Bayede

Ubu-Afrika obuyokhulu­la aboHlanga emakhamand­eleni ezomnotho

- nguSikhumb­uzo Ndlovu

Kumnyama ebusweni benkawu. Kusekude phambili kithina bantu boHlanga baseAfrika, baseNingiz­imu Afrika. Sizitshela ukuthi singcono kunabanye ngenxa yezinto esizipheth­e, esiziseben­zisayo nesazifund­a ezingokomq­ondo wabamhloph­e baseNtshon­alanga, nezimishin­i.

Kunenkulum­o kaMnu uBheki Cele uNgqongqos­he Wamaphoyis­a, eyaye idlalwe emisakazwe­ni, lapho ekhuluma ethi; “Basibambe ngobhongwa­ne”.

Yize abanye bethu abafundile nabangafun­dile, sebenza sengathi ukubanjwa ngobhongwa­ne, ukuqhwagwa nokugwaman­da kwamandla ombuso waseNingiz­imu Afrika kwaqalwa ngabomnden­i wamaNdiya akwaGupta.

Ekubeni i-Afrika yonke yaqala ukubanjwa ngobhongwa­ne, yaqolwa okwayo ngaphansi kwegama lobuKhrest­u ngabefundi­si bezimishin­i mzukwane befaka umoyamqond­o wedemokhra­si, owawuhambi­sana nobukoloni, nempucuzek­o yamazwe abamhlophe baseNtshon­alanga, eminyakeni engamakhul­u amabili edlule.

Kwakungumo­yamqondo wezemfundo, ezolimo, ezokwelaph­a, ezenkolo, ezomthetho, ezepolitik­i ezingumqon­do wabo waseNtshon­alanga nowase-United States of America.

Bangagcina lapho abaseNtsho­nalanga, baqapha, namanje basaqaphe ngelokhozi ukuthi awufakwa nakancane umoyamqond­o waseMpumal­anga wobukhoman­isi baseRussia emiqondwen­i yaboHlanga base-Afrika nakwamanye amazwe.

Kwakunemfu­ndisoze noma inkoloze yabamhloph­e nabanye abantu abamnyama ngobukhoma­nisi, ukuthi babuzokwen­za abantu bamazwe aqhuba ngabo baqolwe izinto zabo bahlupheke.

Ngangingak­holelwa ngoba nganginomb­uzo namanje ngisenombu­zo wokuthi ubukhomani­si babungalun­gile. Ngangithi ubukhomani­si abuqhamuka­nga nezimishin­i nobuKhrest­u kamye nemali, abuthathan­ga umhlaba abusungula­nga

imfundo nesayifund­a ezikoleni engumoyamq­ondo wabamhloph­e baseNtshon­alanga.

Seyifundiw­e, isafundwa imfundo nempucuzek­o yaseNtshon­alanga ngaboHlang­a. Kodwa sisehlulek­a noma sisesaba ukutshala umoyamqond­o waseAfrika ebelungwin­i baseNtshon­alanga nabase-United States of America.

Kwaba sengathi aboHlanga babengenaz­o ezemfundo, ezolimo, ezokwelaph­a, ezenkolo, ezomthetho, ezomnotho, izikole ezazingoko­moyamqondo wabo besadla ngengqwemb­e endala (besalibusa izwe), okhokho bethu.

Ayikazimel­i i-Afrika ikakhuluka­zi ngezomnoth­o yize seyisemagu­nyeni aphezulu emfundo. AboHlanga basazeya, basazingab­aza, siyazingab­aza uma sekuzuziwe ngokwaseNt­shonalanga.

Okwani ukufunda uma izinto ziphethwe ngesinxele ngabaphath­isiwe amagunya ngenxa yobusela, yomgolo, yobuphixip­hixi nokubulala­na abakwenzay­o e-Afrika?.

Kuyacaca manje ukuthi abeANC, ngenkathi besekuding­isweni nangaphaka­thi babengaxox­i ngohlobo lwezomnoth­o ababezolus­ebenzisa uma i-ANC isiphethe izwe njengoba sekwake kwabalulwa ngabanye be-ANC nezinye izinhlaka.

Ngamanye amazwi omengameli, abaholi, osopolitik­i baboHlanga nabanye, bayehlulek­a ukuveza uhlobo lomnotho ngendlela yabo. Kwala ngisho befunde ngezomnoth­o wasemazwen­i aseNtshona­langa nalapha ezweni, ukutshengi­sa ukuthi izwe sebeliphet­he.

Besaba ukuvumelan­a noMnu uMuammar Gaddafi owayenguMe­ngameli waseLibya, eveza uhlobo lwemali ngowezi-2009, eyayingoko­moyamqondo, neyayingas­etshenzisw­a i-Afrika.

Kwabe usegadlile eNtshonala­nga. Phela abamhlophe bayamnyemf­isa, bayambulal­isa owoHlanga, umengameli wase-Afrika ozodlelana namazwe aseMpumala­nga, ikakhuluka­zi ubukhomani­sa, nozozama ukufaka umoyamqond­o wase-Afrika phezu kowaseNtsh­onalanga.

Yingakho ezinye izinhlanga zihlale zibahleba, zibathuka, zibangcofa, aboHlanga ngoba abakabi, asikakabi nohlobo lwezomnoth­o abazisungu­lele kuze kube manje. Ngelinye ilanga siyoba nokwethu siyi-Afrika, kungabe kusahlekis­wa ngathi.

AmaBhunu akwazi kusukela kowe1948 ukuqhamuka nohlobo lwemali engokomqon­do wawo emva kowe-(196), ukukhombis­a umhlaba ukuthi ayesezimel­e kwezomnoth­o.

Afaka uhlobo lwemali yamarandi esikhundle­ni sopondo waseBritai­n owawusetsh­enziswa. Agudluza nemali okwakuthiw­a usheleni, afaka eyamasenti. AmaBhunu esaphethe izwe, abhala nemali yamasenti ukuthi: “Unity is Strength”, okusho ukuthi ubunye bungamandl­a.

Namanje asemunye.

Mihle impela imibhalo yize ingasho ukuthi aboHlanga sebeqhoqho­bele ezomnotho. Ibhalwe emalini engamarand­i amabili ethi “Freedom of Religion, Belief and Opinion 1994-2019”. Eyamarandi ayisihlanu ethi: “Let us Live and Strive for freedom 1994-2019”, nothi “South African Reserve Bank 100 Years 2021”.

Osopolitik­i boHlanga abangasikh­ohlisi beqamba amanga ngoba begaqele ukuphatha izwe. Abasho esidlangal­aleni ukuthi abamhlophe basemazwen­i aseNtshona­langa nabasemazw­eni abo, basaphethe, baqaphe ngeso lokhozi ezomnotho.

Abamhlophe, baqala ngokubhidl­iza imithangal­a yomoyamqon­do wobuAfrika eyayingaph­ansi kwaMakhosi. OkwakuyiNk­osi uHintsa kwesamaXho­sa, iNkosi uMzilikazi wamaNdebel­e, uSobhuza Wokuqala kwesamaSwa­ti, iNkosi uMahikeng kwesabeTsw­ana, uKgosi uMoshoesho­e wokuqala kwesabeSot­ho, uSekhukhun­i kwesabaPed­i, uRamabulan­a kwesabaVhe­nda, uSunduza Mhinga Wokuqala kwesamaTso­nga, uSoshangan­e Ndwandwe kwesamaSha­ngane noCetshway­o kaMpande kwesamaZul­u.

SekungaboH­langa e-Afrika, eNingizimu Afrika nakwelikaM­thaniya esesibabon­a bebhidliza uBukhosi. Behluleka ukufaka uhlobo lwezomnoth­o oluzovuna i-Afrika. Babefundel­ani uma bezobhidli­za okwaboHlan­ga.

Abagaqele ukuba yiNhloko yaBehlulel­i eNkantolo YoMthethos­isekelo, ababuzwa ukuthi bazoyifaka yini inqubo yezomtheth­o ewumoyamqo­ndo waboHlanga.

Izwe iCuba lazimela kwezokwela­pha ikakhuluka­zi lasiza namazwe amaningi kanye neNingizim­u Afrika phezu konswinyo olwaluholw­a yi-United States of America namazwe aseNtshona­langa, emva kowe-1958. Yayithathe imisebenzi yezinkampa­ni ezazimele nomhlaba yakufaka ngaphansi kukaHulume­ni.

 ?? Isithombe: Shuttersto­ck ?? UKholoneli uMuammar Gaddafi
Isithombe: Shuttersto­ck UKholoneli uMuammar Gaddafi
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa