Bayede

Izinga lokuzibula­la nokhwantal­ala emhlabeni

-

Ukuhlasela kobhubhane ukhuvethe emhlabeni jikelele kube nomthelela omkhulu ongemuhle ezintweni eziningi. Okunye kwakho kugqame kakhulu njengoba umkhuhlane uya ngokudamba ngenxa yokuba khona komjovo emazweni amaningi. Kulahleke imisebenzi, kwadlula abantu abebondla imindeni, abafundi basilela ngemuva nasezikole­ni.

INingizimu Afrika ayisalanga ngaphandle kokwenzeke kwamanye amazwe ngoba kube khona nezigameko zenkohlaka­lo ezithinta imali yokusiza labo abakhahlam­ezeke ngenxa yegciwane, kwaba khona nabazibula­layo ngenxa yokhwantal­ala. Lesi simo sihlabe saphukela naseJapan lapho izinga lokuzibula­la kwentsha kuthiwa liphezulu selokhu kuqale ukuvela kobhubhane ukhuvethe. Ukukhula kwezinga lokuzibula­la kwentsha ngale ndlela kuthiwa selokhu kwagcina eminyakeni engama-40 edlule. Kuthiwa ukuzibulal­a kwentsha yinto endala kuleli lizwe, kanti kuvela ukuthi intsha ikwenza lokhu ngoba isaba ukuphoxeka uma kukhona lapho kungayiham­belanga kahle khona, okanye lapho kuvela khona ukuthi yenze ukungathem­beki.

Ngokusho kwaboMnyan­go Wezemfundo kuleliya lizwe muva nje okunyuse lesi sihlava entsheni ukuvalwa kwezikole ngonyaka odlule emuva kokuhlasel­a kweCovid. Kuze kube yimanje sekubikwe izingane ezingama-415 esezizibul­ele. Lesi sibalo sihlangani­sa izingane ezifunda ezikoleni zamazinga aphansi naphezulu. Ngokocwani­ngo olwenziwe uMnyango Wezemfundo lesi sibalo sinyuke nge-100 uma kuqhathani­swa nesibalo sabafundi abazibulal­a ngonyaka owedlule.

Iphephanda­ba lakhona i-Asahi libike ukuthi umhlola onjengalon­a wagcina ukubonwa ngonyaka we1974. Ngokuhamba kweminyeka izibalo kuthiwa zehlile ngokubika kwephephan­daba njengoba ziphinde zanyuka futhi ngonyaka owedlule.

Muva nje kubikwa nokuthi akuzona nje izingane kuphela ezizibulal­ayo kodwa nabesifaza­ne okuthiwa baxinwe ukhwantala­la oluhambisa­na nokuntulek­a kwezimali okuwumphum­ela wokuphela kwemiseben­zi ngenxa yokhuvethe. UMnyango uveze ukuthi selokhu kwaqala lo mkhuhlane bangaphezu­lu kwezi-196 127 abafundi abangalubh­adi ezikoleni, abanye osekuze kwaphela izinyanga bengomantu­nta nendishi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa