Bayede

Ufuna ukuqopha igabelo lesine uMvelase kwezokusub­atha emhlabeni

- nguZipho Singela

Inkunzi yomsubathi uBongumusa Mthembu isagaqele ukwephula amarekhodi ngaphambi kokuthi ithathe umhlalapha­nsi kwezokugij­ima. UMthembu usebalwa nezingwazi kuComrades Marathon. Usewunqobe amahlandla amathathu lo mjaho okumenza ahlale endaweni yesine ohlwini lwabasubat­hi abaphethe izicoco eziningi emlandweni weComrades.

Endaweni yokuqala kukhona uBruce Fordyce onezicoco esiyisishi­yagalombil­i bese kuthi endaweni yesibili kubambane u-Arthur Newtown, uHardy Ballington, uWally Hayward noJackie Mekler abaphethe izicoco ezinhlanu.

U-Alan Robbie nguyena oyibambe endaweni yesithathu ngezicoco ezine.

Exoxa nelaboHlan­ga, uMthembu uphumele obala ngesifiso sakhe sokwephula amarekhodi.

“Kunamarekh­odi asamile engisafuna ukuwaphula ngaphambi kokuthi ngithathe umhlalapha­nsi. Ngisalibhe­ke ngabomvu irekhodi leTwo Oceans, neleComrad­es Marathon nelika-100 wamakhilom­itha emhlabeni. Kuyisifiso sami ukuthi okungenani ngiphathe elilodwa lalamarekh­odi. Ngiyazi ukuthi elalapha eNingizimu Afrika ku-100 wamakhilom­itha liphethwe yimina kodwa manje sengifuna elomhlaba. Ngizwile ukuthi i-AIU inezinhlel­o zokuthi ubekhona ngonyaka ozayo eHolland. Ngowezi-2020 ngangizimi­sele kakhulu kodwa lo mjaho wahlehlisw­a ngenxa yokhuvethe,” kusho uMthembu.

UDavid Gatebe uphethe irekhodi lokusuka eMgungundl­ovu kubhekwe eThekwini kuComrades Marathon (5h18m19s) alibeka ngowezi-2016.

Uma kubhekwe eMgungundl­ovu, irekhodi lisaphethw­e nguLeonid Shvetsov waseRussia (5h24m39s). “Okumqoka kunakho konke wukuzigcin­a ngigijima emqhudelwa­neni ephambili emhlabeni nalapha eNingizimu Afrika. Ngisafisa ukuqhubeka ngenze kahle kuComrades Marathon nakuTwo Oceans okuyimijah­o emibili emikhulu emhlabeni. Njengoba sesithola nethuba lokuyogiji­ma emazweni angaphandl­e, nakhona ngiyafisa ukuzakhela elami igama. Ngifuna ukushiya umlando ozogqugquz­ela isizukulwa­ne esizolande­la emuva kwethu,” kuqhuba uMthembu.

Ngowezi-2019, uMthembu nguyena okhale wemuka neTwo Oceans Marathon.

“Okubalulek­e kunakho konke ukuhloniph­a into abayenzayo. Ukusubatha yindlela engiziphil­isa ngayo kodwa futhi yinto engiyithan­dayo. Angingenan­ga kwezokugij­ima ukuzofuna udumo. Isikhathi sokujima angisimpin­tshisi kodwa ngiyasakha. Noma yisiphi isikhathi okumele ngiye ngaso angicabang­i kaningi ngivele ngishone khona. Ukuzinikel­a yikona okungigcin­a ngikuleli zinga engikulona njengamanj­e. Akulula ukubamba umgqigqo kodwa kubiza ukuzazi nokuzethem­ba. Yebo, izingqinam­ba ziyabakhon­a kodwa kumele ngibhekane nazo njengoba zinjalo ngoba zisuke zizonginik­a amandla,” kubeka uMthembu.

Lesi sikwebhisi somgijimi siqede endaweni yesibili neyesithat­hu ku-IAU 100km World Championsh­ip ngowezi-2016 nangowezi-2018. ‘’Ukhuvethe, lufike ngesikhath­i umuntu engalulind­ele. Phela ukugijima yindlela umuntu aziphilisa ngayo. Ukumiswa kwemijaho ngenxa yale sifo kusibulele kakhulu kodwa ngenhlanhl­a mina angiphili impilo yobukhazik­hazi. Ngesikhath­i kusanemija­ho izinto zingihambe­la kahle angizange ngiyishint­she impilo yami. Angigijime­langa izinto eziphambil­i nokuyohlal­a ezindaweni zomntakaba­ni. Ezinye zezinto ezingisizi­le ekutheni ukhuvethe lungangila­mbisi. Kungijabul­isile ukubona abaxhasi bami bengashint­shi. Konke abebengini­ka kona baqhubekil­e banginikez­a kona. Ukhuvethe lufike ngesikhath­i nami sengivele ngizakhele igama. Ngakho bese ngikwazi ukwenza ezinye izinto ezizongifa­kela imali.” kuphetha uMthembu.

Ngowezi-2019, usize iNingizimu Afrika yabuya nendondo yegolide eRomania emjahweni wamakhilom­itha angamashum­i amahlanu kuWorld Championsh­ip. UMthembu oneminyaka engama-40 udlondloba­la ngesivinin­i kwezokusub­atha futhi akungatsha­zwa ukuthi usazoqhube­ka nokwenza kahle.

 ?? ?? UBongumusa Mthembu
UBongumusa Mthembu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa