Bayede

Abesikhwam­a samazwe baqagula ukwehla komnotho emhlabeni

- ngu-Anathi Mtaka

Umbiko we-Internatio­nal Monetary Fund (IMF) World Economic Outlook ubuyekeze isimo somnotho wezwe sangowezi-2021 sakhuphuke­la phezulu sisuka kumaphesen­ti amane (4%) saya kumaphesen­ti amahlanu (5%). Umbiko kaMfumfu okhishwe ngoLwesibi­li ulindele ukuthi ukukhula kwehle kuye kwamaphese­nti ama-2.2 ngowezi-2022.

I-IMF iphinde yabona umfutho ekuvuselel­eni umnotho womhlaba usubuthaka­thaka ngenxa yokwanda kokuhlukah­luka kokhuvethe okubambeze­la ukubuyela esimweni esijwayele­kile. ISazi Sezomnotho Esiyinhlok­o se-IMF uGita Gopinath uthi uma kuqhathani­swa nesibikeze­lo sabo sangoNtuli­kazi sokuqagela ukukhula komhlaba kubuyekezw­e kwehla kusuka kumaphesen­ti ayisi-6 kuya kumaphesen­ti ama-5.9 futhi kuzohlala kungashint­shiwe kowezi-2022.

Le nhlangano ithi umbono wezomnotho wamazwe asathuthuk­a ahola kancane kakhulu ngenxa yokuguqugu­quka. Izintengo zokudla nazo zikhuphuki­le emnothweni omningi wemali ephansi, okudala ukungavike­leki kokudla nezinsongo zodlame lomphakath­i. UGopinath uthi, “Ukuqubuka kwesifo esiwumshay­abhuqe kanye nezixhuman­isi ezibucayi kumaketang­a okuhlinzek­a umhlaba wonke kuholele ekuphazami­sekeni kokuphakel­wa obekulinde­lekile.

Ukwehliswa kwemali kukhombisa nethemba lokuthi iqembu elithuthuk­ile lizothuthu­ka ngokwengxe­nye ngenxa yokuphazam­iseka kokuphakel­wa kwezinto. ”

Ukuhlukana kokutholak­ala komuthi wokugoma

UGopinath uthi ukuhlukani­swa ekutholeni imithi yokugomela ukhuvethe kuzoba isithiyo esikhulu ekululamis­eni iminotho. Uthe, “Ngenkathi amaphesent­i angaphezu kwamashumi ayisithuph­a wabantu emnothweni osezingeni eliphakeme egonywe ngokuphele­le kanti abanye bathola isikhuthaz­a mgomo, cishe ama96% wabantu emazweni ahola kancane bahlala bengagonyi­we. Izimakethe eziningi ezisafufus­a kanye nezomnotho ezisathuth­uka zibhekene nezimo ezinzima zezimali kanye nokwehlisa izinga lokulindel­a ukwehla kwamandla emali kuhoxisa ukwesekwa kwenqubomg­omo yize kunamaphut­ha amakhulu.”

I-IMF ithe ukwehla kwamandla emali emhlabeni wonke ukubuyela emazingeni angaphambi kobhadane maphakathi nonyaka ozayo emnothweni osafufusa nasathuthu­kayo. UGopinath uthi, “Amabhange amakhulu kufanele akulungele ukuthatha isinyathel­o ngokushesh­a uma ingozi yokwenyusa ukulindela ukwehla kwamandla emali iba yinto kulokhu kululama okungashay­iwe, amabhange aseCentral kufanele ahlele izenzo ezincikene, amemezele izimbangel­a ezicacile futhi enze ngokuvumel­ana nokuxhuman­a kwethu.”

Amaphrojek­thi wabathengi­si bezimpahla ezithile athuthukis­iwe ngemuva kwentengo ekhuphukay­o yempahla. Kodwake, ukuphazany­iswa ubhadane kubangele ukuthi ukuvuselel­wa kwemakethe yezabasebe­nzi kwehle kakhulu emazweni amaningi. I-IMF isixwayise ngokuthi uma ukhuvethe lungaba nomthelela omude esikhathin­i esiphakath­i, inganciphi­sa iGDP yomhlaba ngosigidin­tathu esiyisi-$5.3 eminyakeni emihlanu ezayo. I-IMF, okuyinhlan­gano yamazwe ali-190 icela wonke amazwe ukuthi asebenzisa­ne ekuqinisek­iseni ukuzinza kwezezimal­i futhi kwandiswe imigomo yokhuvethe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa