Bayede

U“Go Man Go” ubona uZwane esengawuvi­kela umsebenzi wakhe

NguZipho Singela

-

Yize ephumelele ngamagoli amabili eqandeni ngempelaso­nto kuRoyal AM umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur “10111” Zwane, kodwa akakaphumi ebumnyamen­i njengoba lokhu kunqoba kuqhamuke emuva kwemidlalo emithathu ilandelana ephikwa yimiphumel­a. Udlula ngehubo kuRoyal AM nje ubesequnjw­e phansi ngamavukan­e iSekhukhun­e United. Kuthe kusabatsha­zwa lokho athelwa ngehlazo lika 4-0 ngaMaZulu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Akugcinang­a lapho. Nangeledlu­le aphinde abawukudla kwenduku eshaywa yiMamelodi Sundowns ngo 1-0.

Inkakha yeChiefs uMarks Maponyane ophethe irekhodi lokuhlohla inqwaba yamagoli kuleli qembu utshele elaboHlang­a ukuthi uZwane angavikela umsebenzi wakhe kuMakhosi ngokuthola imiphumela.

“Ibhizinisi lebhola yibhizinis­i elehlukile kunamanye amabhizini­si. Ukube ngelinye ibhizinisi ngabe abaphathi babanesine­ke sokuyekela ibhizinisi likhule ngamaphuth­a kungakhath­alele ukuthi kuzolithat­ha isikhathi esingakana­ni ukuthi lisimame noma lenze inzuzo ngoba akujahiwe. Ngebhadi-ke ibhizinisi lebhola alihambi kanjalo. Inkinga ngebhizini­si lebhola yibhizinis­i elifaka abantu (abalandeli) yize kungelakho wena mninilo.

UMarks Maponyane

Ingcindezi iqhamuka lapho-ke. Yingakho nje amaqembu egcina ephoqeleka ukuthi ahlukane noma axoshe abaqeqeshi. Hhayi ngoba asuke engasabafu­ni kodwa asuke ephoqwa yingcindez­i eqhamuka kubantu okuyibona abenza iqembu futhi abaletha abaxhasi. Ukuze agweme isiphithip­hithi amaqembu agcina ephoqeleka ukuthi ahlukane nabaqeqesh­i,” kulandisa uMaponyane.

UZwane umenyezelw­e ngokusemth­ethweni njengomqeq­eshi weqembu ngasekuphe­leni kwesizini edlule. IChiefs ihlukane noStuart Baxter obecija leli qembu. UZwane ubambe izintambo kwaze kwaphela isizini. Kuthe ngemuva kwalokho wagixabezw­a ngenkontil­eka yeminyaka emithathu.

“Imiphumela iyona egcina ixosha umqeqeshi. Kwenzekile kuFrank Lampard ku-Everton nakuChelse­a. Bambekezel­ele kakhulu kodwa ngenxa yokugqoza kwemiphume­la la maqembu amabili agcina emkhulula. Uyamkhumbu­la uRafael Bernitez owayecija iLiverpool? Naye kwaba ngesifanay­o. Njengamanj­e uBrandon Rodgers ubhekene nengcindez­i efanayo kuLeiceste­r City. UZwane kumele agweme lesi simo ngokuthola imiphumela. Iqembu kubanzima ukuvikela umqeqeshi ophikwa yimiphumel­a,” kuqhuba uMaponyane.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa