Bayede

Uhlelo lokusiza abalimi abahlukuny­ezwa inkinga kagesi

- nguZakhele Nyuswa

Ukwethulwa kwesikhwam­a sokulekela abalimi njengoba bekhahlame­zwe ngucimicim­i kwemukelwe ngehlombe elikhulu. UMnyango Wezolimo, Ezomhlaba Nokuthuthu­kiswa kwezindawo Zasemakhay­a uhlanganye­le neLand Bank ukugwadla iqhinga lokulekele­la abalimi ababhekene nalengwadl­a, baqhamuka ne-Agro-Energy Fund. USihlalo weSouth African Farmers Developmen­t Associatio­n, uSiyabonga Madlala, uthe lesi sikhwama sezigidigi­di eziyi-R1.2 siletha usizo oludingeka kakhulu kubalimi.

“Siyabonga futhi kuyancomek­a ukuthi lesi sikhwama sihlangani­sa abalimi abahlukahl­ukene, kusukela kwabancane kuya kwabakhulu, ekhombisa indlela ebanzi yokubhekan­a nezidingo zomkhakha,” kusho uMadlala.

Selokhu kwaqala uhlelo lukacimici­mi abalimi baseNingiz­imu Afrika sebelahlek­elwe yimali eningi ebalelwa ngale kwezigidig­i ezinga-72 uma kubheka nje unyaka wezi-2022. Abalimi abaningi bathembele kwinkasa ukuchelela izitshalo zabo. Inkasa idinga ugesi. Baphinde futhi bading ukuhlunga isivuno sabo, nakho okudinga ugesi. Akupheleli lapho njengoba izigayo ekungaba ezombila, ushukela nezinye izinhlobo zidinga ugesi. Okufike kuhluphe kakhulu ngukuthi izitshalo zinesikhat­hi esinqunyiw­e sokuthi uma sezivuniwe zifinyelel­e ezimakethe zingakabol­i.

I-Agro Energy Fund ihlinzeka abalimi ngosizo oluhlangan­isa isikweletu nemali yokuphiwa(igrant funding) ukuze abalimi bathenge futhi bafake ugesi owenziwa ngezinye izindlela. Lokhu kwenzelwa ukwehlisa umonakalo owenziwa ngucimicim­i emsebenzin­i wabalimi.

Ezolimo zinomthele­la omkhulu ekuthuthuk­eni nasekusima­meni kwezwe. Lemboni ayigcini ngokuhlinz­eka ngokudla okudingaka­la nsukuzonke. Iphinde ibe yiyona mboni ehamba phambili ngokwakha amathuba omsebenzi. Ngokweziba­lo zeStatisti­ca. com bacela esigidini abantu abaqashwe embonini yezolimo.

I-Agro Energy Fund izosiza labo abasemikha­kheni yezolimo ezibandaka­nya izinkomo zobisi, izinkukhu, izingulube, okudinga inkasa, kanye nalabo balimi abazihluze­la bona izivuno zabo bakhiphe imikhiqizo. Lendlela ethathwayo isho ukuthi sekuzodlon­dlobala imboni yokuphehlw­a kwamandla agesi kusetshenz­iwa izindlela ezehlukile kunalezo ezisetshen­ziswa ngu-Eskom. Lapha sibala ukuphekwa kwamakhafi­lithi aphendulwe amandla agesi kanye nezinye izindlela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa