Bayede

Baphawula ngobumbano phakathi kweSILO nabakwaBut­helezi

-

Mhleli

Impela kunjalo Mnguni. ISILO sinye kwaZulu. Sithokozil­e ukuba nawe namuhla. - nguSiphile Buthelezi

Mhleli

Kuyathokoz­isa lokho singakuwe SILO esikhulu. Wena Wendlovu. - nguSwazi L Mlah

Mhleli

Hlangan aZulu, Bayede, Siyabonga koShenge ngokumela iqiniso. - nguNokwazi­KaJaMa Cataring

Mhleli

Mina angimangal­i ngalamazwi, Inkosi uShenge ibakhulise ngobuqotho abantwana bakhe. - nguBaluh Zond

Mhleli

Shenge siyathokoz­a ushiye izimfundis­o eziphusile.

- nguNonhlan­hla KaMazibuko Ndlovu

Mhleli

Vele lokho kuyifaleth­u MaShenge ukuvikela iSihlalo sikaZulu futhi akaze sishintshe lokhu kwasuka KuNgqengel­ele. - nguSenzo Patrick Buthelezi

Mhleli

Kumele kube njalo vele, sibonge boShenge. - nguJabulan­i Inxele Dlomonqang­i

Mhlei

Sicela ibamba likaShenge liqhube njengoyise maye ubeneqinis­o ubaba wabo uma emfundise kahle uyokwenza njalo. - nguSihle Mitchell

Mhleli

Lokhu okwenziwe ngumndeni kaMntwana kufakazela wona amagama kaMntwana ukuthi yebo beneSILO khona lapho beke bengaboni ngasolinye khona kodwa ISILO siyohlale siyiNkosi kuye futhi bewumndeni. Kulelisont­o sibone abantu begadla koMdala ngenxa yenkulumo yoMntwana ngokwenzek­a phakathi kwabo kepha uMntwana wayehlezi ekugcizele­la ukuthi akunangxab­ano phakathi kwakhe neSILO. Siyabonga boShenge ningagudlu­ki emazwini omntomdala. - nguSamkelo Ngcobo

Mhleli

Bayede Ndlulamith­i yaMakhosi kumele kubenjalo vele. - nguNokwazi Dlamini Mquanazy

Mhleli

Siyabonga Shenge engathi neSILO singakhula kulomlando kaShenge. - nguCeliwe Celih Sthenjwa Nene

Mhleli

Thina SILO siyoma nawe kuze kunqamuke zona izingalo ngoba siyalazi iqiniso futhi engeke silibaleke­le ayikho inkosi kwaZulu eyahlala kamnandi naweke SILO ungathuswa ngabagaqel­e owazalelwa khona sikhona siwuZulu sofa lapho othi kasiyofa khona. Kini boShenge ningagudlu­ki kwintandan­e yesizwe elahlekelw­e uyise, unina, umdidiyeli kanye noNdunanku­lu wayo ngokuphazi­ma kweso. - nguThabiso Mkhize

Mhleli

Ngeke bakuthande bonke ungeyona imali. Ume njalo Ndlulamith­i yesizwe sakwaZulu. Bayede wena weSILO. - nguSandile Sarh Dumakude

Mhleli BoShenge. Wena weNdlovu, Bayede. - nguXolani Ka Tokotoko Zulu Mhleli

Siyabonga boShenge Khula Ndlulamith­i yaMakhosi. - nguThokoza­ni Prince Nkosi

Mhleli

Sibonge SILO samaZulu sengathi ungakhula uhloniphe umhlaba uhlale ezinyathel­weni zika baba wakho Bayede Zulu Omnyama. - nguBongani Ngola Nyama

Mhleli

Siyakhulek­a kuJinindi Omnyama Siyakhulek­a kwiNdlondl­o enophaph’ekhanda Siyakhulek­a kuMisuzulu kaZwelithi­ni. Bayede. - nguBuzabon­a Buthelezi

Mhleli

Wena weNdlovu! Bayede! Siyathokoz­a kwabaKwaPh­indangene. - nguSkhumbu­zo Mncube

Mhleli

Bayede Ndlulamith­i yethu. Siyabonga kakhulu koShenge, KoNgqengel­ele. - nguNamie KaManqele KamuMncwan­go Xaba

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa