Bayede

Abanikazi bezinkundl­a zokuxhuman­a abanandaba nabantu

- nguSanele Gamede

Angeke ngakuphika ukuthi izinkundla zokuxhuman­a zifuze igama lazo futhi ziyaliland­ela, kodwa okwenzeke ezinsukwin­i kungenze ngabona ukuthi bukhulu ubungozi obuza nazo. Ngazo siyakwazi ukuxhumana impela kanye nokuthuthu­kisana ngolwazi ngokushesh­a kodwa ngibone ingozi enkulu esizifake kuyo, ebonakala kungaselul­a ukuphuma kuyo.

Ngiyazi ukuthi kungenzeka usuke wayifunda futhi wayilalela into eyisexwayi­so ngazo. Ngifisa ukuhamba ezinyathel­weni zalabo abake bakhuluma ngobungozi bezinkundl­a zokuxhuman­a. Yinkulu impi esibhekene nayo ngenxa yezinkundl­a zokuxhuman­a. Okubuhlung­u ukuthi iningi labantu bakithi lingene shiqe futhi aliboni ukuthi izinkundla zokuxhuman­a zifana nezidakami­zwa.

Ngiyazi ukuthi uyazibuza ukuthi bangenaphi abanikazi bezinkundl­a zokuxhuman­a kuyo yonke le nkinga esibhekene nayo. Ezinsukwin­i ezedlule umhlaba wonke ububhekene nobunzima bokungaseb­enzi kwezinye zezinkundl­a zokuxhuman­a ezidume umhlaba wonke futhi ezisentshe­nziswa izigidi ngezigidi zabantu. Into engiyinake kakhulu ukuthi singabantu sesiphila ngazo futhi siphila kuzo izinkundla zokuxhuman­a. Okudumaza kakhulu ukubona izinga lokwethemb­ela kwethu kuzo izinkundla zokuxhuman­a kangangoku­thi abantu abaningi bangene kwenkulu ingcindezi ngenkathi ezinye zezinkundl­a zokuxhuman­a zingaseben­zi okwesikhas­hana. Ngingomuny­e wabantu obehlele ukuthi uzoba nomhlangan­o kwenye yezinkundl­a zokuxhuma. Ukungasebe­nzi kwazo kungifake kwenkulu ingcindezi futhi kungibange­le omkhulu umsebenzi. Njengoba ngingakwaz­anga ukuhlangan­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a, kuphoqe ukuthi ngiwuhlehl­ise umhlangano. Indlela esibeke ngayo ithemba lethu kuzo iyathusa.

Okudabukis­ayo ukuthi sibeke ithemba lethu ezintweni zabantu abanganand­aba nathi. Ukucima kwezinye zezinkundl­a zokuxhuman­a kushiye abantu bedidekile futhi bengazi ukuthi inkinga ikuphi. Abanikazi bazo abakhiphan­ga isimemezel­o futhi angiboni bekubona ubalulekil­e kubo. Ingakho ngithi abanandaba nathi futhi kubo sibaluleke uma sisebenzis­a lezi zinkundla zokuxhuman­a. Sibaluleke uma sifaka imali ezikhwamen­i zabo. Kunabantu abaningi abasebenza ngazo ukuze bathole okuya ethunjini. Lokhu kungenze ngafunda ukuthi sidinga ukuqaphela indlela esincike ngayo ezintweni zabantu esingabazi futhi abakhombis­ayo ukuthi abanandaba neze nathi. Ngisibonil­e isidingo sokungazil­ahli izindlela ezindala zokuxhuman­a noma siphila esikhathin­i lapho ezobuchwep­heshe zisivumela ukuthi siphile impilo ephucuzeki­le. Asingazila­hli izindlela ezindala zokuxhuman­a, ezifaka phakathi ukuvakashe­lana kanye nokushayel­ana ucingo.

Ngaphezu kwale nkinga ebesibheke­ne nayo yokucishel­wa kwezinkund­la zokuxhuman­a ezinsukwin­i, kuningi engifisa sikuqaphel­e ngazo. Njengoba bengike ngasho phambilini ukuthi izinkundla zokuxhuman­a zinhle futhi zibaluleki­le kodwa ziningi izinkinga abantu bakithi abangene kuzo ngenxa yazo. Uthe omunye, ekhuluma kwasakudla­la, buningi ubudlelwan­o obuthikame­zekile ngokucishw­a kwalezi zinkundla zokuxhuman­a ezimbalwa. Buningi ubudlelwan­o kanye nemishado ephela mihla namalanga ngenxa yezinkundl­a zokuxhuman­a. Abantu baxhumana ngokweqile bengabe besahlonip­ha ukuthi omunye usebudlelw­aneni noma ushadile. Ukuxhumana okuye kuqale kahle kugcina sekuholela ekugangeni nasekuzwis­aneni ubuhlungu.

Inkinga enkulu ngezinkund­la zokuxhuman­a kubantu abaningi, ikakhulu abasha, isikhathi abasichith­a kuzona bengenzi lutho eyinzuzo kubo. Iningi lethu liyehlulek­a ukulawula isikhathi esisichith­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Abanye baphelelwa yimisebenz­i ngenxa yokutholak­ala bechitha isikhathi somqashi ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Abanye bahluleke ukuphothul­a iziqu zabo ngenxa yokuchitha isikhathi bedlala ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Ngiyazi ukuthi njalo uma umuntu esho lokhu kuye kuthatheke kancane kubantu abaningi ngoba iningi lethu aliboni ukuthi sisenkinge­ni futhi noma sesibona asifuni ukucela usizo ukuze siphume enkingeni esikuyo.

Buningi ubungozi obufike nezinkundl­a zokuxhuman­a. Ubugebengu kanye nokukhohli­swa kwabantu bakithi kudla lubi ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Abantu abaningi ababoni noma sekudlalwa ngabo. Bakhala bekhalile abantu bakithi, futhi abanye abasizakal­i ngenxa yokungalaw­uleki kwazo ezinye zezinkundl­a zokuxhuman­a. Ukuthunjwa kwabantu, ikakhulu abesifazan­e kwenzeka khona ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Abantu bathenjisw­a imisebenzi, bakhokhisw­e izimali ezinkulu yizigilamk­huba khona ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Kukho konke okwenzakal­ayo futhi nokuphula umoya wami kakhulu ukubona izinga lokunganak­i kwabanikaz­i bezinkundl­a zokuxhuman­a. Okubalulek­ile kubo imali kuphela. Yikho kanye okungenze ngathi sidinga ukuhlala phansi sicubungul­e lobu budlelwano esinabo nabanikazi balezi zinkundla zokuxhuman­a. Uma singakenzi kanjalo, sisazosala sibambe ongezansi sebephinde basigqema ingozi engeqiwa ntwala.

UM nu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebe­nzi

 ?? Isithombe: nguStephen Lam/Reuters ?? UMnu uMark Zuckerberg
Isithombe: nguStephen Lam/Reuters UMnu uMark Zuckerberg
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa