ukuthi umhlola onjengalona wagcina ukubonwa ngonyaka we1974. Ngokuhamba kweminyeka izibalo kuthiwa zehlile ngokubika kwephephandaba njengoba ziphinde zanyuka futhi ngonyaka owedlule.
Muva nje kubikwa nokuthi akuzona nje izingane kuphela ezizibulalayo kodwa nabesifazane okuthiwa baxinwe ukhwantalala oluhambisana nokuntuleka kwezimali okuwumphumela wokuphela kwemisebenzi ngenxa yokhuvethe. UMnyango uveze ukuthi selokhu kwaqala lo mkhuhlane bangaphezulu kwezi-196 127 abafundi abangalubhadi ezikoleni, abanye osekuze kwaphela izinyanga bengomantunta nendishi.