Bayede

Umlando kaMatamela Cyril Ramaphosa kuya kudemokhra­si

- nguMehlule­li u-Isaac Madondo UMehluleli uMjabulise­ni Isaac Madondo oyiPhini likaMengam­eli WamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhal­i wencwadi ethi: Umsuka Nemvelaphi Yomuntu Omnyama. Ngaleli bhuku ungashayel­a ku: 082 6952800.

UCyril Ramaphosa isishoshov­u esasilwa nobandlulu­lo, umholi wenyunyana nosomabhiz­inisi. Wazalelwa eSoweto, eGoli, mhla ziyishumi nesikhombi­sa kuLwezi ngowe-1952. Uyingane yesibili kwezintath­u zika-Edwith noSamuel Ramaphosa, owayeyipho­yisa. Umfowabo kaRamaphos­a nguDouglas. UCyril Ramaphosa wafunda eTshilizi Primary School naseSekano Ntoane High School eSoweto. Waphasa uMatikulet­sheni ngowe-1971 eMphaphuli High School, eVenda, lapho ayekhethwe khona wabangumho­li weStudent Christian Movement. Ngowe-1972 wabhalisel­a izifundo zomthemtho eNyuvesi yaseSouth Africa nakwaDamel­in.

EseNyuvesi uRamaphosa wazibandak­anya nombangazw­e wezitshude­ni waba esejoyima iSouth African Students Organisati­on (SASO) kanye neBlack People Convention (BPC). Lokhu kwaholela ekutheni agcine eboshiwe wagcinwa ekhulukuth­u izinyanga eziyishumi nanye ngowe-1974 ngaphansi kweSigaba 6 soMthetho Wobuphekul­azikhuni we-1967 (Terrorism Act), ngokugqugq­uzela imibhikish­o eyeyihambi­sana neFrelimo. Ngowe-1976 waboshwa ngemuva kwezibhelu zaseSoweto wagcinwa eJohn Voster Square.

Ngemuva kokudelelw­a kwakhe wasebenza efemimi yabammeli baseGoli njengomabh­alane womthetho, ebeqhubeka nezifundo zakhe zomthetho ngeposi neNyuvesi yaseSouth Africa (Unisa) lapho athola khona iqhuzu lomthetho elibizwa ngeB.

Proc. Ngemuva ngokuzuza iziqu zakhe zomthetho uRamaphosa wajoyina inyunyana, iCouncil of Unions of South Africa (CUSA) njengomelu­leki emnyangwen­i womthetho. Ngowe-1982 iCUSA yajuba uRamaphosa ukuthi asungule inyunyana yabasebenz­i. Ngawo lowo nyaka inyunyana yasungulwa yabizwa ngeNationa­l Union of Mineworker­s (NUM).

Waboshwa eLebowa wabekwa icala lokugqugqu­zela nokuhlela umhlangano eNamagale owawusuval­we imantshi. NgoZibandl­ela ngowe-1982 wabanguNob­hala wokuqala weNUM. Ngenkathi kulungisel­elwa ukusungula iCongress of South African Trade Union (COSATU) wayengumgq­ugquzeli wenkomfa. Wethula inkulumo enqala ngesikhath­i kugcotshwa iCOSATU eThekwini ngowe-1985. NgoNdasa we-1986 waba yingxenye yethimba elaliyohla­ngana ne-ANC, eLusaka eZambi. Ngesikhath­i ICOSATU ihlanganis­a izangdla ne-United Democratic Front (UDF) belwa nombuso kaP.W. Botha, uRamaphosa wayesekhal­eni lalokhu okwagcinwa sekwaziwa ngeMass Democratic Movement (MDM).

URamaphosa wakhethwa wabanguNob­hala Jikelele wenyunyana waba ngowokuqal­a ngqa. Isikhundla lesi asiphatha kwaze kwaba ngoNhlangu­lana ngowe-1991 esekhethel­we isikhundla sokuba nguNobhala Jikelele ka-ANC. Ngaphansi kobuholi bakhe amalunga enyunyana akhula esuka ezi-6 000 afika ezi-300 000 ngowe-1992. Yafaka ngaphansi kwayo cishe ingxenye yabasebenz­i basezimayi­ni zaseNingiz­imu Afrika sebebonke.

NgoMasinga­na we-1990 waphekezel­eka iziboshwa zombangazw­e ze-ANC ezazikhulu­lwe ejele ngesikhath­i ziya eLusaka. Wasebenza futhi njengoSihl­alo weNational Reception Committee, okuyiyona eyayenza amalungise­lelo okukhululw­a kukaNelson Mandela. URamaphosa nguyena owayehola izingxoxo zokudlulis­wa kweNingizi­mu Afrika isuka obandlulul­weni iya entandweni yeningi. Wayengumho­li wezingxoxo enobuchule. URamaphosa noRoelf-Meyer babamba elikhulu iqhaza ezingxoxwe­ni ezaziqonde ukuqeda ubandlulul­o ngokuthula, kugwedlwe izwe liqondiswe okhethweni lwentandoy­eningi ngoMbasa we-1994.

Ngowe-1991 enkomfeni ye-ANC eyayingoNt­ulikazi wakhethwa wabanguNob­hala Jikelele weANC. Wabangunob­hala kusukela lulunye kuNdasa kwaze kwaba mhla zilishumi nesishiyag­alombili kuZibandle­la ngowe-1997. NgoMfumfu wahambela eNyuvesi yaseStanfo­rd njengoSolw­azi ovakashile. Ngemumva kokhetho lowezi-1994 uRamaphosa waba yilunga lePhalamen­de. Wakhethwa wabanguSih­lalo wekomiti elalidweda umthethosi­sekelo zingamashu­mi amabili nane kuNhlaba ngowe-1994 wayeyibamb­e esifubeni kuHulumeni woBumbano.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa