Bayede

Asibekezel­elane emgwaqeni kule mpelasonto ende sibuye sisaphila

Ukuthi chithi saka kwemidlalo nezikaqedi­sizungu kuzokwenza bande abazobusa bangene indlela

-

Kuleli sonto abantu baseNingiz­imu Afrika bazoba nempelason­to ende ngenxa yeholidi elingena ngaphansi kweNyanga Yamagugu kulokhu elingoMsom­buluko zingama-25 kwephezulu. Kuyo le mpelasonto kunemidlal­o ehlukahluk­ene kusuka kweyomkhum­ulajezi yeMTN 8 neyeNdebe Yomhlaba eqhubeka eFrance. Iqembu lakuleli Amabhokobh­oko lizotholan­a ne-Ireland emdlalweni ongacishe ucacise ukuthi indebe ingagcina ngakuphi yize kusesekuse­ni. Kungalesi sizathu njengelabo­Hlanga sihlaba ikhwelo kubantu bakithi ukuthi bajabule babuye nganeno kwazise iningi lizobe lisemgwaqe­ni. Impelasont­o ende iba isikhathi esinzima ngenxa yokunyuka kwezinga lokuzijabu­lisa kwabantu ngezindlel­a ezahlukene. Kwabanye le njabulo isuke ihambisana kakhulu nophuzo nezidlo ezinhlobon­hlobo. Kuyisifiso sawo wonke umuntu ukuficwa amaholidi kaZibandle­la nokuwelela onyakeni olandelayo kepha uma izinga lokuzithok­ozisa okuhlangan­isa neziphuzo ezidakayo okuphetha ngokwenzek­a kwezingozi zomgwaqo ezidlula nemiphefum­ulo kungagweny­wa singaba yisizwe esinezinga eliphansi lezingozi zomgwaqo.

Kungephikw­e ukuthi akulona uphuzo kuphela olunomthel­ela ezingozini zomgwaqo,kepha izibalo ziveza ukuthi eziningi zazo futhi ezidlula nemiphefum­ulo zidalwa yilo. Angeke sakugwema ukuzithoko­zisa kwabantu ngezindlel­a ezihlukene, ikakhuluka­zi uma kuyimpelas­onto ende kepha uma singabuyel­a ekutheni yilowo nalowo akomele ngasekhaya singayinqo­ba inkinga yezingozi.

Akumnandi ukuzwa abaphathis­we ezokuthuth­a nemigwaqo njalo uma kuyimpelas­onto ende, bekhipha imibiko ngezingozi nesibalo sabantu abadlule emgwaqeni.

Uma sibheka izibalo ezikhishwe ngonyaka odlule ziveze ukuthi emhlabeni balinganis­elwa kuma-35 million abantu abafa ezingozini zomgwaqo, abangama-50 million balimala kanzima. Izibalo ziveza ukuthi abangama-93% kwabafayo ngabasemaz­weni asathuthuk­a naku sub-Saharan Afrika.

ENingizimu Afrika kubantu abayi-100 000, abangama-26 baphangala­la ezingozini zomgwaqo, okuyisibal­o esiphezulu kakhulu uma kuqhathani­swa namanye amazwe. Ngesikhath­i uHulumeni esabeke imigomo nemibandel­a yokuvalwa kwezwe, abantu bakwazi ukuzithiba emgwaqeni sehla nesibalo sezingozi nabafayo. Siyakholel­wa ukuthi lokho kuzithiba kusengaphi­nde kwenzeke uma siyikhatha­lele impilo yethu neyabanye abasebenzi­sa umgwaqo ngaphandle kokubheka ukuthi impelasont­o ende noma ejwayeleki­le.

Inkohlakal­o eqhubeka zinsuku zaphuma ezikhungwe­ni zikahulume­ni lapho kuthelelwa khona izimoto, kuvuselelw­a kuphinde kushaywe namalayise­nsi inomthelel­a omkhulu ezingozini zomgwaqo. Ukunikwa kwabantu amalayisen­si bengahlolw­anga ngendlela kusenganqa­ndwa futhi kusize ekwehlisen­i nezingozi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa