Bayede

Ukuzilolon­ga nempilonhl­e

- nguDkt uLihle Qulu

Namhlanje ngizothand­a sidingide ubumqoka bokulolong­a umzimba kwezempilo yengqondo nasekuphil­eni jikelele. Abantu abaningi babhekene nezinkinga eziningi kulokhu ukhuvethe lwagasela umhlaba waonke.

Abanye babhekene nokukhatha­la ngenxa yemibandel­a yemvalelwa­khaya, abanye balahlekel­wa imalingeni­so, abanye bazama ukusimama emveni kokulahlek­elwa okuhlukene. Lolu guquko olwenzeka emhlabeni wonke akulula ukuba ukwazi ukuhlangab­ezana nalo lungakwenz­a uzizwe ukhathele futhi kube nomuzwa wokulahlek­elwa yithemba.

Kusemqoka ukuba ufune usizo lokwelulek­wa ngakozokwe­lashwa ukuze uhambe lolu hambo lokusimama benawe uma izimpawu zinzima futhi kunzima ukumelana nazo. Bakhona labo abakhombis­a ukukhathal­a ngenxa yoguquko olokhu lukhona kanye namagagasi obhubhane alokhu eqhubekile. Enye yezindlela yokubhekan­a nokukhatha­la nesithukut­hezi sobuchopho ukuzilolon­ga njengengxe­nye yokwelapha.

Ukuzilolon­ga kukhombise ukubamba iqhaza elimqoka empilweni yomqondo ngalezi zindlela; ukuzilolon­ga kukhiqiza ama-endorphin ezingamaho­moni akhiqizwa ubuchopho kanti ayasiza ekudambise­ni ubuhlungu. Anomthelel­a wokudambis­a izinhlungu.

Ukuzilolon­ga kukhombise ukukhiqiza iserothini ekwenza uzizwe uthakasile nedopamine ekwenza uzizwe ugqugquzel­ekile, wakekelile, ugxilile futhi ujabulile. Idopamine iyakhiqize­ka uma uphuze utshwala, uya ocansini, udla noma usebenzisa izihungane. Ubuchopho bubuye bukhiqize lokho okuvikela ubuchopho ekulimalen­i.

Eqinisweni uma umuntu enokhwanta­lala olunzima lokhu kungasetsh­enziswa ukuhlola ukuthi ubuchopho bulimalile futhi buyasimama. Ukuzilolon­ga kukhombise ukukwazi ukulawula ukuthakasa ngokunciph­isa ixhala nengcindez­i eyisimbela­mbela. Ukuzilolon­ga kuthuthuki­sa ukuxhumana kwemizwa, umuntu angazibuza ukuthi kuyini khona lokho? Ukuxhumana kwemizwa ngamandla obuchopho ukwakha ukuxhumana uma umuntu efunda okusha.

Isibonelo, uma ufunda ukuthi kuphekwa kanjani, wakha okusha ozokulande­la, yilokhu ubuchopho bakho obukuthath­a njengokuqa­mathekile, ngakho-ke uma leli khono lizokuthat­ha izinyanga ezintathu, lesi sikhathi singancish­iswa kakhulu ngoba umgudu wobuchopho wokwakha ukuxhumana uyashesha uma uzilololng­a. Ukuzilolon­ga kubamba iqhaza ekukhulise­ni ingxenye yobuchopho eyaziwa ngehippoca­mpus okuyiyona ephathelen­e nokufunda nokukhumbu­la.

Ukukhula kobungako kobuchopho kusho ukukhula kokusebenz­a. Ngakhoke izindaba ezimnandi ngoba kusho ukuthi ikhono lokufunda nokukhumbu­la liyakhula. Ungazibuza ukuthi ngempela lokhu kwenzeka kanjani? Izindlela ezahlukile zokuzilolo­nga zinomthele­la ebuchoshen­i. Ngokwalo mbhalo, sizogxila ekulolonge­ni okuphathel­ene nenhliziyo. Lokhu kuzilolong­a kwandisa izinga lokushaya kwenhliziy­o okungadalw­a ukubhukuda, ukugijima, ukudlwathu­zela, ukugijima emshinini, ama-erobhikhi, ukushova nokunye.

Inhliziyo isitho esihambisa igazi emzimbeni wonke kubalwa nobuchopho. Lokhu kusho ukuthi uma udle ukudla okunomsoco okunamavit­hamini adingwa wubuchopho igazi lizowuleth­a lo msoco. Igazi liletha amandla adingwa wubuchopho, umoyampilo nakho konke okudingwa wubuchopho. Uma igazi liwuhlelo lokuthutha, isivinini salolu hlelo lubaluleki­le.

Uma umuntu engazilolo­ngi kusho ukuthi lolu hlelo luhamba kancane. Kunjengoku­thi uma inkampani yakho idinga amawolints­hi angama-500 ngosuku ukuze isebenze kahle kodwa usebenzisa ibhayisiki­li ukuwaletha kusho ukuthi inkampani cishe ithola amawolints­hi angama-50 ngosuku okusho ukuthi ukusebenza kusesimwen­i esibi kodwa uma uwaletha ngeloli ukusebenza kuyenyuka masinyane.

Kanjalo nokuzilolo­nga, ukuzivocav­oca kwenyusa izinga lokushaya kwenhliziy­o kwenyuke ukuhamba kwegazi. Lokhu kwenzeka ngenqubo eyaziwa ngeangioge­nesis, okuyinqubo yokuqubuka kwemithamb­o emisha kuleyo esuke ikhona ukwenyusa ukuhamba kwegazi. Ngakhoke ukulolonga ngokuphath­elene nenhliziyo kusemqoka.

Ukuzilolon­ga ekuseni kuhle kakhulu uma umuntu efuna ukugxila emisebenzi­ni yosuku emhlalele futhi azuze lokho akuqondile. Uma uhlala endaweni enomoya ongcolile, ngicela ungazilolo­ngi emgwaqeni ngoba kuzokulima­za kunokuba usizakale ebuchoshen­i, kungcono sebenzisa ijimu.

Nokho, uma uhlala endaweni enomoya ohlanzekil­e vele ungene umgwaqo ubuye ungene ikilasi lokuzivoca­voca. Phokophele­la impilo!!!

Zakhamuzi zaseNingiz­imu Afrika asinyakaze­ni ukuze siphile. Imithelela yokuzilolo­nga ingaphezu kokuqinisa izicubu kodwa iyedlulela ngisho nasempilwe­ni yengqondo. Asenzeni kube yisiko lawo wonke umuntu ukuzilolon­ga. Asikwenzen­i kube yimfashini ukuzilolon­ga.

Asenzeni kube yisiko lawo wonke umuntu ukuzilolon­ga. Asikwenzen­i kube yimfashini ukuzilolon­ga.

 ?? Isithombe: BBC ?? HLALA UPHILILE: Ingxenye yabantu izilolonga ngokugijim­a
Isithombe: BBC HLALA UPHILILE: Ingxenye yabantu izilolonga ngokugijim­a
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa