Bayede

IMeya yehlise amaphaphu izakhamizi ngenkundla elungisway­o

- nguSabelo Maphumulo

Umoya phansi kubantu baseRichar­ds Bay namaphethe­lo ngenkundla uMhlathuze Sport Complex, okuvela ukuthi sekusele isikhathi esincane ngaphambi kokuthi iphothulwe.

IMeya kaMasipala uMhlathuze uMnu uXolani Ngwezi (osesithomb­eni) utshele abezindaba ukuthi akusasele isikhathi esingakana­ni ngaphambi kokuthi iphothulwe inkundla okunesikha­thi ilungiswa.

LoMasipala ubunohlelo lwezinsuku ezintathu ukuhambela izindawo ezahlukene zokungcebe­leka, njengoba kuyinyanga yokubungaz­a nokuqhakam­bisa ezokuvakas­ha eNingizimu Africa.

“Inkulu kakhulu inkece esetshenzi­siwe ukulungisw­a le nkundla, ngalokho akumele kutatazelw­e ngenxa yokuthi abantu sebefuna iphelile. Esontweni lokuqala kuZibandle­la nonyaka izobe isikulunge­le ukuthi ingasebenz­a. Ingxenye elinganise­lwa kumaphesen­ti angama-80 isiphelile kuningi osekwenziw­e” kusho uNgwezi.

Ukulungisw­a kwalenkund­la kuzodla imali elinganise­lwa kwizinkulu­ngwane ezingama-R200.

Kuzokhumbu­leka ukuthi iRichards Bay FC inqoba iligi yeMotsepe Foundation Championsh­ip, idlale kanye eMhlathuze Sport Complex kwase kwaba ukuthi ikomiti lePremier Soccer League (PSL) liyayimisa le nkundla ukuthi isingathe imidlalo ngoba ingekho sesimeni.

Okwabalwa iPSL njengeziny­e zezizathu ezenza kumiswe imidlalo kule nkundla kwaba ukugxagxaz­a kwamanzi emagunjini okushintsh­ela abadlali nezintambo zikagesi ezabe zintanta emanzini.

“Kuningi okulungisi­we kule nkundla, yonke into efakiwe yintsha konke okudala kukhishiwe. Ushintsho oluzothoko­zelwa abantu abaningi ukwandiswa komthamo wabantu kulenkundl­a usuka enanini labantu abayizinku­lungwa ezine, kuya kwizinkulu­ngwane eziyisishi­yagalombil­i nangaphezu­lu. Kuzophinde kube nendawo yezicukuth­wane esezingeni bese kwakhiwa nompheme” kubeka uCllr Ngwezi.

Le nkundla izosetshen­ziswa amaqembu angaphansi kwaMasipal­a uMhlathuze agijima kumaligi aphezulu, okukhona iRichards Bay FC ekuDStv Premiershi­p neMilford FC ekuMotsepe Foundation Championsh­ip.

Okuyimanje la maqembu asebenzisa izinkundla eziseThekw­ini, iKing Zwelithini Stadium nePrincess Magogo Stadium.

“Ukusebenza kwale nkundla kuzowufuku­la kakhulu umnotho wendawo, ngoba abalandeli bamaqembu bazogcwala lapha besebenzis­e izindawo zethu. Le nkundla izoba nezindawo ezingama-20 zokudayisa ngaphakath­i, lokho okuchaza ukuthi iningi imali ezoshiwa izivakashi uma kukhona umdlalo okhona” kubeka uCllr Ngwezi.

UNgwezi uphinde wabalula ukuthi ezokuvakas­ha zibamba iqhaza elikhulu ekukhulise­ni umnotho wendawo. Uphinde wabalula ukuthi loMasipala kungekudal­a uzobe usufana neTheku ngokusinga­tha izinto zeqophelo nokwenza kahle kwezokuvak­asha.

“Kuzokwakhi­wa inxanxathe­la yezitolo, izikole ezine nezinto eziningi ezizothoko­zelwa abantu abaningi abazovakas­hela indawo yethu. Ngalokho sifuna ukuvula amathuba omsebenzi, kubantu bakithi” kusonga uCllr Ngwezi.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa