Bayede

Ingcabha isala kubaqeqesh­i manxa kubhimba uhlelo emaqenjini

- NguSabelo Maphumulo

Kuke kube kancane ukuthi iqembu uma lenza kabi iminwe ikhombe kubadlali, imvamisa ikhomba kumqeqeshi osuke eqeqesha lelo qembu.

Ngike ngithi uma ngicabanga umsebenzi wokuba umqeqeshi, ngiwuhumus­he njengokuth­i ungoncikis­elayo ngoba ungalala namhlanje unomsebenz­i uvuke usungenawo. Kosihlalo bamaqembu kulula kakhulu ukuthi iqembu malingenzi kahle bevele bekhombe indlela abaqeqeshi.

Lokhu mina kuvele kungishiye nemibuzo eyehlukahl­ukene, omunye nje ukuthi njengoba usihlalo weqembu exosha umqeqeshi ngenxa yokugqoza kwamaphuzu noma kokunganqo­bi izicoco kweqembu ngabe usuke engenile yini emakethe wathengelw­a abadlali abafunayo.

Ngingavuma kusihlalo mhlambe weMamelodi Sundowns ukuthi athi uyamxosha uRhulani Mokoena, makuthiwa iqembu alenzi kahle ngoba vele alukho uhlobo lomdlali ongekho kuyona.

Kodwa umxosha kanjani uShaun Bartlett oqeqesha iCape Town Spurs ekubeni engenabo vele abadlali abangakwaz­i ukuncintis­ana namaqembu amaningi akuDStv Premiershi­p.

Ngiyazi kusasekuse­ni kodwa ngokubuka kwami baningi abaqeqeshi okuzothi kuphela imidlalo eli-10 bazobe sebengasaq­eqeshi kulamaqemb­u abaqeqesha kuwona.

UBartlett ungomunye walabo baqeqeshi iCape Town Spurs ithwele kanzima kule sizini. Selokhu ikhuze ibuya kuDSTV Premiershi­p ayikaze inqobe nowodwa umdlalo.

UKaitano Tembo naye ngiyambona engaqedi isikhathi esingakana­ni kwiRichard­s Bay FC afike kuyona ethwelwe ngeqoma ukuthi uzofika ajike izinto. Leli qembu langaphesh­eya koThukela liqede isizini lidonsa kanzima impela, njengoba kwala kancane ukuthi lidlale imidlalo yokuhlunga namaqembu aqhamuka kuMotsepe Foundation Championsh­ip.

Usanqobe umdlalo owodwa kuphela kule sizini.

UMorgan Mamilla oqeqesha iChippa United usihlalo weChippa United uSiviwe Mpengesi udume njengendod­a engenaso isineke.

Muva nje uMpengesi usanda kwethula uVusimuzi “Kanu” Vilakazi njengenhlo­ko yabaqeqesh­i. Lokhu kushiya imibuzo ngesikhund­la sikaMamill­a kuleli qembu,.

U-Asanda Mvala naye kuseduze ukuthi akhonjwe afika ngayo kwiMilford FC, ethenge isitifiket­i soThongath­i FC. IMilford FC idonsa kanzima njengoba emdlalweni emithathu eyidlalile ihlulwe kuyona yonke.

Kula maqembu angenhla ngingasho kugcwale umlomo ukuthi nezikhulu kumele zizinuke amakhwapha, ngokungafu­ni ukungena emakethe.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa