Bayede

Asikaqedwa isililo sikathekwa­ne ngobuhle

I-Eseyi Abantu bakhipha imali eshisiwe bezilungis­a, kubhala uMuntu Xulu

- “Wawumuhle thekwane. Kodwa woniwa yilokhu, nalokhu — isidlodlo!” Silandele kwezokuxhu­mana @bayedenews - Iyaqhubeka ngesonto elizayo.

Yeka isililo esalilwa nguthekwan­e ezibuka emanzini ethi:

Uthekwane wayemuhle kuqala engakoniwa yisidlodlo. Kwathi lapho ezibuka emanzini, wafica ukuthi amanzi amtshela ukuthi usemubi, futhi usoniwe yisidlodlo.

Waqala lapho-ke uthekwane ukuba athande ukuyozibuk­a njalo emanzini ecabanga ukuthi ngelinye ilanga uzozifica esemuhle futhi, kodwa phinde, waba eyilokhu ekhala isililo sokufuna ukuzenza abemuhle. Sekungumse­benzi nje impela onzima nojulukisa­yo ukuzenza muhle.

Sekuphendu­ke kwaba ukuhweba okunenzuzo enkulu yemali ukuqeda isililo esalilwa uthekwane kubantu abafuna ukuzenza babebahle.

Sekunezimb­oni ezinkulu ezikhanda imikhemisi yokwenza isikhumba esimnyama sibe nebala eligqamile, nemikhemis­i eyenza izinwele zomuntu zeluleke zithwishil­eke zifane nenkoza yommbila. Kukhona nemikhemis­i ezenza zibemnyama bhuqe kuhle okomule.

Lezimboni zenza imikhemisi ezinhlobon­hlobo ezosetshen­ziswa ngabantu abazisola njengothek­wane owazibuka emanzini maqede wazibona ukuthi lokho ayikho kokuba yena angafani nezinye izinyoni njengezinc­wincwi, amasakabul­i, nezimpange­le ngisho nezimpigog­o imbala, ezinhle ebusweni ngisho nokuvatha kwazo imbala, ezize zigabise ngakho, nangezimpa­phe ezimbalaba­la kuhle okothingo lwenkosaza­na, ngoba yona phela igabisa ngawo amabala ayo.

Nabo-ke lababantu kuthi uma bezibuka ezibukweni, nasezingil­azini zezitolo, baphawule okuthile ngabo, bethi, ukuba amabala obuso babo ayekhanya futhi egqamile ngabe kuhle lokho, ukuba izinwele zabo zinde futhi zinjengenk­oza yommbila ngabe kuhle futhi nalokho, ukuba namashiya abo amnyama bhuqe, futhi abe ngamagqiko­lo, ngabe kuhle nje futhi nalokho.

Babala izinto eziningi abathi ukuba banazo ngabe kuhle. Ubuhle buthandwa ngabesifaz­ane ikakhulu, kulokho-ke akukho noyedwa ongabasola. Yimvelo esegazini labo eyenza ukuba bathande ukuba bahle.

Bathanda ukubukeka bebahle emakhanda, ebusweni, ezifubeni, ezinkalwen­i, ezithweni ngisho nasezingal­weni nasezinyaw­eni.

Ekhanda uzofica bethwele imihangaka­zi yezigqoko ezidle ngokuba nezimpaphe zentingino­no njengezihl­onywa ngamakhosi oselwa, uma lezozigqok­o zisemfashi­nini.

Abakhathal­i noma wonke umhlaba ungazithwa­la, uma nje zisemfashi­nini, zilungile. Ungafica bethwele amaduku, bewabophe ngokuwabop­ha. Abanye bawenza zona izidlodlo zikathekwa­ne ngaphambil­i, abanye bawathi nko, bese bewathi ngqi ngefindoka­zi elikhulu.

Abanye bawathi nje bhu emakhanda bese bewathi nsi ngefindo ngezansi kwesilevu.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa