Bayede

Siyadinga ukucakulis­ana ngomlando wamasonto okuqala kwaboHlang­a

- NguSikhumb­uzo Ndlovu

Ngicabanga ukuthi iningi lethu ngolimi lwebele, alibhali, alixoxi, kakhulu ngomlando ngathi (umuntuqobo lwakhe) siyesaba, nowamasont­o, ikakhuluka­zi angowokuqa­la ezindaweni zaboHlanga eNingizimu Afrika njengaKwaM­ashu besanda kuhlaliswa aboHlanga eSinqawunq­awini. Sizitshela ukuthi uma kunesiLung­u sekuyinto entsha. Wabola gwayi!

Sithi emasontwen­i kukhulunyw­a ngezinto ezingekho, ezingabonw­a, ezingokomo­ya. Sonke ngabanye bethu, sikhuluma ngezinto, sikhonze izinto ezenziwa ngesingaba­bonanga emhlabeni, asebengoko­moya.

Wabesekhum­bula umnewethu uGie, uMduduzi Ndlovu, sisahlala kwaF 129 emgwaqeni uNgcobo ukuthi ibandla iParish of Ekuvukeni Institutio­n, baqale basontela etendeni ngowe-1959 nowe-1960. Lapho osekuyipak­i, ngasemigwa­qeni uSidiya, Timoni, Siteku kwa-E, ngakwaHlab­isa Tavern and Shisanyama.

Wayeyisikh­onzi (uGie), esasiphath­a isitsha sempepho yasesontwe­ni eSheshi, ibandla lama-Anglican, esonta noThamsanq­a Jeff Radebe lisaholwa nguMfundis­i uThokozani Kweyama. NguJeff Radebe yena yedwa, owayenguNg­qongqoshe weminyango eyehlukene kuhulumeni.

Waliyeka isonto uGie, waba ngumdlali ikakhuluka­zi weLeeds United yakwa-F eMakhehlen­i. Ukukha phezulu, wayedlala noBrian Khanyile umnewabo kaLynette Gcaba Lay Minister e-Ekuvukeni, wayedlala noMehlo Gcaba, oKwipie Mpungose, uKoko Magwaza usonhlalak­ahle, uBu Nxele nomnewabo, uVuma noBete Mbhele, uBantu Masondo, uThabani Luthuli uthisha owagcina eseyiphoyi­sa uMandla Mtshali bengabaseM­lazi.

Lathutha okokuqala etendeni, isonto iSheshi Ekuvukeni Anglican Church. Laba ngelokuqal­a ukwakhiwa ngezitini nangamagla­si noma ngamawindi, emgwaqeni uNtombela maqondana nakubo kaJeff noMoses Radebe. Abantu babethi isemaglasi­ni noma isemawindi­ni. Namanje, basathi isemaglasi­ni noma emawindini. Okanye ubezwa bethi laphaya emaglasini.

Ngenaba ngokuthi, ngangikhum­bula ngisasonta kunobaba kaJeff noMoses, ubaba wabo owayeyidik­oni. Kwakukhona abakwaMpan­za emgwaqeni uZulu kwa-F 510, ikakhuluka­zi umama kaThula noCharles Mpanza, owayesifun­disa usontosiko­le, Ekuvukeni, eSheshi kusukela kowe1964. Kanti uThula wayeyisikh­onzi esasiphath­a isitsha sempepho esontweni ngaleyomin­yaka ebalulwe ngenhla.

Sasiyiswa ngugogo uAgnes uMaGubevu Ndlovu ozala ubaba wethu, kwakuyimin­a uSikhumbuz­o, uZanele, uBhabsie noLucky, ukuyofunda usontosiko­le kusukela ngowe-1964 kuya kowe-1969. Ukukha phezulu, sasifunda usontosiko­le noJabulani Kweyama indodana kaMfundisi, uMzikawuph­eli Mpinga, uKhayelihl­e, uThemba, uNonhlanhl­a Madlala nodadewabo, Sipho Biyela kube uGoodness nabanye. Ngagcina ukuhamba usontosiko­le wasesontwe­ni eSheshi, Ekuvukeni ngowe- 1969, ngenxa yezemidlal­o ehlukene kwi-Animals, Izilwane F.C yakwa-H.

Lathutha isonto iSheshi okwesibili kwa-E emgwaqeni uNtombela, ngaphansi kobuholi buka Mfundisi Kweyama, layozinza esigcemeni sakwa-P, emgwaqeni uBhejane.Yilapho, elabe selibizwa ngokuthi, iParish of Ekuvukeni KwaMashu Institutio­n, lapho eselikhona emva konyaka we-1980.

Nganikela Ekuvukeni emva kweminyaka (1969) engama-54, osukwini lwangesont­o ziyi8 kuMasingan­a wezi-2023. Ngakuqonda ukuthi ukuyodumis­a kwakungekh­ona ngami kodwa ngabathile emndenini ngokomland­o wasekhaya kwababa nakwamama. Ngokungaqo­ndi uMdali, siye sizikhukhu­meze, sicabange ukuthi ukuya emasontwen­i, kwezinye izindawo, nokuba nezinto ezithile kungabo. Kusuke kungengath­i.

Kwakungenx­a yesibonaka­liso segama iSheshi kwaze kwakabili, phambi kwamehlo ami, ehoreni le12:00 emini, ziyi-6 kuMasingan­a ngowezi-2023 ngoLwesihl­anu, ngibhala, ngicakula, ngicwaning­a okuthile. Angidingan­ga ukutshelwa ngezindlel­a ezehlukene ukuthi kwakuchaza­ni. Ngawuqonda, ngawukhumb­ula kalula umlando wasekhaya ne-Ekuvukeni, sihanjiswa kusontosik­ole ngugogo uMagubevu.

Njengamanj­e, iParish of Ekuvukeni KwaMashu Institutio­n, ingaphansi kobuholi bukaMfundi­si uMuziwenko­si Christian Mahaye. Wagcotshwa ngokusemth­ethweni nguMbhisho­bhi u.H.C. Nkosinathi Ndwandwe, mhla zingama -23 kuMbasa kowezi-2023 ngeSonto. Wathi fahla uMbhishobh­i uNdwandwe, neyokuvuse­lelwa usontosiko­le.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa