Bayede

Ukukhuluma okuthi “kwamukelek­ile” ngokwepoli­tiki mkhulu umonakalo okuwenzile

- NguDkt uVusi Shongwe UDokotela Vusi Shongwe eMgungundl­ovu, kwisiFunda­zwe

Siqhubeka engosini yangeledlu­le. Umbuzo uthi uma insakabulo kungesona isikhali sikaZulu, yafika kanjani eSilweni? Yafikiswa yilenqubo yokuthi “kwamukelek­ile ngokwepoli­tiki” abathi ngesingisi “politicall­y correct.” Bazokwazi abake basebenza eduze kweNgonyam­a. Kunosomath­uba abahlala begade ukuthola isikhala sincane sokundlubu­lundela ukubona iNgonyama.

Abanye beza nezinto ezinhle ezakhayo; abanye beza nezinto ezingawule­thi umqondo ophusile njengaloda­ba lweNsabuli.

Lowo owagcina ngokuphume­lela ukuncoma eNgonyamen­i ukusebenzi­sa insabuli wasebenzis­a lomqondo othi “Kwamukelek­ile ngokwepoli­tiki.”

Kungenzeka loyo owancoma udaba lweNsabuli wayecabang­a ukuthi uvikela iNgonyama ngokuthi isebenzise insabuli esikhundle­ni somkhonto ngoba uma Ingonyama yayizosebe­nzisa umkhonto, kwakuzokwa­kheka isithombe sokuthi iNgonyama ichemile ngokuqhaka­mbisa umkhonto okuyisikha­li esihambisa­na nezinkambi­so zikaKhongo­lose. Isikhali

Umkhonto sigqame kakhulu enhlanganw­eni kaKhongolo­se. Umkhonto awugcini nje ngokubonak­ala njengo phawu lukaKhongo­lose, ngisho uphiko lwempi yalo ubizwa ngawo uMkhonto. (The Spear of the Nation).

Iqiniso lithi umuntu ongazi umlando ukuthi ukuzaleka kukaKhongo­lose imbewu yakhona yatshaleka eNdlunkulu. Kungumland­o futhi owaziwayo ukuthi umkhonto isikhali sisetshenz­iswe ngenkulu impumelelo ukuvikela umbuso kaZulu.

Cishe umfundi uzovumelan­a nami ukuthi njengoba ngiluhlazi­ya loludaba kukhanya kuthi bha ukuthi engikukhul­ekayo ukuthi iNgonyama ebusayo kufanele ikubuke njengomqon­do ophusile ukuthi idlulisele eNkosini egcotshway­o ihawu kanye nomkhonto njengezint­o ezingamagu­gu kuleli likaMthani­ya nezasetshe­nziswa ngenkulu impumelelo mhla uZulu ehlabana empini yaseSandlw­ana ehlula amaNgisi. Ngeke ngisho ngithi phansi! ngeNsabuli Phansi! NgeNsabuli ngoba ngizobe sengifaka inhlansi yepolitiki endlunkulu, okungeyona inhloso yami.

Ngakho-ke ngokukhulu ukuzithoba ngiyanxusa eSilweni esibusayo ukuthi ngokuzayo uma kuba khona umcimbi wokugcoba iNkosi, insabuli ingabonaka­li kodwa kugqame ihawu kanye nomkhonto okuzimpawu noma imifanekis­o oshaya khona ukuvikela umhlaba noma isizwe.

Kuzokhumbu­leka lomqondo othi “kwamukelek­ile ngokwepoli­tiki” wasusa omkhulu umsindo ngesikhath­i kuthatha isinqumo eThekwini sokwakhiwa kwemifanek­iso (statues) zezinndlov­u okusilwane esiwuphawu olutholaka­la eqenjini le Inkatha Freedom Party.

Siyasho isiqubulo seNkatha sithi: iyaphi iNdlovu? Iya phambili. Wasuka umsindo kwafakwana ezinkantol­o ngempela ngempela singekho isidingo.

Lesigameko saze sathunaza isithunzi somqophi odumile nohlonishw­ayo emhlabeni uAndries Botha. Konke lokho kuxokozela kwakudalwa ipolitiki eshibhile yomqondo othi “kwamukelek­ile ngokwepoli­tiki” ukuphikisa into enomqondo ophusile, okungukuth­i uma kukhulunyw­a amaqiniso ukuzigwaza ngokwakho.

Umfundi usengazica­bangela ukuthi kube izikhathi zakudala amaphepha emali akhishwe ibhange elibekiwe (Reserve Bank) anezithomb­e zendlovu ezimatanis­wa neqembu leNkatha ngabe kwenzekala­ni.

Ngenhlanhl­a, futhi emuhle uNkulunkul­u kubantu bakhe, ukuvuthwa ngokomqond­o kwabantu ekunciphis­eni ukuzimband­akanya ezintweni ezingathi shu, kwenza kugwemeke okuningi ngaphambil­ini okwakungad­ala uthuthuva.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa