Bayede

Kungenzeka yini ukuthi isibukelwa phansi i-United Nations General Assembly?

- NguSenzo Ngubane UMnu Senzo Ngubane, uNgoti kwezocwani­ngo lokudala ukubuyisan­a nokuthula ezwenikazi i-Afrika

Kulenyanga, iGeneral Assembly okungenye yezinhlaka ezibalulek­ile ze United Nations (UN) ivule umhlangano wayo wonyaka nokuvame ukuthi uhanjelwe oMengameli noNdunanku­lu bamazwe omhlaba behola amathimba abo ukuze kudingidwe izingqinam­ba ezahlukene okubhekenw­e nazo emhlabeni jikelele. Umhlangano walonyaka we General Assembly, ubanjwe ngaphansi kwengqikit­hi ethi: “ukwakha kabusha nokuvusele­la ubumbano emhlabeni wonke: ukuphakami­sa izinyawo nge 2030 Agenda kanye Nezinjongo zayo Zokuthuthu­kiswa Okusimeme ezibhekise ekwakheni ukuthula, ukuchuma, inqubekela phambili, nokusimama kwawo wonke umuntu”. Lena yingqikith­i ebalulekil­i kakhulu ngoba i2030 Agenda iqukethe uhla lwezinhlel­o amazwe omhlaba ayevumelen­e phambilini ukuthi yizo okumele zifezwe ukuze kwakheke futhi kuqiniswe ukuthula nentuthuko emhlabeni.

Lomhlangan­o kulindelek­e ube yinkundla lapho amalungu eUN ezenezipha­kamiso futhi avuselele izibopheze­lo zawo ekufezeni i2030 Agenda. Kepha awamaningi amathemba okuthi lomhlangan­o uzoqhamuka neziphakam­iso ezizoba nohlonze ngenxa yezizathu ezahlukene. Okokuqala okumele sikusho, lomhlangan­o ubanjwa ngesikhath­i lapho kucace kamhlophe ukuthi uNobhala Jikelele we UN uMnu Guterres uzalelwe yinja endlini.

Mhlazane ethatha lesikhundl­a ngowe-2017 amazwe omhlaba ayengabhek­ene nezingqina­mba ezibeka engcupheni indima iUN eyayisungu­lelwe ukuthi iyihlakule. Kukhulunyw­a nje amazwe amane kwayisihla­nu okubalwa iUnited Kingdom, iPeople’s Republic of China, iFrance kanye ne Russia, okuyiwo anezwi kwizinqumo zeUN - ngoba enezihlalo ezingunaph­akade kwi United Nations Security Council (UNSC) – aqome ukungathum­eli amathimba aholwa oMengameli noma oNdunankul­u bawo kulomhlang­ano. Lokhu kudale ukuthi uMnu Biden onguMengam­eli wase United States of America kube nguye kuphela ilungu le UNSC ohambele lomhlangan­o. Noma zehlukene izizathu zalamazwe amane okuthi angawuhamb­eli lomhlangan­o ukungabi khona kwabaholi bawo kukhombisa ukudlondlo­bala kokungabon­i ngaso linye kumalungu aphezulu eUN.

Umholi wase Russia uMnu Putin singamxole­la ngoba ubevele engeke akwazi ukuwuhambe­la lomhlangan­o ngenxa yesinqumo seInternat­ional Criminal Court (ICC) sokuthi kumele afakwe ozankonsi ngezenzo asolwa ngazo kwimpi neUkraine. Njengoba kwenzeka kwiNgqungq­uthela ye BRICS eNingizimu Afrika, bekungeke kubelula ukuthi okaPutin abe seUnited States of America engaphansi kwalengcin­dezi. UMengameli uMacron wase France udalule ukuthi loMhlangan­o we UNGA uqondane nokuthi elase France lizobe lihanjelwe iNkosi yase Great Britain uCharles III. Okumangaze kakhulu yisinqumo sika Ndunankulu we United Kingdom - uMnu Sunak - nobekuzoba okokuqala emveni kokwenyulw­a kwakhe ukuba ahambele iUNGA. Okuxakayo ke wukuthi womabili lamazwe abamba iqhaza elikhulu elusungule­ni iUN ngowe-1945 ngaleyo ndlela kuhlale kulindelek­e ukuba akhombise ngakho konke ukuthi asayihloni­pha.

Izenzo zabaholi balamazwe - ikakhuluka­zi abase UK ne France - yizo ezijivaza ukuvelela kwe UN ziphinde ziqinise imibono ethi sekufike isikhathi lapho amanye amazwe omhlaba akhe ubudlelwan­e obehlukile ngokuseben­zisa ezinye izinhlaka ezikhona emhlabeni ukuze kuqhutshek­we nemizamo yokudala ukuthula, ukudlondlo­bala, nobudlelwa­ne obunobulun­giswa. Akusafani neminyaka yaphambili­ni lapho kwakungama­zwe ayidlanzan­a - ikakhuluka­zi awaseNyaka­tho ayenesiqin­iseko sokuthi kukhala esawo isicathulo kwizindaba zamazwe omhlaba. Namuhla amazwe amaningi angakwazi ukuzithath­ela izinqumo, angakhetha ukuqinisa Umbutho Ongachemil­e (Non-Aligned

Movement), angakhetha ukusebenzi­sana ne iBRICS+, angakhetha ukuvuselel­a iG77+China neqeda ukuhlangan­a ngesonto eledlule; angakhetha ukusimamis­a lezinhlang­ano ukuze angenelele ngazo kwimizamo yokwahla ubulungisw­a emhlabeni.

Asiqondile ukusikaza iUN ngejozi ngalokhu esikushoyo kodwa siphawula ngemibono ekhona nedalwa ukufiphala kwesineke samazwe amaningi ngokwehlul­eka kwaleNhlan­gano ukumelena ngqo nezintshis­ekelo eyasungule­lwa ukuthi izifeze. Lokwehlule­ka kwayo, umakucujun­gulwa kahle, kudalwa kakhulukaz­i yilamazwe ambalwa asazithath­a njengezikh­ondlakhond­la emhlabeni jikelele.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa